Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 7/8 kk. 3-4
  • Ingabe Ukuphila Akuseyinto Yalutho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukuphila Akuseyinto Yalutho?
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kunalo “Mkhuba Wokubulala”?
  • Ukhuthazwa Kanjani “Umkhuba Wokubulala”?
    I-Phaphama!—2000
  • Kungani Ubugebengu Obunobudlova Sebande Kangaka?
    I-Phaphama!—2003
  • Izithiyo Zokukhulumisana
    I-Phaphama!—1996
  • Ukusakazeka Kwenkathazo
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 7/8 kk. 3-4

Ingabe Ukuphila Akuseyinto Yalutho?

“Yizwe lapho ukuphila kungaseyinto yalutho khona. Umuntu angabulawa ngemali encane kakhulu futhi baningi abazimisele ukwenza lo msebenzi.”—The Scotsman.

Ekuhlaseleni kwango-April 1999 okwashaqisa umhlaba wonke, abasha ababili ngobudlova bahlasela eColumbine High School, eLittleton, eColorado, e-U.S.A., babulala abangu-15. Uphenyo lwabonisa ukuthi omunye walaba bahlaseli wayenengosi ye-Internet ayebhale kuyo ukuthi: “ABANTU ABAFILE ABAQAGULISANI NAWE!” Bobabili laba bahlaseli bafa kule nhlekelele.

UKUBULAWA kwabantu kukuyo yonke indawo, futhi inani elikhulu labantu libulawa ngesihluku nsuku zonke. Ngo-1995 iNingizimu Afrika yayihamba phambili emhlabeni ngesilinganiso sokubulawa kwezakhamuzi ezingu-75 kwezingu-100 000. Kwelinye izwe eNingizimu Melika ukuphila akuseyinto yalutho ngempela, ngoba ngo-1997 kwabulawa abantu abangaphezu kuka-6 000 ngenxa yezombangazwe. Ukwenza isivumelwano sokubulala kuyinqubo evamile. Omunye umbiko kulelo zwe uthi: “Ngokushaqisayo, nokubulawa kwezingane kuye kwanda: Ngo-1996, kwabulawa izingane ezingu-4 322, okuwukwanda okungamaphesenti angu-40 eminyakeni emibili nje kuphela.” Nokho, ngisho nezingane sezingababulali—ababulala ezinye izingane nabazali bazo siqu. Ngempela ukuphila akuseyinto yalutho.

Kungani Kunalo “Mkhuba Wokubulala”?

La maqiniso nezibalo kubonisani? Kunokwanda kokuntula inhlonipho ngokuphila. Abantu abathanda izikhundla nabahahela imali abangabazi ukubulala. Abaholi bamaqembu ezidakamizwa bakhipha imiyalo yokuba kubulawe imikhaya. Bahloniphisa ukubulala kwabo ngokusebenzisa amagama anjengelithi “ukuvithiza,” “ukucisha,” “ukususa,” noma “ukuqeda” labo abayizisulu. Ukuqothulwa nokuhlanzwa kohlanga kuye kwenezela kuleli nani futhi kuye kwehlisa izinga lokuphila komuntu. Ngenxa yalokho, ukubulawa kwabantu sekuyinto yamihla namalanga ezindabeni ze-TV emhlabeni wonke.

Nezela kulokhu ubudlova nokulinyazwa kwabantu okudunyiswa kumathelevishini nakumabhayisikobho, futhi kubonakala sengathi umphakathi wethu ubambeke endleleni yokuphila ekhwantabalisayo egxile ekufeni. Ikhuluma ngalokhu, i-Encyclopædia Britannica ithi: “Isimanga siwukuthi engxenyeni yokugcina yekhulu lama-20, ukufa kuye kwaba indaba egudwini. Kuyamangalisa ukuthi esikhathini esidlule, ochwepheshe besayensi babekugwema ukukhuluma ngokufa, futhi ngokuvamile izihloko ezikhuluma ngokufa zaziwukucabangela nje kwefilosofi.” NgokukaJosep Fericgla, uprofesa wemvelaphi nenhlalo yabantu waseCalatonia, “ukufa sekuyinto esematheni emiphakathini yethu, futhi namuhla sekungomunye wemithombo ebalulekile yokuxhaphaza ngokwengqondo.”

Mhlawumbe isici esiyingqayizivele salo “mkhuba wokubulala” yinkolelo ethandwayo yokuthi amandla, ukuvelela, imali nenjabulo kubaluleke ukwedlula ukuphila komuntu nezindinganiso zokuziphatha.

Lo “mkhuba wokubulala” usakazeka kanjani? Yini abazali abangayenza ukuze balwe naleli thonya elibi elibazungezile futhi elithinta nezingane zabo? Lena eminye yemibuzo ezophendulwa ezihlokweni ezilandelayo.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 4]

Ukuphila Kunenani Elinga- kanani?

◼ “Izingane ezisemaqenjini ezigilamkhuba [eMumbai, eNdiya] zingenza noma yini, zingavuma ukubulala ngenxa yemali encane engama-rupee angu-5 000 [R730] kuphela.”—Far Eastern Economic Review.

◼ “Ubulalé Umuntu Obedlula Owenqabe Ukumnika Ugwayi.”—Isihloko esiphambili se-Tercera, eSantiago, eChile.

◼ “Kubiza cishe u-$7 000 [R44 000] ukwenza isivumelwano sokubulala eRussia [ngo-1995] . . . Ukubulala ngesivumelwano kuye kwanda kakhulu phakathi nesikhathi sokuchuma komnotho ngemva kokuphela kobukhomanisi eRussia.”—Reuters, kusekelwe embikweni we-Moscow News.

◼ “Umthengisi wezindawo waseBrooklyn waboshwa . . . futhi wabekwa icala lokukhokhela osemusha ingxenye yenkokhelo engu-$1 500 [R9 500] yokubulala umfazi wale ndoda owayekhulelwe nomkhwekazi wayo.”—The New York Times.

◼ ‘Imali yokubulala eNgilandi iyehla. Imali yokubulala umuntu iye yehla [isuka emaRandini angu-300 000] eminyakeni emihlanu edlule yaya enanini elikahle [lamaRandi angu-50 000 kuya kwangu-100 000].’—The Guardian.

◼ ‘Izigilamkhuba Ezinesihluku ZaseBalkan Zenza Ama-mafia Angaliboni Elidlalayo. Lolu uhlobo olusha lwezigebengu, zinemithetho emisha nezikhali ezintsha. Zisebenzisa amabhomu nezibhamu ezingontuluntulu futhi azingabazi ukuzisebenzisa.’—The Guardian Weekly.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela