UJeremiya
21 Kwafika izwi kuJeremiya livela kuJehova ngesikhathi iNkosi uZedekiya + ithumela kuye uPhashuri + indodana kaMalikhija noZefaniya + indodana kaMahaseya, umpristi, bethi: 2 “Sicela usibuzele kuJehova, ngoba inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari* ilwa nathi. + Mhlawumbe uJehova uzosenzela izimangaliso njengoba enza kudala bese ihoxa.” +
3 UJeremiya wathi kubo: “Yilokhu okufanele nikusho kuZedekiya, 4 ‘Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo: “Ngiphendula izikhali zempi enilwa ngazo nenkosi yaseBhabhiloni + namaKhaledi anivimbezele ngaphandle kodonga ukuba zimelane nani. Ngizoziqoqa ngizibeke phakathi nedolobha. 5 Mina ngizolwa + nani ngesandla eseluliwe nangengalo enamandla, ngentukuthelo, ngokufutheka nangolaka olukhulu. + 6 Ngizoshaya izakhamuzi zaleli dolobha, kokubili abantu nezilwane. Bazobulawa yisifo esikhulu esiwumshayabhuqe.” ’ +
7 “ ‘ “Ngemva kwalokho,” kusho uJehova, “uZedekiya inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu baleli dolobha—labo abasinde esifweni esiwumshayabhuqe, enkembeni nasendlaleni—ngiyobanikela esandleni sikaNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni, ezitheni zabo nakulabo abafuna ukubabulala. + Uyobabulala ngenkemba. Ngeke abahawukele, ngeke abazwele noma ababonise isihe.” ’ +
8 “Kufanele uthi kulesi sizwe, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Ngibeka phambi kwenu indlela yokuphila nendlela yokufa. 9 Labo abangabaleki kuleli dolobha bayofa ngenkemba, ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe. Kodwa lowo ophumayo azinikele kumaKhaledi anivimbezele uyoqhubeka ephila, uyosindisa ukuphila kwakhe.” ’ +
10 “ ‘ “Ngililahlile leli dolobha, liyokwehlelwa inhlekelele futhi akukho okuhle eliyokuthola,” + kusho uJehova. “Liyonikelwa enkosini yaseBhabhiloni, + yona iyolishisa ngomlilo.” +
11 “ ‘Wena ndlu yenkosi yakwaJuda: Yizwa izwi likaJehova. 12 O nina ndlu kaDavide, yilokhu uJehova akushoyo:
“Yibani nobulungisa njalo,
Nisize ontshontshelwa yisigebengu, +
Ukuze intukuthelo yami ingavuthi njengomlilo +
Ivuthe kungenamuntu ozoyicima
Ngenxa yezenzo zenu ezimbi.” ’ +
13 ‘Nina enihlala esigodini* ngizonijezisa,
O nina bantu enihlala edolobheni elakhiwe edwaleni,’ kusho uJehova.
‘Nina enithi: “Ngubani ozomelana nathi?
Ngubani ozongena ngenkani ezindaweni zethu zokuhlala?”
14 Ngizonijezisa,
Ngokwezenzo zenu’ + kusho uJehova.
‘Ngizolishisa ngomlilo ihlathi lenu,
Futhi uyoshisa zonke izinto ezinxazonke zenu.’ ” +