Ingabe Bewazi?
Lwalungakanani ulwandle olubunjiwe olwalusethempelini likaSolomoni?
Ukulandisa okukweyoku-1 AmaKhosi 7:26 kuthi ulwandle lwaluqukethe “amabhathi ayizinkulungwane ezimbili” amanzi ayesetshenziswa abapristi, kanti ukulandisa okuvumelana nakho okukweyesi-2 IziKronike 4:5 kuthi lwaluqukethe “amabhathi ayizinkulungwane ezintathu.” Lokhu kuye kwaholela embonweni wokuthi lo mehluko wabangelwa yiphutha elenziwa ababhali bokulandisa kweziKronike.
Kodwa, INguqulo Yezwe Elisha isisiza ukuba siqonde indlela enembe ngayo le mibhalo emibili. Eyoku-1 AmaKhosi 7:26 ifundeka kanje: “Lwalungaqukatha amabhathi ayizinkulungwane ezimbili.” Phawula ukuthi eyesi-2 IziKronike 4:5 ithi: “Njengesitsha, lwalungaqukatha amabhathi ayizinkulungwane ezintathu.” Ngakho eyesi-2 IziKronike 4:5 ikhuluma ngomthamo usuwonke owawuthwalwa umcengezi wasethempelini, lokho owawungakuqukatha, kanti eyoku-1 AmaKhosi 7:26 ikhuluma ngomthamo wamanzi owawuvame ukuthelwa kulo mcengezi wasethempelini. Kubonakala sengathi kwakuyinto evamile ukuba ugcwaliswe ngezingxenye ezimbili kwezintathu zomthamo wawo.
Kungani uJesu noPetru bakhokha intela yasethempelini ngohlamvu olulodwa vo?
Osukwini lukaJesu, bonke abesilisa abangamaJuda abevile eminyakeni engu-20 kwakufanele bakhokhe intela yasethempelini yaminyaka yonke engamadrakma amabili, noma uhlamvu lwe-didrachma. Le ntela yayilingana nomholo wezinsuku ezimbili. Lapho kuphakama umbuzo mayelana nokukhokha le ntela, uJesu wayala uPetru: “Hamba uye olwandle, uphonse udobo, bese uthatha inhlanzi yokuqala ephumayo, futhi lapho uvula umlomo wayo, uzothola uhlamvu lwemali. Luthathe ubanike lona ukhokhele mina nawe.”—Mathewu 17:24-27.
Izazi eziningi zikholelwa ukuthi uhlamvu lwemali okukhulunywa ngalo lapha, empeleni kwakuyi-tetradrachma. Lolu hlamvu lwalulingana namadrakma amane, noma intela yasethempelini yabantu ababili. I-tetradrachma yayivame kakhulu futhi itholakala ngobuningi kune-didrachma. Ngakho i-New Bible Dictionary ithi: “Kubonakala sengathi amaJuda ayevame ukuhlangana akhokhe intela yaseThempelini ngamabili.”
Ngaphezu kwalokho, noma imuphi umuntu owayefuna ukukhokha intela yomuntu oyedwa kuphela kwakufanele akhokhe ne-agio, intela yokushintsha imali. Lelo nani lalingaba amaphesenti angu-8. Kodwa labo ababekhokhela abantu ababili ngesikhathi babengalikhokhi leli nani. Ngakho ngisho nakulo mniningwane ongabalulekile, ukulandisa okwalotshwa uMathewu kuvumelana nalokho okwakwaziwa ngemikhuba evamile yesikhathi sikaJesu.
[Isithombe ekhasini 15]
Umfanekiso okhulisiwe we-tetradrachma