Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 6/15 k. 32
  • “Ingabe Umazi Ngegama UNkulunkulu?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ingabe Umazi Ngegama UNkulunkulu?”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 6/15 k. 32

“Ingabe Umazi Ngegama UNkulunkulu?”

LO MBUZO wavusa isithakazelo kowesifazane waseningizimu-ntshonalanga ye-Asia Ephakathi. Usesembozweni se-Phaphama! ka-February 8, 2004, engumngane walo magazini. Lona wesifazane wabhalela abanyathelisi bayo: “Umagazini wenu wangikhanga zisuka nje, futhi wangisiza ukuba ngicabange ngokujulile ngezimiso ezinhle zokuziphatha. Ngiya ngiba umuntu olindela izinto ezinhle ekuphileni. Ngitshela wonke umuntu ngoNkulunkulu wethu nangokuthula okubangelwa yilolu lwazi.”

Ezindaweni eziningi, empeleni “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba,” abantu baqala ukwazi igama likaNkulunkulu elithi Jehova. (IzEnzo 1:8) Ngokwesibonelo, ngesiTurkmen leli gama elithi Yehowa litholakala kaningi enguqulweni yemiBhalo Engcwele yalolu limi. IHubo 8:1 lithi: “O Jehova Nkosi yethu, yeka ukuthi igama lakho likhulu ngendlela ebabazeka kangakanani emhlabeni wonke!”

Ukuze afunde okwengeziwe ngoJehova uNkulunkulu, lona wesifazane wacela ikhophi yencwajana enamakhasi angu-32 ethi Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade. Nawe ungayicela le ncwajana komunye woFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela