Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Hezekeli 8
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Hezekeli Okuphakathi

      • UHezekeli uyiswa eJerusalema ngombono (1-4)

      • Kubonakala izinto ezinengekayo ethempelini (5-18)

        • Abesifazane bakhalela uTamuzi (14)

        • Amadoda akhothamela ilanga (16)

Hezekeli 8:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dan 7:9
  • +Hez 1:4, 27

Hezekeli 8:3

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “isithixo.”

  • *

    NgesiHebheru, “womhawu wokukhonza izithombe ovusa umhawu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 20:2; Hez 9:2
  • +Dut 32:16

Hezekeli 8:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 40:34
  • +Hez 1:27, 28

Hezekeli 8:5

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “lesi sithixo.”

Hezekeli 8:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 36:14
  • +Jer 26:4, 6

Hezekeli 8:10

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Lena yinkulumo yesiHebheru okungenzeka ihlobene negama elisho “ubulongwe,” isetshenziswa njengenkulumo yokwedelela.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 11:10
  • +Eks 20:4, 5

Hezekeli 8:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 22:3, 4; 25:22; Jer 26:24
  • +Hez 16:17, 18

Hezekeli 8:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 29:15; Hez 9:9

Hezekeli 8:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 36:14

Hezekeli 8:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 4:9
  • +Dut 4:19; 2Kh 17:16; Jer 8:1, 2

Hezekeli 8:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Ngokusobala igatsha elalisetshenziselwa ukukhulekela izithombe.

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 21:16; Jer 19:4; Hez 9:9

Hezekeli 8:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hez 5:11; 7:9
  • +Isay 1:15; Mik 3:4

Okunye

Hez. 8:2Dan 7:9
Hez. 8:2Hez 1:4, 27
Hez. 8:3Jer 20:2; Hez 9:2
Hez. 8:3Dut 32:16
Hez. 8:4Eks 40:34
Hez. 8:4Hez 1:27, 28
Hez. 8:62Kr 36:14
Hez. 8:6Jer 26:4, 6
Hez. 8:10Lev 11:10
Hez. 8:10Eks 20:4, 5
Hez. 8:112Kh 22:3, 4; 25:22; Jer 26:24
Hez. 8:11Hez 16:17, 18
Hez. 8:12Isay 29:15; Hez 9:9
Hez. 8:152Kr 36:14
Hez. 8:162Kr 4:9
Hez. 8:16Dut 4:19; 2Kh 17:16; Jer 8:1, 2
Hez. 8:172Kh 21:16; Jer 19:4; Hez 9:9
Hez. 8:18Hez 5:11; 7:9
Hez. 8:18Isay 1:15; Mik 3:4
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Hezekeli 8:1-18

UHezekeli

8 Ngonyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngosuku lwesihlanu lwenyanga, lapho ngihlezi endlini yami futhi amadoda amadala akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi EnguMbusi uJehova sangibamba. 2 Njengoba ngangibhekile, ngabona okuthile okusamuntu okubukeka njengomlilo; kwakukhona umlilo ngezansi kwalokho okwakubonakala kunjengokhalo lwakhe, + kusukela okhalweni lwakhe kuya phezulu wayekhanya njengegolide elixutshwe nesiliva. + 3 Wabe eselula okwakubonakala kuyisandla wangibamba ngezinwele zekhanda lami, umoya wangithwala phakathi komhlaba namazulu wangiyisa eJerusalema ngemibono kaNkulunkulu, emnyango wesango elingaphakathi + elibheke enyakatho lapho kwakumi khona umfanekiso* wokukhonza izithombe othukuthelisa uNkulunkulu. *+ 4 Bheka! Inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayilapho, + injengokubonakala engangikubone ethafeni. +

5 Wabe esethi kimi: “Ndodana yomuntu, ngicela uphakamisele amehlo akho ngasenyakatho.” Ngakho ngawaphakamisela ngasenyakatho amehlo ami, enyakatho yesango le-altare kwakukhona lo mfanekiso* othukuthelisa uNkulunkulu esangweni. 6 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyazibona yini izinto ezishaqisayo nezinengekayo ezenziwa yindlu ka-Israyeli lapha, + izinto ezingidedisela kude nendlu yami engcwele? + Kodwa uzobona izinto ezinengekayo ezishaqisa nakakhulu.”

7 Ngemva kwalokho wangiyisa emnyango wegceke, lapho ngibuka, ngabona imbobo odongeni. 8 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngicela ulubhoboze udonga.” Ngalubhoboza udonga, ngabona indawo yokungena. 9 Wathi kimi: “Ngena ubone izinto ezimbi ezinengekayo abazenzayo lapha.” 10 Ngakho ngangena ngabuka, ngabona zonke izinhlobo zezithombe zezinto ezinwabuzelayo nezilwane ezinyanyekayo + nazo zonke izithixo ezinyanyekayo* zendlu ka-Israyeli; + zaziqoshwe nxazonke zodonga. 11 Phambi kwazo kwakumi amadoda amadala angu-70 endlu ka-Israyeli, uJahazaniya indodana kaShafani + emi phakathi kwawo. Ngayinye yayiphethe isitsha sempepho, kwenyuka ifu elinamakha lempepho. + 12 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyakubona yini okwenziwa amadoda amadala endlu ka-Israyeli ebumnyameni, ngamunye wawo emakamelweni angaphakathi okubekwe kuwo izithixo zakhe? Ngoba athi, ‘UJehova akasiboni. UJehova ulishiyile izwe.’ ” +

13 Wabe esethi kimi: “Uzobona izinto ezinengekayo ezishaqisa nakakhulu azenzayo.” 14 Ngakho wangiyisa esangweni elingasenyakatho lendlu kaJehova, lapho ngabona abesifazane behlezi bekhalela unkulunkulu uTamuzi.

15 Wabuye wathi kimi: “Uyakubona yini lokhu ndodana yomuntu? Uzobona izinto ezinengekayo ezishaqisa nakakhulu kunalezi.” + 16 Ngakho wangiyisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova. + Laphaya emnyango wethempeli likaJehova, phakathi kompheme ne-altare, kwakukhona amadoda angaba ngu-25 efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubheke empumalanga; ayekhothamela ilanga empumalanga. +

17 Wathi kimi: “Uyakubona yini lokhu ndodana yomuntu? Ingabe kuyinto ewubala ukuthi indlu kaJuda yenza lezi zinto ezinengekayo, ukuthi igcwalisa izwe ngobudlova, + iqhubeka nokungicasula? Awubheke manje ifaka igatsha* ekhaleni lami. 18 Ngenxa yalokho nami ngizobonisa ulaka lwami. Iso lami ngeke libe nesihawu; ngeke ngibe naluzwela. + Noma bangamemeza bakhale kakhulu, ngeke ngibezwe.” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela