Ukuqondisisa Izindaba
Kungani Kushunyayelwa?
Ukuntuleka kokushumayela kubantu abasontayo ezinye izazi ziye zakuveza njengokuhlangene nokwehla kwenani lamalungu esonto phakathi kwezinkolo ezinkulu. Ukukhathazeka ngalenkinga ngo-1988 kwashukumisela iUnited Church of Christ ukuba yamukele inselele yo“kushumayela nokwandiswa kwenani lamalungu” njengomgomo oyinhloko weminyaka emine.
ISt. Petersburg Times ibika ukuthi ezinye izinkolo ezinkulu eUnited States, kuhlanganisa neSonto laseHabe neSonto laseEpiscopal, ziye zenza okufanayo. Nokho, ukuhlolwa kwamuva nje kwamabandla angaphezu kuka-200 eUnited Church of Christ kwembula ukuthi amaningi kumalungu ayo ayizigidi ezingu-1,6 abonisa ukungabi nasithakazelo ekukhulumeni ngokholo lwawo kwabanye. Elinye ilungu labuza: “Kungani kumelwe sikhulume nabanye uma senza okuhle?” Elinye lathi: “Uma uphila ngokokholo lwakho, akudingeki ukhulume ngalo.”
Nokho, encwadini yakhe iAmerican Mainline Religion, omunye wabalobi uWade Clark Roof wavuma ukuthi “indlela abantu abakhuluma ngayo ngokuphila kwabo okungokwenkolo nokungokomoya ngokuqinisekile ihlobene nokuhlala kokholo ngokwalo luphila.”
Uma ‘ukwenza okuhle’ nokuba ‘nokholo’ kwanele ekuthokoziseni uNkulunkulu, kungani umphostoli uPawulu abhala: “Maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli”? Wachazela amakholwa ayekanye nawo eRoma: “Uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube-ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube-ngukusindiswa.”—1 Korinte 9:16; Roma 10:9, 10.
Zisebenzisa Ubulili
Ezingaphezu kwengxenye ezinganekwaneni zamahlaya ezingaba ngu-1 100 ezavela ezincwadini zamaJapane ezinhlobonhlobo, kuhlanganisa nezezingane, zabonisa izenzo zobulili, kusho uProfesa Mamoru Fukutomi. Wayehola ukuhlolwa komagazini eTokyo abangaphezu kuka-390 kanye nezinye izincwadi ezathengwa ngenyanga eyodwa.
‘Imifanekiso eminingi yesenzo sobulili,’ kusho uProfesa Fukutomi, ‘ilandela indlela yamadoda aphoqelela abesifazane abangafuni [ekuhlanganeni ngokobulili] futhi ekugcineni abesifazane basabele ngokunamandla.’ Cishe amaphesenti angu-80 emifanekiso engu-6 861 komagazini baseJapane abadumile abahlaziywa “yabonisa abesifazane besesimweni esivusa inkanuko yobulili,” kubika iDaily Yomiuri. Lapho iningi labesifazane emifanekisweni laligqoke “izingubo zangaphansi, izimpahla zokubhukuda noma linqunu” futhi kungamaphesenti angu-40 kuphela ayegqokile, abesilisa abangamaphesenti angu-75 emifanekisweni eyahlolwa babegqokile.
Lokho kusetshenziswa kobulili kuzobathonya kanjani abasebasha? Incwadi yeBhayibheli yezAga ichaza ngokomfanekiso insizwa “entula isisusa esihle” iholeleka endlini yesifebe. (IzAga 7:7, umbhalo waphansi weNW Reference Bible) Kuthiwani ngesifebe? “Manje usemigwaqweni, nangu usezigcawini, uqamekela emagumbini onke. Useyayibamba.” (IzAga 7:8-13) Ezikhathini zanamuhla ngisho nekhasi elibhaliwe ‘liyaqamekela ukuze libambe’ intsha. Nokho, iBhayibheli liyayala: “Inhliziyo yakho mayingaphambukeli ezindleleni zakhe, ungahambi emikhondweni yakhe.”—IzAga 7:25.
Ubani OngumKristu “Ongcono”?
“Kungakhathaliseki ukuthi umKristu wenza siphi isinqumo, kungaba ukuba isosha noma ukwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza, bekuyoba okungafanele ngaye ukuba athi unezinga lobuKristu eliphakeme kunelomunye, noma ngisho nokuba nokungabaza, ngenxa yokusekela isimo esihlukile kunesakhe siqu, ukuba komunye ngumKristu.”
Lombiko wakhishwa uMkhandlu Wesonto LaseLuthela Lobuvangeli waseJalimane ngoJuly 1989. Kungani? Iziphathimandla zathi kwakungenxa yokuvimbela isimo esithathwe abanye esontweni sokuthi ukwenqaba ngenxa kanembeza “kuwuphawu oluqiniseke” kakhulu lokuba ngumKristu kunokuhlanganyela kwezempi. Nakuba ivuma ukuthi amaKristu angayiphelisa impi “ngokuyeka ubudlova ngokomuntu siqu,” loMkhandlu Wesonto uphikisa ngokuthi lokhu futhi kungenziwa ngokulwa nobudlova ngamandla empi ukuze kulondolozwe ukuthula.
Encwadini yakhe ethi History of Christianity, uEdward Gibbon wabhala ukuthi amaKristu ekhulu lokuqala “enqaba ukuba nengxenye yenkuthalo ekwengameleni umphakathi noma kwezokuvikelwa kombuso ngezikhali,” nokuthi “kwakungenakwenzeka ukuba amaKristu, ngaphandle kokuyeka umsebenzi ongcwele kakhulu, athathe isikhundla samasosha, sezimantshi, noma samakhosi.”
Ngakho-ke, umbuzo awukhona ukuthi ubani ongumKristu “ongcono” kodwa uwukuthi umuntu ophishekela inkambo ephikisana nobuKristu bokuqala ungumKristu ngempela yini. UPawulu wabhala: “Noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama, ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama.”—2 Korinte 10:3, 4.