uJobe
9 UJobe waphendula wathi:
2 “Ngempela ngiyazi ukuthi kunjalo.
Kodwa umuntu ofayo angaba kanjani ongenaphutha phambi kukaNkulunkulu? +
3 Uma kukhona ofisa ukuphikisana naye, *+
Lowo muntu ngeke akwazi ukuphendula ngisho nowodwa umbuzo wakhe kweyinkulungwane.
4 Unenhliziyo ehlakaniphile futhi unamandla amakhulu. +
Ubani ongamelana naye futhi asale engenamyocu? +
5 Ugudluza* izintaba kungekho noyedwa owaziyo;
Uyazigumbuqela ngentukuthelo yakhe.
6 Uzamazamisa umhlaba,
Kangangokuba izinsika zawo ziyaqhaqhazela. +
7 Uyala ilanga ukuba lingakhanyi
Afihle ukukhanya kwezinkanyezi; +
8 Yena uqobo welula amazulu, +
Anyathele phezu kwamagagasi aphakeme olwandle. +
9 Wenza iqoqo lezinkanyezi i-Ashi, iKhesili neKhima, +
Namaqoqo ezinkanyezi asesibhakabhakeni saseningizimu;*
10 Wenza izinto ezinkulu ezingaphenyeki, +
Izinto ezimangalisayo ezingabaleki. +
11 Udlula ngakimi kodwa angikwazi ukumbona;
Udlula ngakimi, kodwa angimqapheli.
12 Lapho ehlwitha okuthile, ubani ongamnqanda?
Ubani ongathi kuye, ‘Wenzani?’ +
14 Kangakanani-ke lapho ngimphendula
Ingabe kumele ngikhethe amazwi ami ngokucophelela ukuze ngikhulume naye?
15 Ngisho noma bengingenaphutha, bengingeke ngimphendule. +
Ebengingakwenza nje ukunxusa isihe kumahluleli wami.*
16 Uma ngimbiza, uyongiphendula yini?
Angikholwa ukuthi uyolilalela izwi lami,
17 Ngoba ungichoboza ngazo zonke izinhlekelele
Andise amanxeba ami ngaphandle kwesizathu. +
18 Akanginiki ithuba lokukhokha umoya;
Ulokhu andisa ubuhlungu bami.
19 Uma kuziwa emandleni, nguye onamandla. +
Endabeni yobulungisa, uthi: ‘Ubani ongangibizela ukuzolandisa?’
20 Ngisho noma bengingenaphutha, umlomo wami ubuyongilahla;
22 Konke kuyafana. Yingakho ngithi,
‘Ubhubhisa ongenacala* nomubi ngendlela efanayo.’
23 UNkulunkulu uyobahleka abangenacala,
Labo abafa ngokuzumayo bebulawa isikhukhula esisheshayo.
Nguyena kuphela ongenza lokhu.
25 Izinsuku zami nazo zishesha kakhulu kunomgijimi; +
Ziyabaleka zingakuboni okuhle.
26 Zihamba njengezikebhe zomhlanga,
Njengezinkozi ezehla ngokushesha zifike zicaphune izilwane ezizizingelayo.
27 Uma ngingathi, ‘Ngizosikhohlwa isikhalo sami,
Ngizoshintsha ngijabule,’
28 Ngisazoqhubeka ngesaba ngenxa yazo zonke izinhlungu zami, +
Futhi ngiyazi ukuthi ngeke ungithole ngimsulwa.
29 Bengisayotholakala nginecala.*
Pho kungani kufanele ngikhandlekele ize? +
30 Uma ngigeza emanzini ahlanzekile,*
Ngigeza nezandla zami ngensipho, *+
31 Ubuyongifaka emgodini,
Kangangokuba ngisho nezingubo zami beziyonengwa yimi.
32 Ngoba akayena umuntu ofana nami ukuba ngingamphendula,
Ukuba singaya naye enkantolo. +