-
Numeri 14:35IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
35 “‘“Mina Jehova ngikhulumile. Yilokhu engizokwenza kuyo yonke le nhlangano embi, leyo eye yabuthana ndawonye ngokumelene nami: Izophelela kuleli hlane futhi izofela lapha. +
-
-
Numeri 16:1, 2IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
16 Ngemva kwalokho uKhora + indodana ka-Izihari, + indodana kaKohati, + indodana kaLevi, + wasukuma, yena noDathani no-Abhiramu amadodana ka-Eliyabe, + no-Oni indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni. + 2 Basukuma bamelana noMose, bona kanye namadoda angu-250 angama-Israyeli, izikhulu zenhlangano, abakhethiwe bebandla, amadoda avelele.
-