Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 2/8 k. 32
  • Incwadi Yentsha Etuswa Kakhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Yentsha Etuswa Kakhulu
  • I-Phaphama!—2005
I-Phaphama!—2005
g05 2/8 k. 32

Incwadi Yentsha Etuswa Kakhulu

UTHISHANHLOKO weSikole Esiphakeme Samantombazane eLimuru, eKenya, wabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova kulelo zwe ecela amakhophi encwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Wathi: “Njengoba nazi, kuyinselele ukusebenzelana nentsha. Sinamakhophi amabili ale ncwadi yenu, futhi aye aba usizo olukhulu kothisha nakubafundi. Le ncwadi inokwaziswa okwanele futhi iyazanelisa izidingo zethu nezentsha esiyifundisayo.”

Lo thishanhloko wabe esethi: “Indikimba yabaqondisi [besikole] ingathanda ukusebenzisa le ncwadi ewusizo ekuqeqesheni amantombazane esikole sethu. Ayayithanda kakhulu le ncwadi. Abazali bawo bayijabulela kakhulu yonke imizamo esiyenzayo yokusiza izingane zabo. Okwamanje, sicabanga ukuthi amakhophi angu-25 ale ncwadi ayokwanela.”

Incwadi ethi Intsha Iyabuza inokwaziswa okuhlolwe ngokucophelela maqondana nemicabango kanye nemizwa yentsha. Ivusa izingxoxo ezizuzisayo ngezihloko ezinjengalezi ezilandelayo: “Ngingabenza Kanjani Abazali Bami Banginike Inkululeko Eyengeziwe?,” “Ingabe Kufanele Ngihambe Ekhaya?,” “Ngingazenzela Kanjani Abangane Beqiniso?,” “Imuphi Umsebenzi Okumelwe Ngiwukhethe?,” “Kuthiwani Ngobulili Ngaphambi Komshado?,” nesithi “Ngazi Kanjani Uma Kuwuthando Lwangempela?”

Lezi yizihloko zezahluko ezimbalwa kwezikhona kule ncwadi. Ezahlukweni zayo ezingu-39, le ncwadi ikhuluma nangezinye izihloko eziningi. Ukuze ucele ikhophi, sicela ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela