AmaHubo
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
13 O Jehova, uyongikhohlwa kuze kube nini? Kuze kube phakade?
Kuyoze kube nini ungifihlele ubuso bakho? +
2 Kuyoze kube nini ngikhathazekile,
Nginosizi enhliziyweni yami usuku nosuku?
Kuyoze kube nini isitha singinqoba? +
3 Ngibheke ungiphendule, O Jehova Nkulunkulu wami.
Phinde ungiphe amandla* ukuze ngingafi,
4 Ukuze isitha sami singathi: “Ngimnqobile!”
Ungabavumeli abaphikisana nami bajabule ngokuwa kwami. +