uJobe
34 U-Elihu waqhubeka waphendula, wathi:
2 “Lalelani amazwi ami, nina enihlakaniphile;
Ngizweni, nina enazi kakhulu.
3 Ngoba indlebe ivivinya amazwi
Njengoba nje nolimi* lunambitha ukudla.
4 Masizihlolele thina ukuthi yini elungile;
Masizinqumele thina ukuthi yikuphi okuhle.
6 Ngingawaqamba yini amanga ngesahlulelo okufanele ngisithole?
Inxeba lami alelapheki, nakuba kungekho seqo.’ +
7 Ikhona yini indoda efana noJobe,
Eyamukela ukwenziwa inhlekisa njengokungathi iphuza amanzi?
8 Uhamba nabantu abenza okubi,
Uzihlanganisa nabantu ababi. +
9 Ngoba uthe, ‘Umuntu akazuzi
Ngokuzama ukujabulisa uNkulunkulu.’ +
10 Ngakho ngilaleleni nina madoda anokuqonda:*
UNkulunkulu weqiniso akakucabangi nokukucabanga ukwenza okubi, +
UMninimandla Onke akakucabangi ukwenza okungalungile! +
11 Ngoba uyovuza umuntu ngokwalokho akwenzayo, +
Amvumele ukuba avune imiphumela yezindlela zakhe.
13 Ubani omphathise umhlaba,
Ombeke phezu kwalo lonke izwe?*
14 Uma* ebajikela abantu,
Uma ebuthela kuye umoya nokuphefumula kwabo, +
15 Bonke abantu bayoshabalala,
Isintu sibuyele othulini. +
16 Ngakho uma unokuqonda, lalela lokhu;
Kulalelisise engikushoyo.
17 Ingabe umuntu ozonda ubulungisa kufanele kube nguye olawulayo,
Noma ingabe uyomlahla umuntu onamandla olungile?
18 Ungasho yini enkosini ukuthi, ‘Awulusizo lwalutho’?
Noma ezicukuthwaneni ukuthi, ‘Nibabi’? +
19 Ukhona Lowo ongakhethi lapho esebenzelana nezikhulu
Nongakhethi abacebile acindezele abampofu, *+
Ngoba bonke bawumsebenzi wezandla zakhe. +
20 Bangase bafe kungazelelwe + phakathi nobusuku; +
Bayadiyazela badlule;
Ngisho nabanamandla bayasuswa, kodwa abasuswa isandla somuntu. +
21 Ngoba amehlo kaNkulunkulu asezindleleni zomuntu, +
Ubona zonke izinyathelo zakhe.
22 Abukho ubumnyama noma ithunzi elimnyama
Lapho abenzi bokubi bengazifihla khona. +
23 Ngoba akekho umuntu uNkulunkulu ake wambekela isikhathi
Ukuze avele phambi kwakhe azokwahlulelwa.
24 Uphihliza abanamandla ngaphandle kokwenza uphenyo,
Amise abanye endaweni yabo. +
26 Uyabashaya ngenxa yobubi babo,
Phambi kwabo bonke abantu, +
27 Ngesizathu sokuthi bayekile ukumlandela +
Futhi abanandaba nazo zonke izindlela zakhe; +
28 Benza abampofu ukuba bakhalele kuye,
Ukuze akuzwe ukukhala kwabangakwazi ukuzisiza. +
29 Lapho uNkulunkulu ethula, ubani ongamlahla?
Lapho efihla ubuso bakhe, ubani ongambona?
Kungakhathaliseki ukuthi ukwenza esizweni noma kumuntu, umphumela uyafana,
30 Ukuze umuntu ongamesabi uNkulunkulu* angabusi +
Noma abekele abantu izicupho.
31 Ukhona yini oyothi kuNkulunkulu,
‘Ngijezisiwe, nakuba kungekho cala engilenzile; +
32 Ngifundise lokho engihlulekile ukukubona;
Uma kukhona okungalungile engikwenzile, ngeke ngiphinde ngikwenze’?
33 Ingabe kufanele akuvuze ngemibandela yakho lapho wenqaba isahlulelo sakhe?
Nguwe okufanele unqume, akumina.
Ngakho ngitshele lokho okwazi kahle.
34 Abantu abanokuqonda bazothi kimi
—Noma iyiphi indoda ehlakaniphile engizwayo—
35 ‘UJobe ukhuluma engenalo ulwazi, +
Namazwi akhe antula ukuqonda.’
36 UJobe makavivinywe* kuze kube sekugcineni
Ngoba izimpendulo zakhe zifana nezabantu ababi!