Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/12 kk. 12-13
  • Kufanele Sithandaze Kanjani KuNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Sithandaze Kanjani KuNkulunkulu?
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMthandazo KaJesu Oyisibonelo
  • Incazelo YoMthandazo Oyisibonelo
  • Lokho Umthandazo WeNkosi Okushoyo Kuwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Umthandazo Obizwa NgoBaba Wethu Osezulwini—Ingabe Uyindlela Efanele Yokuthandaza?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • UJehova Unakekela Izidingo Zethu Zansuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • “Sifundise Ukukhuleka”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 2/12 kk. 12-13

Umbono WeBhayibheli

Kufanele Sithandaze Kanjani KuNkulunkulu?

UKUKHULUMA noMninimandla Onke nokumambulela imicabango yethu ejulile kuyilungelo elingenakuqhathaniswa. Noma kunjalo, abantu abaningi abaqiniseki ngokuthi kufanele bathandaze kanjani kanti abanye bafuna ukuthuthukisa imithandazo yabo. Ngokungangabazeki, abanye babalandeli bakaJesu Kristu bokuqala babekhathazekile ngezinga lemithandazo yabo. Omunye wabo wathi kuye: “Nkosi, sifundise ukuthandaza.” (Luka 11:1) UJesu wasabela ngokunikeza umthandazo oyisibonelo, ovame ukubizwa ngokuthi uMthandazo WeNkosi noma uBaba Wethu. Lowo mthandazo omuhle kodwa olula, awugcini nje ngokusisiza sikhulume noNkulunkulu ngendlela eyamukelekayo kodwa uqokomisa nomyalezo weBhayibheli oyinhloko.

UMthandazo KaJesu Oyisibonelo

UJesu wathi: “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela: ‘Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini. Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku; futhi usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi. Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.’”—Mathewu 6:9-13.

Phawula ukuthi uJesu wathi: “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela.” Wayeqondeni? UJesu wayengafuni ukuba abalandeli bakhe balingise amazwi akhe noma bawaphinde njengoba enjalo. Empeleni, wayesanda kuxwayisa ngalo mkhuba. (Mathewu 6:7) Kunalokho, umthandazo wakhe usifundisa ngezinto eziza kuqala—ezibalulekile emehlweni kaNkulunkulu, hhayi nje kwawethu. Ukuze siqonde ukuthi iziphi lezo zinto eziza kuqala, kufanele siyithole kahle incazelo yamazwi kaJesu. Khona-ke, ake sihlole iphuzu ngalinye lamazwi akhe.

Incazelo YoMthandazo Oyisibonelo

“Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” UJesu wambiza ngokufanele uNkulunkulu ngokuthi “Baba” ngoba unothando futhi uyavikela, njengobaba omuhle ongumuntu. Ubuye abe negama lakhe siqu—elithi Jehova—okungafanele lididaniswe neziqu zakhe eziningi, njengezithi Mninimandla Onke, Nkulunkulu noma Nkosi.a (IHubo 83:18) Kodwa kungani igama likaNkulunkulu elihilela idumela lakhe, kudingeka lingcweliswe noma lenziwe libe ngcwele? Kungenxa yokuthi liye lahlanjalazwa futhi lanyundelwa.

Abanye abantu basola uNkulunkulu ngezinkinga zabo, kuyilapho kungenzeka ukuthi empeleni zibangelwa abanye abantu noma ukuba kwabo sendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele. (IzAga 19:3; UmShumayeli 9:11) Abanye baye bamangalela uNkulunkulu ngokuthi ubangela izinhlekelele zemvelo. Kodwa iBhayibheli lithi “uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Kanti izinkolo eziningi zifundisa ukuthi uNkulunkulu ujezisa ababi ngokubahlupha phakade esihogweni somlilo, imfundiso okungangabazeki ukuthi iyamcasula uNkulunkulu wothando. (Jeremiya 19:5; 1 Johane 4:8) AmaRoma 6:23 athi “inkokhelo yesono ngukufa,” hhayi ukuhlushwa phakade!b

“Umbuso wakho mawuze.” UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wobukhosi ophathiswe uJesu Kristu, iNkosi yawo. Ngokushesha uzolawula wonke umhlaba ngokugcwele. UDaniyeli 7:14 uthi, “Wanikwa ububusi nesithunzi nombuso.” UMbuso kaNkulunkulu ‘uyokuza’ lapho ungenela ezindabeni zesintu, ubhubhise yonke imibuso ephikisana nawo futhi ulawule umhlaba ngokugcwele.—Daniyeli 2:44.

“Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” Ngaphansi kokubusa koMbuso, isintu siyozithoba entandweni kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, kuyoba nokuthula kwangempela futhi bonke abantu bayokhulekela uNkulunkulu ngokuvumelana neqiniso. Ezombangazwe ezihlukanisayo nenkolo yamanga kuyobe kungasekho. Ngendlela engokomfanekiso, ‘itende likaNkulunkulu liyoba kanye nabantu. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile,’ kusho IsAmbulo 21:3, 4.

“Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku.” Ngemva kokuqokomisa igama likaNkulunkulu noMbuso, uJesu ube esephendukela ezidingweni zethu. Amazwi akhe abonisa ukuthi kumelwe sigweme ukuphishekela okuningi kakhulu kunalokho esikudingayo ‘kulolu suku.’ Kunalokho, kufanele silalele iseluleko esitholakala encwadini yezAga 30:8: “Unganginiki ubumpofu noma ingcebo. Mangidle ukudla engabelwe kona.”

“Usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi.” Lapha igama elithi “amacala,” lisho “izono.”c Sonke sikweleta ukulalela uNkulunkulu. Ngakho lapho singalaleli noma sona kuye, kuba njengokungathi siqongelela isikweletu. Nokho, uJehova uzimisele ukusithethelela leso sikweletu uma sibaxolela ngomusa labo abasonayo.—Mathewu 18:21-35.

“Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.” ‘Omubi’ nguSathane uDeveli, obizwa nangokuthi “uMlingi.” (Mathewu 4:3) Ngenxa yokuthi inyama yethu engaphelele ibuthakathaka, sidinga usizo lukaNkulunkulu ukuze simelane noSathane kanye nabantu bakhe.—Marku 14:38.

Kwangathi umthandazo kaJesu oyisibonelo ungakusiza uthuthukise imithandazo yakho, mhlawumbe ngokubeka izinto eziza kuqala endaweni yazo. Kodwa, umthandazo kaJesu oyisibonelo uwuqokomisa kanjani umyalezo weBhayibheli oyinhloko? Ngokuvumelana namazwi kaJesu, isihloko seBhayibheli esikhulu, ukungcweliswa kwegama likaNkulunkulu elingcwele, ukususwa kwabo bonke ububi nokubuswa komhlaba okunokuthula ngoMbuso kaNkulunkulu. Yebo, yeka amagugu angokomoya uJesu awafaka emthandazweni wakhe oyisibonelo!

[Imibhalo yaphansi]

a Ezilimini zokuqala zeBhayibheli, ngokuyinhloko isiHebheru nesiGreki, igama laphezulu lalivela izikhathi ezingu-7 000. Ngokudabukisayo, izinguqulo eziningi zanamuhla zisebenzisa iziqu zikaNkulunkulu esikhundleni segama lakhe elingcwele.

b Abafile abaphili bekwesinye isimo kodwa ‘balele’ noma “abazi lutho,” njengoba belindele ukuvuswa.—Johane 5:28, 29; 11:11-13; UmShumayeli 9:5.

c Bheka uLuka 11:4, lapho la magama esetshenziswe khona womabili.

INGABE WAKE WAZIBUZA?

● Wayeqonde ukuthini uJesu uma ethi: “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela”?—Mathewu 6:9.

● Ngendlela evamile, iziphi izinto okufanele zize kuqala emithandazweni yethu?—Mathewu 6:9, 10.

● Ayini ‘amacala ethu,’ futhi kungani kufanele sibaxolele abasonayo?—Mathewu 6:12.

[Isithombe ekhasini 13]

Umthandazo kaJesu oyisibonelo ungakusiza ukuba ubeke phambili izinto ezibalulekile emehlweni kaNkulunkulu, hhayi nje kwawakho

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela