Umgawuli Wezingodo Omdala Usasebenza
ABANTU baye baklama amathuluzi amaningi okugawula izingodo, ahlanganisa izimbazo, amagejambazo namasaha. Kukhona nogandaganda abanezinto zokugawula ezibukhali abangagawula iziqu zezihlahla ezinkulu. Kodwa amathuluzi okugawula amadala kunawo wonke awenziwanga umuntu. Akhiwa amazinyo abukhali—e-beaver, umgawuli wezingodo omdala.
I-beaver endala ingaba ngamamitha angu-1,3 ubude ibe nesisindo esingamakhilogremu angu-27. Ngenxa yokuthi amazinyo ayo okuluma angenhla nangezansi ahlale ekhula, i-beaver kufanele ihlale iwahhudla. Uqweqwe oluqinile olumboze ingxenye engaphambili yamazinyo ayo okuluma, luwenza ukuba acije. Njengoba egobekele ngaphakathi futhi enamandla ngenxa yemihlathi eqinile, la mashizolo emvelo agawula ugodo olulukhuni kalula nje.
Uboya Obufudumalayo, Umsila Onemisebenzi Eminingi
Abantu abahlala ezindaweni ezibandayo bayalithanda ijazi elifudumalayo nelingangenwa amanzi. Nokho, i-beaver akudingeki ilithenge lelo jazi, ngoba inesembozo esiwuboya obuyimvukumvuku. Njengoba buhluka ngombala kusuka kompofu kuya konsundu, uboya be-beaver bunezingxenye ezimbili. Uboya obungaphansi, obuqinile, bunemicu emincane kakhulu enamahhuku amancane ahlanganayo ukuze avikele i-beaver emanzini nasekubandeni. Uboya obuphezulu obude nobumvukumvuku buvikela uboya obungaphansi futhi busize i-beaver ingangenwa amanzi. Buyacwebezela, futhi uma ubuthinta buntofontofo, yingakho nje abantu abaningi bezazisa izingubo ezenziwe ngesikhumba se-beaver! Phela, izikhumba ze-beaver zake zasebenza njengohlobo lwemali eCanada!
Wonke ama-beaver anamabhangqa amabili ezindlala ezingavamile ekugcineni komsila. Elinye likhipha amafutha akhethekile, kanti elinye likhiqiza i-castoreum, uketshezi olunephunga elinamandla kodwa elimnandi. I-beaver ilusebenzisa ngezindlela ezihlukahlukene lolu ketshezi, kuhlanganise nokuvikela uboya bayo ukuba bungangenwa amanzi nokukhanga amanye ama-beaver. Nabantu bayayisebenzisa i-castoreum, ngoba abenzi bamakha bayayisebenzisa kwamanye amakha.
Umsila we-beaver uyinqaba. Ume njengephini, ungaba ngamasentimitha angu-30 ubude, futhi unemisebenzi eminingi. Ngokwesibonelo, emanzini umsila we-beaver usebenza njengephini lokugwedla. Uma ingekho emanzini, iwusebenzisela ukuzimelela lapho iququda izihlahla. Uma kusondela ingozi, i-beaver ishaya amanzi ngomsila wayo, ixwayisa amanye ama-beaver aseduze ukuba abaleke aphephe. Kodwa, ukucacisa iphutha elithile elibangelwa ukungaqondi, i-beaver ayiwusebenzisi umsila wayo njengehalavu lokunameka udaka emadamini ayo.
Ukudla Namanzi
Idlani i-beaver? Ithanda ingaphakathi lamagxolo nemiqumbe yesihlahla se-poplar nesomnyezane. Ngenxa yalokho, lapho igawula umuthi ukuze yakhe, i-beaver ingase idle ishaye esentwala. Ngesinye isikhathi enye i-beaver ithi imatasa igawula isiqu, enye inyenye intshontshe amagxolo amnandi.
Ebusika i-beaver isebenzisa isimiso sokulondoloza ukudla esiyingqayizivele. Okokuqala, imba umgodi ojulile ngaphansi kwamanzi—into engenzima kangako, ngoba i-beaver ingahlala ngaphansi kwamanzi imizuzu engu-15 ngesikhathi. Bese inqwabelanisa amagatsha e-aspen, omnyezane nezinye izihlahla emgodini. Njengoba ifaka izinkuni eziningi, le ngqumbi igcina isifike phansi emgodini. Kamuva, lapho iqhwa lemboza isiziba futhi isithwathwa sivimbela umsebenzi ngaphezulu, le ndawo isuke “isinengobo” enezinto zonke ngaphansi kwamanzi.
Zimbalwa izilwane eziphila ezweni ezikhululeka njenge-beaver lapho zisemanzini. Ngaphandle koboya bayo obuyimvukumvuku, obunamafutha avimbela amanzi, i-beaver ibuye ibe nongwengwezi lwamafutha angaphansi kwesikhumba oluyivikela emanzini abanda kakhulu. Phela, ama-beaver aze akhwelane ngisho nokukhwelana ngaphansi kwamanzi! Njengoba amanzi efeza indima ebaluleke kangaka ekuphileni kwama-beaver, ngeke uwathole ehlala kude namachibi noma imifudlana.
Ama-beaver Nabantu
Ama-beaver afundiseka kalula futhi ayashesha ukujwayela abantu abawaphatha kahle. Lezi zilwane ziyazilungisa futhi zizigcine zihlanzekile njalo. Kuqala, amaNdiya aseMelika ayevame ukufuya ama-beaver emakamu awo. Nokho, uyofuna ukucabangisisa ngaphambi kokuba ufake ama-beaver kwakho. Inkinga iwukuthi ahlale akha njalo nje. Uchwepheshe wendawo ezungezile, u-Alice Outwater, uyabhala: “Uma esendlini azogawula imilenze yamatafula nezihlalo futhi akhe amadamu amancane phakathi kwefenisha.” Izihlahla nezigxobo zocingo egcekeni kungase kube senkingeni efanayo.
Kodwa kuye kwaba khona izinkinga ezinkulu nakakhulu phakathi kwabantu nama-beaver. Ngokwesibonelo, abanye abanikazi benhlabathi bakhononda ngokuthi amadamu abangela imifudlana ukuba igcwale, okubangela ukuba yonakalise impahla. Nokho, ososayensi nabanye bamelana nokukhononda okunjalo ngokubonisa imiphumela eyinzuzo yemisebenzi yama-beaver. Ngokwesibonelo, umsebenzi wama-beaver wokuvalela amanzi uyawalondoloza futhi uwahlanze, wenze kube nezimo ezifanele zokuphila kwezinhlobo eziningi zezilwane. Abanye baze bathi iziziba zama-beaver ziye zanciphisa imiphumela yesomiso.
Abathandi bemvelo balinganisela ukuthi cishe kunama-beaver angu-10 000 000 manje ahlala ezwekazini lase-United States. Nokho, abanye balinganisela ukuthi ayengaphezu kuka-200 000 000 ayehlala kuleyo ndawo eminyakeni engu-500 edlule. Cabanga nje: Kungenzeka amashumi ezigidi “abagawuli bezingodo” ayesebenza emahlathini aseNyakatho Melika ngaphambi kokuba kufike abaMhlophe bokuqala. Nokho, esikhundleni sokuthola izwe eliwugwadule nelingenazihlahla, labo bafuduki bokuqala babona amahlathi amakhulu enile. Kusobala ukuthi ama-beaver afeza indima ebalulekile emvelweni emhlabeni wethu. Ngakho singabonga ngokuthi umgawuli wezingodo omdala usasebenza!
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 22, 23]
“Umatasatasa Njenge-beaver”
Kungenzeka ukuthi umuntu owaqamba lesi sisho sesiNgisi wayebone ama-beaver akha idamu emfudlaneni noma akha umuzi wawo. Ngempela, lezi zilwane kubonakala sengathi azikhathali lapho zigawula imithi futhi ziyidonsa ziyisa lapho zizokwakha khona. Ngezinye izikhathi, zize zimbe ngisho nemisele zihambise ngayo izinto zokwakha ziye endaweni efanele.
Kodwa ama-beaver awakha kanjani amadamu awo? Okokuqala, ukuze aqinise isakhiwo, afaka amagatsha aze afinyelele phansi emfudlaneni. Uma umfula ubanzi, ama-beaver akha udonga lokuvimbela amanzi luphambane nawo ukuze luqine. Esebenzisa izingodo eziningi, agcwalisa leyo ndawo ize iphakame ngokufanele, abese evala imigodi ngodaka nangamatshe. Ukuze aqinise idamu, ama-beaver aliqinisa ohlangothini olubhekene namanzi ehlayo ngokubeka amagatsha awavundlise. Lezi zidalwa ezikhuthele zibuye ziwulungise nokuwulungisa umsebenzi wazo ngezikhathi ezithile!
Ngokushesha kwakheka isiziba esicwebile. Lapha, ama-beaver akha izindawo zokuhlala eziqinile—eqala ngomgodi olula osebeni lomfula ngesikhathi kusakhiwa idamu bese kuthi kamuva akhe indawo yokuhlala ephakeme engasogwini, eyakhiwe ngodaka nangezinti. Ukuze agweme izilwane ezidla ezinye, ama-beaver angena ngezintuba ezingaphansi kwamanzi. Uma esephephile ngaphakathi, ayakhululeka futhi akhulise abantwana.
I-beaver ikhuthele ngempela. Ososayensi eWyoming, e-U.S.A., badedela ama-beaver ayishumi—amaduna amahlanu nezinsikazi ezinhlanu—endaweni okwase kunesikhathi eside engekho kuyo. Ngemva konyaka, abacwaningi baphindela bathola ukuthi ayesenezindlu ezinhle ezinhlanu futhi esakhe amadamu angu-55!
[Izithombe ekhasini 24]
I-“beaver” iyasebenza; indawo yokuhlala nedamu le-“beaver”; izinyane le-“beaver”