Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 1/8 k. 21-k. 22
  • Idrama YaseChile Ishukumisa Uthando LobuKristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Idrama YaseChile Ishukumisa Uthando LobuKristu
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usizi Olwandle Lodaka
  • Okuthile Okuyigugu Kakhulu Kunezinto Ezibonakalayo
  • Uthando LobuKristu Luyasebenza
  • Ukukhula Othandweni Ndawonye
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Into Okungekho Siphepho Esingayikhukhula
    I-Phaphama!—2003
  • Wake Wayibona Inhlanzi Ihamba?
    I-Phaphama!—1999
  • Lapho Intaba Izama Ukuhlangana Nolwandle
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 1/8 k. 21-k. 22

Idrama YaseChile Ishukumisa Uthando LobuKristu

Ngumlobeli wePhaphama! eChile

INYAKATHO CHILE yaziwa ngoGwadule lwayo olomile iAtacama, nezindawo zayo ezinde ezingahlali bantu ezifinyelela kude. Imvula ayivamile kangangokuthi lokho abantu abaningi abangakubiza ngokuthi inkungu kubhekwa njengemvula kulendawo ewugwadule ephakathi koLwandlekazi iPacific neziNtaba iAndes. Ngenxa yalezimo zezulu, amakhaya amaningi awayilungele imvula, futhi ngisho nalapho imvula ina khona ngezikhathi ezithile—mhlawumbe kanye ngemva kweminyaka eyisihlanu—abaningi abazihluphi neze ngokuhlola ukuthi kungenzeka yini ukuthi uphahla luyavuza kuze kube yilapho lina. Leliqiniso ngokunokwenzeka lasindisa ukuphila kwabaningi eAntofagasta, idolobha elinezakhamuzi ezingu-250 000.

Ngobusuku bangoMsombuluko, ngoJune 17, 1991, abantu abaningi babelungiselela ukulala, lapho imvula enkulu iqala ukuna. Uphahla lwezindlu eziningi lwaluvuza, ngakho kunokuba baye kolala, abantu babezama ukuvala izimbobo noma ukunciphisa umonakalo—bengalindele ukuthi okuthile okubi kakhulu kwakuzokwenzeka emahoreni ambalwa.

Ekuseni kakhulu ngosuku olulandelayo, ubishi oluthathu olukhulu lodaka oluhambayo, lukhukhula izigidi zamathani enhlabathi ngesivivini samakhilomitha angu-30 ngehora, lwabangela ukufa kwabantu abangaba ngu-85, lwalimaza abacishe babe ngu-700, futhi lwabhubhisa noma lonakalisa amakhaya abangaphezu kuka-30 000!

Usizi Olwandle Lodaka

EAntofagasta kunamabandla ayishumi oFakazi BakaJehova, anamalungu angu-1 400, ngakho inhlala-kahle yabo yayikhathalelwa ngempela. Yeka indlela esajabula ngayo ngokuzwa ukuthi abekho abaye balahlekelwa ukuphila kwabo, nakuba omunye udade alimala ngokungathi sína lapho ekhukhulwa udaka ibanga elicishe libe amakhilomitha amathathu. Lapho etholwa abatakuli, bacabanga ukuthi wayefile kwaze kwaba yilapho umhlengikazi eqaphela ukuthi wayephefumula, futhi esondela, wamuzwa ememeza ethi “Jehová, Jehová.” Wayegwinye isilinganiso esikhulu sodaka, ngakho bamphuthumisa esibhedlela ukuze bayomelaphela izifo ezithathelwanayo.

EBandleni laseOriente, amaphesenti angaba ngu-70 emikhaya alahlekelwa amakhaya awo noma lawo makhaya alimala kakhulu. Eminye imikhaya emaBandleni aseCostanera naseCorvallis nayo izindlu zayo zaba nomonakalo omkhulu, njengoba udaka lwafinyelela ophahleni kwezinye izindawo noma lugelezela ezindlini, lugcwalisa amakamelo ngodaka olufinyelela kumamitha angu-1,5. Kwelinye ikhaya omunye umama nabantwana bakhe ababili abancane babentanta embhedeni wabo olwandle lodaka, udaka lubadudulela kancane kancane ophahleni; basindiswa lapho ubaba walona wesifazane ebhodloza uphahla. Abanye ezindaweni eziphephile ngokuqhathaniswa baba nomuzwa wokuthi ukuphela kwakuseduze njengoba babelalele umsindo wobishi lodaka lukhukhula konke okusendleleni yalo futhi bezwa ukukhala kosizi buqamama ebumnyameni obubandayo basebusuku.

Okuthile Okuyigugu Kakhulu Kunezinto Ezibonakalayo

Nakuba balahlekelwa eziningi zezinto zabo ezibonakalayo, oFakazi baye babonisa umoya ophawulekayo. Omunye uFakazi wakhuluma ngendlela abangane nasebenza nabo abamangala ngayo lapho bebona umoya wakhe wenjabulo naphezu kokulahlekelwa kwakhe okukhulu ngokwezinto ezibonakalayo. Wabatshela ukuthi uma izinto ezibonakalayo bezingafakwa ohlwini lwezinhlamvu zamagama kuye ngokubaluleka, bezingaba sesikhaleni sohlamvu u-z. Wajayebule ngokuthi wayesindile futhi ephila kanye nawo wonke umkhaya wakhe.

Omunye umama, owahlukaniswa namadodakazi akhe nowacishe walahlekelwa yiwo womabili kanye nawukuphila kwakhe siqu, wayethandaze ngentshiseko kuJehova ukuthi uma engase akwazi ukubuyela ekuphileni ekuqaleni kwesikhathi sovuko, wayengathanda ukukhonza njengompheki kuyilapho abanye besebenza ekulungiseni umhlaba! Wasinda, futhi ucabanga ukuthi wacela ukuba ayokhonza kuphi ezinsukwini ezalandela ubishi lodaka? Yebo, ekhishini elakhiwa oFakazi ukuze lilungise amakhulu okudla koFakazi BakaJehova nezihlobo ezingomakhelwane ezazilahlekelwe amakhaya azo!

Uthando LobuKristu Luyasebenza

OFakazi abanothando eCalama naseIquique benza amalungiselelo okuthumela isinkwa, amanzi, izembatho, nezinye izinto ezidingekile eAntofagasta. Ihhovisi legatsha leWatch Tower Society nalo lalungiselela usizo, futhi ngokushesha izembatho, izingubo, imibhede, izinto zasekhishini, ukudla, nezinye izinto kwaqala ukufika. Yeka ukuthi kwakushukumisa kanjani ukubona ukuthi izinto eziningi ezazinikelwe zazingezona ezisetshenzisiwe neziyinsalela kodwa zazisanda kuthengwa! Ngokushesha amaloli amabili eNhlangano neyesithathu eyayivela eRancagua ayesendleleni eya eAntofagasta, cishe ebangeni elingamakhilomitha angu-1 400 ukuya enyakatho, ethwele amathani angu-14 ezinto. Nakuba kwathunyelwa izwi lokuthi kwakungasadingekile ukuba kunikelwe ngezinye izinto ezengeziwe, zazilokhu zifike njalo. Ngenxa yalokho, kwadingeka kuqashwe elinye iloli ukuze kuthwalwe amanye amathani angu-16! Lezinto zahlanganyelwa ngokuphana nomakhelwane abangebona oFakazi.

Nakuba lalikwezinye zezindawo ezathinteka kakhulu, ikhaya lomunye umkhaya woFakazi lasinda lasala lisesimweni esikahle. Balubonakalisa ngokushesha uthando lwabo ngomakhelwane, bemukela ezindlini yabo imikhaya engu-9 yoFakazi kanye nabanye omakhelwane abangu-70 ababengebona oFakazi, abaningi babo abafika begcwele udaka futhi bengenazembatho. OFakazi benza kwatholakala zonke izembatho nezingubo ababenazo.

Abaningi baye banikela ngesikhathi sabo, imicebo, namandla ukuze babe usizo. Nakuba kuye kwaba inhlekelele yezinga elikhulu eChile, abantu bakaJehova baphinda babonakalisa ubunye babo nokukhathalela kothando, bethumela ngisho nomnikelo wezimali ovela kude njengaseTexas eUnited States. Omunye umuntu wafushanisa amasonto amabili okunikeza usizo ngesikhathi senhlekelele eAntofagasta ngalendlela: “Asikaze sibe nomhlangano wezinsuku ezingu-13, onamadrama angokoqobo amaningi kangaka, onokubonakaliswa okuningi kangaka kothando, onabaningi kangaka bezinikela njengoba kwabonakala phakathi nezinsuku ezimbalwa ezidlule.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela