Lokho UJehova Akubikezelayo Kuyagcwaliseka
“NGINGOWAPHEZULU futhi akekho omunye uNkulunkulu, nanoma ngubani ofana nami; Lowo owazisa isiphetho kwasekuqaleni, nalowo owazisa izinto ezingakenziwa kusukela kudala.” (Isaya 46:9, 10) Kusho uJehova, okwazi ukubikezela ikusasa ngokunembile.
Umuntu waziwa ngokwehluleka ukubikezela ikusasa. Ngakho-ke, ukuthi iBhayibheli liyincwadi yesiprofetho kufanele kushukumise bonke abafuna iqiniso ukuba bahlole ukusho kwalo ukuthi lalotshwa uNkulunkulu. Ake sicabangele ezinye zeziprofetho zeBhayibheli esezigcwalisekile kakade.
Imibuso Yasendulo
UNkulunkulu wabikezela ukuthi u-Edomi, uMowabi no-Amoni babeyobhujiswa phakade. (Jeremiya 48:42; 49:17, 18; 51:24-26; Obadiya 8, 18; Zefaniya 2:8, 9) Ukuphela kwalezi zizwe ezazaziwa kufakazela ukunemba kweZwi likaNkulunkulu lesiprofetho.
Kuyiqiniso ukuthi umuntu angase athi noma ubani angabikezela ukuthi isizwe, kungakhathaliseki ukuthi sinamandla kangakanani, siyogcina sesinyamalele. Kodwa lowo mbono awulivezi iqiniso elibalulekile lokuthi iBhayibheli ladlulela ngalé. Ngokwesibonelo, lanikeza imininingwane ngokuthi iBhabhiloni laliyogumbuqelwa kanjani. IBhayibheli labikezela ukuthi lo muzi wawuyonqotshwa amaMede, ukuthi kwakuyohlasela namasosha aholwa uKoresi, nokuthi imifula eyisivikelo salo muzi yayiyokoma.—Isaya 13:17-19; 44:27–45:1.
Akuzona zonke izimo lapho iBhayibheli labikezela khona ukuthi isizwe esinqotshiwe sasiyonyamalala phakade. Ngokuphambene nalokho, lapho ebikezela ukuthi iJerusalema laliyonqotshwa abaseBhabhiloni, uNkulunkulu wathi lo muzi wawuyovuselelwa, naphezu komthetho waseBhabhiloni wokungazikhululi izithunjwa. (Jeremiya 24:4-7; 29:10; 30:18, 19) Lokhu kwagcwaliseka, futhi inzalo yamaJuda isekhona njengesizwe esaziwayo kuze kube namuhla.
Ngaphezu kwalokho, uJehova wabikezela ukuthi iGibhithe laliyonqotshwa njengombuso wezwe lonke kodwa “kamuva [laliyohlalwa] njengasezinsukwini zakudala.” Ngokuhamba kwesikhathi, lo mbuso wasendulo ‘wawuyoba umbuso ophansi.’ (Jeremiya 46:25, 26; Hezekeli 29:14, 15) Nakho lokhu kwagcwaliseka. Ngaphezu kwalokho, uJehova wabikezela ukuthi iGrisi yayiyonqotshwa njengombuso wezwe lonke, kodwa akazange athi leli zwe lalingeke lisaba khona. Yini esiyifundayo ngokushabalala kwemibuso uJehova ayebikezele ukuthi yayiyoqothulwa nangokuba khona kweminye ayengazange abikezele ukuqothulwa kwayo? Sifunda ukuthi iZwi likaNkulunkulu liqukethe iziprofetho zangempela, ezinokwethenjelwa.
Imininingwane Emangalisayo
Njengoba kuphawulwe ngenhla, uJehova wanikeza imininingwane eminingi ngokuphathelene nendlela iBhabhiloni elaliyokuwa ngayo. Ngokufanayo, lapho ibikezela ukuwa kweThire, incwadi kaHezekeli ithi amatshe alo, izinto zamapulangwe nothuli kwakuyobekwa “phakathi kwamanzi.” (Hezekeli 26:4, 5, 12) Lesi siprofetho sagcwaliseka ngo-332 B.C.E., lapho u-Alexander Omkhulu eyala ibutho lakhe ukuba lisebenzise ingxenye yezwe yomuzi onqotshiwe ukuze lakhe indlela eya esiqhingini saseThire, naso esanqotshwa.
