Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 33
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • UJakobe uhlangana no-Esawu (1-16)

      • UJakobe uya eShekemi (17-20)

Genesise 33:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 32:6
  • +Gen 32:22

Genesise 33:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 30:7, 12
  • +Gen 30:19
  • +Gen 30:22-24

Genesise 33:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 32:22; IHu 127:3

Genesise 33:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 33:2

Genesise 33:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 32:16
  • +Gen 32:4, 5

Genesise 33:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 36:6, 7

Genesise 33:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 32:11, 20

Genesise 33:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 32:13-15
  • +Gen 30:43

Genesise 33:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 31:17

Genesise 33:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 32:3

Genesise 33:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “Amadokodo; Imipheme.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 13:24, 27; 1Kh 7:46

Genesise 33:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 25:20; 28:6
  • +Jos 24:1
  • +Gen 10:19; 12:6

Genesise 33:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 24:32; IzE 7:15, 16

Genesise 33:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 35:1, 7

Okunye

Gen. 33:1Gen 32:6
Gen. 33:1Gen 32:22
Gen. 33:2Gen 30:7, 12
Gen. 33:2Gen 30:19
Gen. 33:2Gen 30:22-24
Gen. 33:5Gen 32:22; IHu 127:3
Gen. 33:7Gen 33:2
Gen. 33:8Gen 32:16
Gen. 33:8Gen 32:4, 5
Gen. 33:9Gen 36:6, 7
Gen. 33:10Gen 32:11, 20
Gen. 33:11Gen 32:13-15
Gen. 33:11Gen 30:43
Gen. 33:13Gen 31:17
Gen. 33:14Gen 32:3
Gen. 33:17Jos 13:24, 27; 1Kh 7:46
Gen. 33:18Gen 25:20; 28:6
Gen. 33:18Jos 24:1
Gen. 33:18Gen 10:19; 12:6
Gen. 33:19Jos 24:32; IzE 7:15, 16
Gen. 33:20Gen 35:1, 7
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 33:1-20

Genesise

33 UJakobe waphakamisa amehlo wabona u-Esawu eza, ekanye namadoda angu-400. + Ngakho wahlukanisa abantwana wabanika uLeya, uRaheli nezincekukazi ezimbili. + 2 Wabeka izincekukazi nabantwana bazo phambili, + uLeya nabantwana bakhe ngemva kwazo, + kwathi uRaheli + noJosefa wababeka emva kwabo. 3 Yena wabe esedlulela ngaphambi kwabo wayesekhothama kasikhombisa emhlabathini njengoba ayesondela kumfowabo.

4 Kodwa u-Esawu wagijima wamhlangabeza, wamanga, wamqabula, base bekhala kakhulu. 5 Lapho u-Esawu ephakamisa amehlo ebona abesifazane nabantwana, wathi: “Obani laba abakanye nawe?” yena wathi: “Ngabantwana uNkulunkulu ayibonise ngabo umusa inceku yakho.” + 6 Kwabe sekusondela izincekukazi kanye nabantwana bazo, bakhothama, 7 noLeya naye wasondela kanye nabantwana bakhe, bakhothama. Ngemva kwalokho noJosefa wasondela kanye noRaheli, bakhothama. +

8 U-Esawu wathi: “Kungani uthumele laba bantu nemihlambi engihlangane nayo?” + Waphendula: “Ukuze ngithole umusa enkosini yami.” + 9 U-Esawu wayesethi: “Nginempahla eningi kakhulu, mfowethu. + Ungayigcina impahla yakho.” 10 Nokho, uJakobe wathi: “Ngicela kungabi kanjalo. Uma ngithole umusa kuwe, kumele usithathe isipho sami esandleni sami, ngoba ngisilethe ngenjongo yokubona ubuso bakho. Sengibubonile ubuso bakho njengokungathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu ngokuthi ungamukele ngenjabulo. + 11 Ngiyacela, sithathe isipho esilethwe kuwe esidlulisela isibusiso sami, + ngoba uNkulunkulu ube nomusa kimi futhi nginakho konke engikudingayo.” + Waqhubeka emncenga, waze wasithatha.

12 Kamuva u-Esawu wathi: “Masisuke sihambe, mina ngihambe phambi kwakho.” 13 Kodwa uJakobe wathi kuye: “Inkosi yami iyaqaphela ukuthi abantwana bantekenteke + nokuthi ngihamba nezimvu nezinkomo ezincelisayo. Uma ziqhutshwa ngokushesha kakhulu usuku olulodwa, wonke umhlambi uzofa. 14 Ngiyacela, inkosi yami mayihambe kuqala kunenceku yayo, kodwa mina ngizoqhubeka nohambo ngingasheshi, ngihambe ngejubane lemfuyo yami nelabantwana ngize ngifike enkosini yami eSeyiri.” + 15 U-Esawu wayesethi: “Ngicela ungivumele ngishiye kuwe abanye babantu abanami.” Wathi: “Kungani wenza kanje? Ngicela inkosi yami ingibonise umusa.” 16 Ngakho ngalolo suku u-Esawu wabuyela eSeyiri.

17 UJakobe waya eSukoti, + wazakhela indlu wenzela nomhlambi wakhe imipheme. Yingakho aqamba leyo ndawo ngokuthi iSukoti.*

18 Ngemva kokusuka ePhadani-aramu, + uJakobe wafika ephephile edolobheni laseShekemi, + ezweni laseKhanani, + wagxumeka itende lakhe eduze kwalelo dolobha. 19 Wabe esezitholela isiqephu sendawo ayegxumeke kuyo itende emadodaneni kaHamori, uyise kaShekemi, ngezinhlamvu zemali ezingu-100. + 20 Walimisa lapho i-altare walibiza ngokuthi uNkulunkulu, uNkulunkulu Ka-Israyeli. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela