UHemingway Nokukhulekelwa KweFascism
Ngo-1938 umlobi odumile uErnest Hemingway wadunyazwa izithombe ezimbili. Esinye sabonisa umugqa wabantwana abafile eBarcelona, eSpain, ababebulewe amabhomu adedelwa amabutho kaFranco eMpini Yangaphakathi yaseSpain (1936-39). Eqinisweni, ngalesosenzakalo, kwabangu-875 ababulawa, abangu-118 kwakungabantwana. UHemingway wazibuza ukuthi ubani owayenikeze umyalo wokubhomba izakhamuzi ezingabuthiwe empini.
UHemingway waphazanyiswa futhi isihloko sezindaba esasivela kuyiNew York Herald Tribune esasithi eNew York, uPatrick Cardinal Hayes wayethandazela ukuba amabutho kaJenene Franco anqobe eSpain. Kodwa isiphi isithombe sesibili esasihlupha lomlobi?
Kwakuyisithombe sezikhulu zebutho laseSpain nabefundisi phambi kwendlu yesonto yaseSantiago de Compostela, enyakatho yeSpain, benza izenzo zokukhulekela njengoba amabutho ayemasha edlula. Yini eyayiphazamisa kangako ngalokho? UHemingway wabhala: “Ngiyambona uJenene Aranda noJenene Davila . . . futhi ngiyasibona isenzo sokukhulekela abasenzayo. Siyisenzo sokukhulekela sebutho lakudala elivamile laseSpain. Engingakuboni isenzo sokukhulekela esenziwa uMbhishobhi waseLugo, uMbhishobhi Omkhulu waseSantiago, uMfundisi waseSantiago, noMbhishobhi waseMadrid. Ingabe lesosenzo abasenzayo esokukhulekelwa kwefascism? Ingabe leso isenzo sokukhulekela samaNazi nabalandeli befascism baseItaly?” Kwakuyiso ngokuqinisekile!
Ukubona abantwana ababebulewe ngamabhomu alahlelwa amaKatolika nababhishobhi bamaKatolika benza izenzo zokukhulekela zamaNazi nezeFascism kwamshaqisa uHemingway. Mhlawumbe waqaphela ukuthi abefundisi bamaKatolika baseSpain babeye babusisa impi yombango eSpain njengempi engcwele yenkolo. Abantu baseSpain abangaphezulu impela kuka-500 000 balahlekelwa ukuphila kwabo kuleyompi yokushayisana kwemiqondo, eyasebenza futhi njengokulungiselela kukaHitler iMpi Yezwe II.
Yini lokho uJakobe, umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa, akubhala? “O nina abangathembekile, aniqapheli yini ukuthi ukuthanda izwe kuwubutha kuNkulunkulu? Umuntu uphawulwa njengesitha sikaNkulunkulu uma ekhetha ukuba umngane wezwe.” Abefundisi beLobukholwa, ngaphandle kwabambalwa, baye bazimbandakanya ngokungaguquki nababusi bezwe bezombangazwe nabezempi.—Jakobe 4:4, The New American Bible, Saint Joseph Edition.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
A. G. E. Fotostock