Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 2 Samuweli 1
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

2 Samuweli Okuphakathi

      • UDavide uyezwa ngokufa kukaSawule (1-16)

      • Ingoma kaDavide yokulilela uSawule noJonathani (17-27)

2 Samuweli 1:1

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ukuyobulala ama-Amaleki.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 27:5, 6

2 Samuweli 1:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 31:1, 6; 1 IziKr. 10:4, 6

2 Samuweli 1:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 28:4; 1 IziKr. 10:1
  • +1Sa 31:3; 1 IziKr. 10:3

2 Samuweli 1:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 17:16; Dut 25:19; 1Sa 15:20; 30:1

2 Samuweli 1:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 31:4

2 Samuweli 1:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 31:11, 13
  • +1Sa 31:1

2 Samuweli 1:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Num 12:8; 1Sa 24:6; 26:9; 31:4

2 Samuweli 1:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 4:10

2 Samuweli 1:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 1:6, 10

2 Samuweli 1:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 31:6

2 Samuweli 1:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 10:13

2 Samuweli 1:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 31:8

2 Samuweli 1:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 31:9

2 Samuweli 1:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 31:1; 1 IziKr. 10:1
  • +Lev 27:16

2 Samuweli 1:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 18:4; 20:20
  • +1Sa 14:47

2 Samuweli 1:23

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “bejabulisa.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 18:1
  • +1Sa 31:6; 1 IziKr. 10:6
  • +Job 9:26
  • +IzA 30:30

2 Samuweli 1:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 31:8

2 Samuweli 1:26

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 18:1, 3
  • +1Sa 19:2; 20:17, 41; 23:16-18; IzA 17:17; 18:24

Okunye

2 Sam. 1:11Sa 27:5, 6
2 Sam. 1:41Sa 31:1, 6; 1 IziKr. 10:4, 6
2 Sam. 1:61Sa 28:4; 1 IziKr. 10:1
2 Sam. 1:61Sa 31:3; 1 IziKr. 10:3
2 Sam. 1:8Eks 17:16; Dut 25:19; 1Sa 15:20; 30:1
2 Sam. 1:101Sa 31:4
2 Sam. 1:121Sa 31:11, 13
2 Sam. 1:121Sa 31:1
2 Sam. 1:14Num 12:8; 1Sa 24:6; 26:9; 31:4
2 Sam. 1:152Sa 4:10
2 Sam. 1:162Sa 1:6, 10
2 Sam. 1:171Sa 31:6
2 Sam. 1:18Jos 10:13
2 Sam. 1:191Sa 31:8
2 Sam. 1:201Sa 31:9
2 Sam. 1:211Sa 31:1; 1 IziKr. 10:1
2 Sam. 1:21Lev 27:16
2 Sam. 1:221Sa 18:4; 20:20
2 Sam. 1:221Sa 14:47
2 Sam. 1:231Sa 18:1
2 Sam. 1:231Sa 31:6; 1 IziKr. 10:6
2 Sam. 1:23Job 9:26
2 Sam. 1:23IzA 30:30
2 Sam. 1:251Sa 31:8
2 Sam. 1:261Sa 18:1, 3
2 Sam. 1:261Sa 19:2; 20:17, 41; 23:16-18; IzA 17:17; 18:24
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
2 Samuweli 1:1-27

Eyesibili KaSamuweli

1 Ngemva kokufa kukaSawule, lapho uDavide esewanqobile* ama-Amaleki, uDavide wabuya wahlala eZikilagi + izinsuku ezimbili. 2 Ngosuku lwesithathu, kwafika umuntu evela ekamu likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enenhlabathi ekhanda. Lapho efika kuDavide, waguqa phansi wakhothama.

3 UDavide wathi kuye: “Uvelaphi?” Waphendula wathi: “Ngiphunyuke ekamu lakwa-Israyeli.” 4 UDavide wathi kuye: “Ngicela ungitshele. Ihambe kanjani impi?” Yena wathi: “Abantu babalekile empini, abaningi bafile. Ngisho noSawule nendodana yakhe uJonathani bafile.” + 5 UDavide wayibuza le nsizwa ebizombikela wathi: “Wazi kanjani ukuthi uSawule noJonathani indodana yakhe bafile?” 6 Le nsizwa yathi: “Ngithe ngiseNtabeni iGilibowa, + ngazithela kuSawule encike phezu komkhonto wakhe, izinqola zempi namadoda agibele amahhashi abesezomfica. + 7 Lapho ephenduka engibona, ube esengibiza, ngathi, ‘Yebo nkosi!’ 8 Uthe kimi, ‘Ungubani?’ ngathi kuye, ‘NgingumAmaleki.’ + 9 Ube esethi kimi, ‘Ngicela usondele ungibulale, ngoba ngisezinhlungwini ezinzima, kodwa ngisaphila.’ 10 Ngakho ngisondelile ngambulala, + ngoba bengibona ukuthi ngeke asinde njengoba ebelele phansi elimele. Ngibe sengithatha umqhele obusekhanda lakhe nebhengela ebelisengalweni yakhe, ukuze ngikulethe lapha enkosini yami.”

11 Lapho ezwa lokho uDavide wabamba izingubo zakhe waziklebhula, enza kanjalo nawo wonke amadoda ayenaye. 12 Balila bakhala, bazila nokudla + kwaze kwaba kusihlwa ngenxa yokuthi uSawule, uJonathani indodana yakhe, nabaningi kubantu bakaJehova, ama-Israyeli + amaningi ayebulawe ngenkemba.

13 UDavide wathi ensizweni ebimlethele umbiko: “Ungowaphi?” Le nsizwa yathi: “Ngiyindodana yomAmaleki, umuntu wokufika kwa-Israyeli.” 14 UDavide wathi kuyo: “Kungani ungesabanga ukwelula isandla sakho ubulale ogcotshiwe kaJehova?” + 15 Ngakho uDavide wabiza enye yezinsizwa wathi kuyo: “Sondela umbulale.” Ngakho yamgwaza wafa. + 16 UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho liphezu kwekhanda lakho, ngoba uzilahle wena ngomlomo wakho lapho ufakaza uthi, ‘Mina uqobo ngimbulele ogcotshiwe kaJehova.’ ” +

17 Ngemva kwalokho uDavide wahaya le ngoma yokulilela uSawule noJonathani indodana yakhe + 18 futhi wathi abantu bakwaJuda kufanele bafundiswe le ngoma yokulila ethi “UMnsalo,” elotshwe encwadini kaJashari: +

19 “O Israyeli, abantu abakhazimulayo badindilizile ezindaweni zakho eziphakeme ezingcwele. +

Yeka ukuwa kwamaqhawe!

20 Ningakubiki eGati; +

Ningakumemezeli emigwaqweni yase-Ashikeloni,

Ngoba amadodakazi amaFilisti azojabula,

Amadodakazi abantu abangasokile azokwethaba.

21 Nina zintaba zaseGilibowa, +

Makungabi namazolo namvula phezu kwenu,

Kungabi namasimu akhiqiza iminikelo engcwele, +

Ngoba langcoliswa lapho ihawu lamaqhawe,

Ihawu likaSawule alisagcotshiwe ngamafutha.

22 Umnsalo kaJonathani awubuyanga, +

Egazini lababulewe, emanonini amaqhawe,

Nenkemba kaSawule yayingabuyi ingaphumelelanga. +

23 USawule noJonathani, + babethandeka futhi beyigugu* ngesikhathi besaphila,

Nasekufeni abahlukaniswanga. +

Babenejubane ngaphezu kwezinkozi, +

Benamandla ngaphezu kwamabhubesi. +

24 Madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule,

Owanigqokisa okubomvu kanye nezinto zekhethelo,

Owafaka imihlobiso yegolide ezingutsheni zenu.

25 Yeka ukuwa kwamaqhawe empini!

UJonathani udindilize ezintabeni! +

26 Ngidabukile ngawe, mfowethu Jonathani;

Bengikuthanda kakhulu. +

Uthando lwakho belumangalisa kakhulu kimi ludlula uthando lwabesifazane. +

27 Yeka ukuwa kwamaqhawe

Nezikhali zempi zishabalele!”

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela