-
Numeri 21:23, 24IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
23 Kodwa uSihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule endaweni yakhe. Kunalokho waqoqa bonke abantu bakhe waphuma wayomelana no-Israyeli ehlane, wafika eJahazi waqala ukulwa no-Israyeli. + 24 Kodwa u-Israyeli wamnqoba ngenkemba + walidla izwe lakhe + kusukela e-Arinoni + kwaze kwaba seJabhoki, + eduze kwama-Amoni, ngoba iJazeri + liwumngcele wendawo yama-Amoni. +
-
-
Joshuwa 12:1, 2IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 Yilawa amakhosi anqotshwa ama-Israyeli empumalanga yeJordani, abe esethatha izwe lawo kusukela eSigodini* Sase-Arinoni + kukhuphukele eNtabeni iHermoni + nayo yonke ingxenye ye-Araba engasempumalanga: + 2 USihoni + inkosi yama-Amori owayehlala eHeshibhoni, ebusa kusukela e-Aroweri + elalisonqenqemeni lweSigodi* Sase-Arinoni, + naphakathi nesigodi nengxenye yeGileyadi kuze kufike eSigodini* SaseJabhoki, esiwumngcele wama-Amoni.
-