Isiprofetho esilotshwe kuDaniyeli 8:5-8, 21, 22 nasesahlukweni 11:3, 4 naso sinikeza imininingwane ehlaba umxhwele ngokuphathelene ‘nenkosi yaseGrisi’ ephakeme ngokungavamile. Lo mbusi wayeyobulawa lapho esedlondlobele, bese umbuso wakhe uhlukaniswa kane kodwa hhayi phakathi kwenzalo yakhe. Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-200 lesi siprofetho silotshiwe, u-Alexander Omkhulu wabonakala eyileyo nkosi enamandla. Umlando usitshela ukuthi washeshe wafa nokuthi umbuso wakhe wagcina uhlukaniswe phakathi kojenene bakhe abane—hhayi inzalo yakhe.
Abagxeki baye bathi lesi siprofetho kumelwe ukuba salotshwa ngemva kokugcwaliseka kwaso. Kodwa ake ubukeze ukulandisa okushiwo ngenhla encwadini kaDaniyeli. Uma kubhekwa ngasohlangothini lwesiprofetho, imininingwane yako iyamangalisa. Kodwa uma kubhekwa njengomlando ozishaya sasiprofetho, ingabe akubonakali yini kukhona ukuntuleka okusobala kwemininingwane? Uma umkhohlisi owaphila ngemva kuka-Alexander ayezama ukuhlaba abafundi umxhwele ngalokho okucatshangelwa njengesiprofetho, kungani engazange asho nokuthi ngokushesha nje ngemva kokufa kuka-Alexander, amadodana akhe amabili ayeyozama ukumisa eyawo imibuso kodwa abulawe? Kungani engazange asho ukuthi kwakuyodlula amashumi eminyaka ngaphambi kokuba bonke ojenene bakhe abane baphathe izingxenye ezihlukene zombuso ka-Alexander? Empeleni, kungani engazange alisho igama lale nkosi enamandla nojenene bayo abane?
Ukuthi iziprofetho zeBhayibheli zalotshwa ngemva kwezenzakalo kuwukugomela osekunesikhathi eside kukhona kodwa okungenabufakazi kwalabo okuthi bengakabuhloli ubufakazi, banqume ukuthi akunandlela yokubikezela izenzakalo. Ngenxa yokuthi bayenqaba ukwamukela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu, baphoqeleka ukuba bachaze yonke into ngombono wabantu ongokwenyama. Noma kunjalo, ngokuhlakanipha uNkulunkulu waphefumulela imininingwane eyanele yeziprofetho ukuze kubonakale ukuthi ungumthombo wazo.a
Iziprofetho zeBhayibheli zingaqinisa ukholo lwakho uma uzinika isikhathi sokuzindla ngeziprofetho ezithile nendlela ezagcwaliseka ngayo. Kungani ungatadishi iziprofetho zalo? Amashadi asemakhasini 343 kuya-346 encwadi ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” angakusiza kulokhu.b Uma ukusebenzisa lokhu kusikisela, tadisha unomgomo wokwakha ukholo lwakho. Ungajahi ufune ukuhlanganisa indaba kuphela. Kunalokho, zindla ngokwazisa ngeqiniso lokuthi noma yini uJehova ayibikezelayo igcwaliseka ngokunembile.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe okuchitha umbono wokuthi iziprofetho zeBhayibheli zalotshwa sezigcwalisekile, bheka amakhasi 106-11 encwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 24]
IZIMISO EZISEBENZA EKUPHILENI
Nanti elinye iphuzu ongalicabangela. UNkulunkulu owakubikezela ngokunembe kangaka ukudlondlobala nokuwa kwemibuso yomhlaba ubuye abe nguMthombo wezimiso zeBhayibheli zokuphila. Nazi ezinye zazo:
Uvuna okuhlwanyelayo.—Galathiya 6:7.
Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.—IzEnzo 20:35.
Injabulo ixhomeke ekwaneliseni izidingo ezingokomoya.—Mathewu 5:3.
Uma uzisebenzisa lezi zimiso, ungaqiniseka ukuthi ziyoba iqiniso ekuphileni kwakho.
[Izithombe ekhasini 22, 23]
IZwi likaNkulunkulu labikezela ukuphela nyá kwale mibuso . . .
U-EDOMI
IBHABHILONI
. . . kodwa hhayi lena
IGIBHITHE
IGRISI
[Imithombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
WHO photo by Edouard Boubat
[Isithombe ekhasini 23]
U-Alexander Omkhulu