AmaHubo
Imaskili* likaDavide lapho esemhumeni. + Umthandazo.
142 Ngezwi lami, ngicela usizo kuJehova; +
Ngezwi lami, ngincenga uJehova ukuba angibonise umusa.
2 Ngithululela ukukhathazeka kwami kuye;
Ngimtshela ngokucindezeleka kwami +
3 Lapho umoya wami udangala* ngaphakathi kimi.
Khona-ke wena uqapha indlela yami. +
Endleleni engihamba kuyo,
Bangifihlela isicupho.
Akukho lapho ngingabalekela khona; +
Akekho noyedwa ozikhathaza ngami.
5 O Jehova, ngilucela kuwe usizo.
6 Lalela lapho ngikhalela usizo,
Ngoba ngithotshiswe kakhulu.
Ngikhulule kulabo abangishushisayo, +
Ngoba banamandla kunami.
7 Ngikhiphe* ejele
Ukuze ngidumise igama lakho.
Kwangathi abalungile bangangizungeza
Ngoba ungiphatha ngomusa.