Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 36
  • Ithole Legolide

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ithole Legolide
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Asephula Isithembiso Sawo
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Funda Izindlela ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • UJehova Unika Imithetho
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 36
Ama-Israyeli ayacula futhi ayadansa njengoba ekhonza ithole legolide

INdaba 36

Ithole Legolide

AWU, AWU! Benzani laba bantu manje? Bakhuleka etholeni! Kungani benza lokhu?

Uma uMose ehlala entabeni isikhathi eside, abantu bathi: ‘Asazi ukuthi kwenzenjani kuMose. Ngakho masenze unkulunkulu ozosihola siphume kuleli zwe.’

‘Kulungile,’ kusho umfowabo kaMose u-Aroni. ‘Khiphani amacici enu egolide, niwalethe kimi.’ U-Aroni uyawancibilikisa enze ithole legolide. Abantu bathi: ‘Lona uNkulunkulu wethu, owasikhipha eGibhithe!’ Ama-Israyeli abe nephathi enkulu, akhulekele ithole legolide.

Uma uJehova ebona lokhu, uthukuthela kakhulu. Uthi kuMose: ‘Yehla ngokushesha. Abantu baziphethe kabi. Bayikhohliwe imithetho yami bakhulekela ithole legolide.’

UMose uphula amatshe ayisicaba okwakubhalwe kuyo imiYalo Eyishumi

UMose wehla ngokushesha entabeni. Uma esondela, ubona lokhu. Abantu bayacula bayadansa bebungaza ithole legolide! UMose uthukuthela aze alahle phansi amatshe ayisicaba anemithetho kaNkulunkulu kuwo, aphuke abe yizicucu. Athathe ithole legolide alincibilikise, aligaye libe yimpuphu.

Abantu benzé into embi kakhulu. Ngakho uMose utshela amanye amadoda ukuba athathe izinkemba zawo. ‘Abantu ababi abakhulekele ithole legolide kufanele bafe,’ kusho uMose. Ngakho la madoda abulala abantu abayizi-3 000! Ingabe lokhu akubonisi yini ukuthi kufanele sinakekele ukukhulekela uJehova kuphela, hhayi abanye onkulunkulu bamanga?

Eksodusi 32:1-35.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela