Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Johane 20
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Johane Okuphakathi

      • Ithuna elingenalutho (1-10)

      • UJesu ubonakala kuMariya Magdalena (11-18)

      • UJesu ubonakala kubafundi bakhe (19-23)

      • UTomase uyangabaza kodwa kamuva uyakholwa (24-29)

      • Injongo yalo mqulu (30, 31)

Johane 20:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 28:1; Mar 16:1, 2
  • +Luk 24:1-3

Johane 20:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 13:23; 19:26; 21:24
  • +Joh 19:41, 42

Johane 20:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 19:40

Johane 20:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 16:10; Mat 16:21; IzE 2:27

Johane 20:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 16:5

Johane 20:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 24:15, 16, 30, 31; Joh 21:4

Johane 20:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 28:10
  • +Joh 14:28; 16:28
  • +1Ko 11:3; Efe 1:17; Kol 1:3

Johane 20:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 24:9, 10

Johane 20:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 24:36

Johane 20:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 19:34
  • +Joh 16:22

Johane 20:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 24:36
  • +Isay 61:1; Joh 5:36
  • +Mat 28:19, 20; Joh 17:18

Johane 20:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 2:2, 4

Johane 20:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 11:16

Johane 20:25

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “izibazi.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 19:34

Johane 20:26

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 20:19

Johane 20:27

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiGreki, “ukungakholwa.”

Johane 20:30

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 21:25

Johane 20:31

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 3:15; 5:24; 1Pe 1:8, 9; 1Jo 5:13

Okunye

Joh. 20:1Mat 28:1; Mar 16:1, 2
Joh. 20:1Luk 24:1-3
Joh. 20:2Joh 13:23; 19:26; 21:24
Joh. 20:2Joh 19:41, 42
Joh. 20:5Joh 19:40
Joh. 20:9IHu 16:10; Mat 16:21; IzE 2:27
Joh. 20:12Mar 16:5
Joh. 20:14Luk 24:15, 16, 30, 31; Joh 21:4
Joh. 20:17Mat 28:10
Joh. 20:17Joh 14:28; 16:28
Joh. 20:171Ko 11:3; Efe 1:17; Kol 1:3
Joh. 20:18Luk 24:9, 10
Joh. 20:19Luk 24:36
Joh. 20:20Joh 19:34
Joh. 20:20Joh 16:22
Joh. 20:21Luk 24:36
Joh. 20:21Isay 61:1; Joh 5:36
Joh. 20:21Mat 28:19, 20; Joh 17:18
Joh. 20:22IzE 2:2, 4
Joh. 20:24Joh 11:16
Joh. 20:25Joh 19:34
Joh. 20:26Joh 20:19
Joh. 20:30Joh 21:25
Joh. 20:31Joh 3:15; 5:24; 1Pe 1:8, 9; 1Jo 5:13
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Johane 20:1-31

NgokukaJohane

20 Ngosuku lokuqala lwesonto uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni, + kusemnyama, wabona ukuthi itshe lase lisusiwe ethuneni. + 2 Ngakho weza egijima kuSimoni Petru nakulona omunye umfundi uJesu ayemthanda, + wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, + asazi ukuthi bayibekephi.”

3 Khona-ke uPetru nalona omunye umfundi baphuma baya ethuneni. 4 Bobabili bagijima kanyekanye, kodwa lona omunye umfundi wagijima wamshiya uPetru, wafika kuqala ethuneni. 5 Lapho elunguza, wabona izindwangu zelineni zilapho phansi, + kodwa akazange angene. 6 USimoni Petru naye weza emlandela, wangena ethuneni. Wabona izindwangu zelineni zilapho phansi. 7 Indwangu eyayisekhanda lakhe yayingekho kanye nezinye izindwangu kodwa yayigoqwe yodwa eceleni. 8 Nalona omunye umfundi owayefike kuqala ethuneni naye wangena, wabona futhi wakholwa. 9 Ngoba babengakawuqondi umbhalo othi kumele avuke kwabafile. + 10 Ngakho laba bafundi babuyela emakhaya.

11 Nokho, uMariya waqhubeka emi ngaphandle eduze kwethuna, ekhala. Lapho esakhala, walunguza ethuneni, 12 wabona izingelosi ezimbili + zigqoke okumhlophe zihlezi lapho kwakukade kulele khona isidumbu sikaJesu, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni. 13 Zathi kuye: “Sifazane, ukhalelani?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, angazi ukuthi bayibekephi.” 14 Ngemva kokusho lokhu, waphenduka futhi wabona uJesu emile, kodwa wayengazi ukuthi kwakunguJesu. + 15 UJesu wathi kuye: “Sifazane, ukhalelani? Ufuna bani?” Yena ecabanga ukuthi ngumuntu osebenza engadini, wathi kuye: “Mnumzane, uma umthathile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngizomthatha.” 16 UJesu wathi kuye: “Mariya!” Lapho ephenduka wathi kuye, ngesiHebheru: “Raboni!” (okusho ukuthi “Mfundisi!”) 17 UJesu wathi kuye: “Yeka ukunamathela kimi, ngoba angikanyukeli kuBaba. Kodwa hamba uye kubafowethu + uthi kubo, ‘Nginyukela kuBaba + noYihlo, kuNkulunkulu wami + noNkulunkulu wenu.’ ” 18 UMariya Magdalena weza waletha lezi zindaba kubafundi wathi: “Ngiyibonile iNkosi!” Wabatshela izinto eyayimtshele zona. +

19 Lapho selishonile ngalolo suku, usuku lokuqala lwesonto, futhi iminyango yayikhiyiwe lapho abafundi babekhona ngenxa yokwesaba amaJuda, uJesu wafika wama phakathi kwabo wathi kubo: “Kwangathi ningaba nokuthula.” + 20 Ngemva kokusho lokhu, wababonisa izandla zakhe nohlangothi lwakhe. + Khona-ke abafundi bajabula lapho bebona iNkosi. + 21 UJesu waphinda wathi kubo: “Kwangathi ningaba nokuthula. + Njengoba nje uBaba engithumile, + nami ngiyanithuma.” + 22 Ngemva kokusho lokhu wabaphephetha wathi kubo: “Yamukelani umoya ongcwele. + 23 Uma nithethelela izono zanoma yimuphi umuntu, zithethelelwe; uma ningazithetheleli ezanoma yimuphi umuntu, azithethelelwe.”

24 Kodwa uTomase, + omunye wabayiShumi Nambili, owayebizwa ngokuthi iWele, wayengekho kanye nabo lapho uJesu efika. 25 Ngakho abanye abafundi bamxoxela bathi: “Siyibonile iNkosi!” Kodwa yena wathi kubo: “Ngaphandle kokuba ngibone amanxeba* ezipikili ezandleni zayo futhi ngifake umunwe wami kulawo manxeba ezipikili, ngibeke nesandla sami ohlangothini lwayo, + ngeke ngikholwe.”

26 Nokho, ngemva kwezinsuku ezingu-8 abafundi bakhe babesendlini futhi, noTomase ekanye nabo. UJesu wafika, nakuba iminyango yayikhiyiwe, wama phakathi kwabo wathi: “Kwangathi ningaba nokuthula.” + 27 Ngemva kwalokho wathi kuTomase: “Faka umunwe wakho lapha, ubone izandla zami, uthathe isandla sakho uthinte uhlangothi lwami, uyeke ukungabaza* kodwa ukholwe.” 28 UTomase waphendula wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!” 29 UJesu wathi kuye: “Ingabe usuyakholwa ngoba usungibonile? Bayajabula labo okuthi nakuba bengabonanga nokho bakholwe.”

30 Empeleni, uJesu wenza nezinye izibonakaliso eziningi phambi kwabafundi, ezingabhalwanga kulo mqulu. + 31 Kodwa lezi zibhaliwe ukuze nikholwe ukuthi uJesu unguKristu iNdodana kaNkulunkulu, futhi ngenxa yokukholwa, nibe nokuphila ngegama lakhe. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela