Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/12 k. 14
  • Ukusebenzisa Iso Ngokuhlakanipha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusebenzisa Iso Ngokuhlakanipha
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Iso Lakho “Lihle”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Kusho Ukuthini Ukuthi “Iso Ngeso”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Gcina Iso Lakho Lilihle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 2/12 k. 14

Ukusebenzisa Iso Ngokuhlakanipha

● Iso lomuntu liwumsebenzi omuhle wobuciko. Kodwa aligcini ngobuhle nje. Linamandla. Incwadi ethi Visual Impact, Visual Teaching ithi “amaphesenti angu-40 azo zonke izinzwa ezixhumene nobuchopho aphinde axhumane ne-retina,” isicubu esiyinkimbinkimbi esingaphakathi esweni.

UJesu Kristu walibiza kufanele iso ngokuthi ‘liyisibani somzimba.’ Echaza lokho ayekusho, wanezela: “Uma iso lakho lilihle [liqotho, ligxile kokuhle], umzimba wakho wonke uzokhanya; kodwa uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uzoba mnyama.” (Mathewu 6:22, 23) Ngala mazwi, uJesu wayegcizelela kithi amandla eso ngendlela engokomfanekiso, okuveza imicabango, imizwelo nezenzo. Imicabango emihle ikhanyisa ukuphila komuntu; imicabango emibi ikwenza kube mnyama.

Ngokwesibonelo, cabanga ngamazwi kaJesu atholakala kuMathewu 5:28, 29: “Kodwa mina ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe. Manje, uma lelo liso lakho lesokunene likwenza ukhubeke, likhiphe ulilahle kude [ngokomfanekiso].” Wayeveza liphi iphuzu? Iso eliyaluzayo lingashoshozela izifiso ezingafanele kuze kube seqophelweni lokuthi lapho kuvela ithuba, umuntu aziphathe kabi futhi angabe esamukeleka kuNkulunkulu.—Jakobe 1:14, 15.

Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuzithiba, ngisho noma kunzima njengokukhipha iso! Empeleni, ingabe kuwukuhlakanipha yini ukulahlekelwa ukuphila okuphakade ngenxa nje yezikhashana ezimbalwa zenjabulo yobulili?

Lokho esikubuka ngamehlo ethu kungabangela nobugovu. Ngakho, iBhayibheli lisixwayisa ngokuthi ‘isifiso samehlo esiwubugovu asiveli kuBaba, kodwa sivela ezweni. Ngaphezu kwalokho, izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.’—1 Johane 2:16, 17.

Ingabe iBhayibheli lisincisha injabulo ngokungadingekile? Lutho neze! Ukungazinaki izindinganiso zalo kuwukuzibizela izinkinga nokungajabuli. (Galathiya 6:7, 8) Ukulalela iZwi likaNkulunkulu, kuhlanganise nokuhlakanipha kwalo ngokuphathelene nalokho esikubukayo, kuyoletha injabulo. UJesu wathi: “Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!” (Luka 11:28) Ngaphezu kwalokho, banethuba lokuphila phakade emhlabeni, kuyilapho labo abahlakulela ukuba neso eligcwele ubugovu nokuziphatha kabi belahlekelwa injabulo nokuphila.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela