Ukufuna Amaphutha Kwangiholela Eqinisweni
Njengoba ilandiswa ngu R. STUART MARSHALL
Umpristi ongumJesuit wathi: “Asikhulumi noFakazi BakaJehova. Basebenzisa iBhayibheli.” Impendulo yakhe yangimangaza, ngoba ngangisanda kumcela ukuba asize umkami ngokumbonisa ukungavumelani okukhona ezimfundisweni zoFakazi BakaJehova. Nganquma ukuthi kuzofanele ngizifundele iBhayibheli noFakazi ukuze ngimbonise.
KUNGALESI sikhathi, ngineminyaka engu-43, lapho ngazimisela khona ukubonisa ukuthi zingamanga izimfundiso zoFakazi BakaJehova, ngisebenzisa ulwazi lwami lwamaqiniso nemfundiso yenkolo. Kusukela ngisesesikoleni samabanga aphansi kuze kube sekolishi, ngangilokhu ngifunda ezikoleni zamaKatolika. Nakuba ngathola iziqu ze-bachelor of arts kwezomnotho ngo-1969 futhi ngenza nezifundo ezidingekayo zefilosofi nemfundiso yenkolo, ayikho imfundo yami yobuKatolika eyayihlanganisa ukufunda iBhayibheli.
Ngemva kokuphothula ekolishi, ngashada noPatricia McGinn naye owayengumKatolika. Sobabili sathola iziqu zobudokotela eStanford University. Ngo-1977, kwazalwa indodana yethu uStuart, futhi sagcina sesizinze eSacramento, eCalifornia, e-U.S.A. Eminyakeni engu-23 eyalandela, ngasebenzela isifundazwe saseCalifornia kuyiLegislative Analyst’s Office (LAO), ngihlaziya ukusetshenziswa kwezimali emkhakheni wezemfundo. Ngangizikhandla futhi ngikujabulela ukuphila. Ngangikuthanda ukuba ubaba endodaneni yethu njengoba yayikhula. Umkami othandekayo wayengisekela kakhulu, futhi nami ngimsekela.
Impendulo Ebiza Amasenti Angu-25
Lapho indodana yethu ineminyaka emibili, uPatricia wathola iBhayibheli koFakazi BakaJehova futhi waqala ukulifunda nabo. Wabhapathizwa ngemva kweminyaka emithathu. Nganginomuzwa wokuthi oFakazi BakaJehova babengenakho ukulinganisela emibonweni yabo ngamaholidi nangokumpontshelwa igazi, kodwa indlela abacabanga ngayo ngangiyithola yenelisa kwezinye izinto. Okwangimangaza, ukuthi ngawuveza obala umuzwa wami ngelinye ilanga ngo-1987 lapho ngibizelwa ukuba ngiyofakaza phambi kwesigele namakomiti ezemfundo ngokuphathelene nokusikisela okuthile engangikwenze kusishaya-mthetho sesifundazwe.
I-University of California yayifuna imali yokungenela umqhudelwano nezinye izifundazwe ukuze ithole umklomelo wezigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha wohlelo lukahulumeni. Ngalolu hlelo kwakuzokwakhiwa isikhungo esikhulu sezesayensi. Ngangisikisele ukuba ingakhishwa le mali, ngenxa yokuthi ngokuhamba kwesikhathi, lokhu kwakungeke kusize emnothweni wesifundazwe. Iyunivesithi yangiphikisa ngokubiza abantu ababili ababezuze umklomelo kaNobel kwezesayensi yemvelo ukuba bazofakaza phambi kwesishaya-mthetho. Ngamunye wabo wachaza ukuthi lolu hlelo lwaluyonikeza ulwazi olungakanani. Omunye wathi lwalungaphendula imibuzo ephathelene nemvelaphi yendawo yonke. Omunye wathi lwalungaletha ukukhanya maqondana nesiqalo sokuphila embulungeni yethu.
Usihlalo wekomiti waphendukela kimi.
Wabuza: “Ucabanga ukuthi izigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha zama-dollar ziningi kakhulu ukukhokhela izimpendulo zale mibuzo?”
Ngaphendula, “Ngiyavuma ukuthi lena imibuzo ebalulekile. Kodwa oFakazi BakaJehova bayeza kwami ngeMigqibelo ekuseni banginike umagazini ongaphendula le mibuzo ngomnikelo ongamasenti angu-25. Angiqiniseki ukuthi impendulo yabo ebiza amasenti angu-25 ayingcono yini kunezimpendulo ezibiza izigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha zalolu hlelo.”
Kwahleka wonke umuntu endlini, kuhlanganise nalabo ababethole umklomelo kaNobel. Nakuba isishaya-mthetho salusekela lolu hlelo, akekho owaphikisana nengangikusho.
Njengoba isikhathi siqhubeka, ngaqala ukubona isidingo sokunakekela isimo esasiqhubeka ekhaya. Ngemva kweminyaka eyisithupha ngixoxa noPatricia ngeBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngazizwa ngidumala lapho efuna ukuchitha isikhathi esithe xaxa enkonzweni. Lokhu kwakuyohilela ukunciphisa umsebenzi wakhe eyunivesithi. Ukuthi kwakwenzeka kanjani umuntu ohlakaniphe kangaka abe nalowo mgomo kwakungikhungathekisa, futhi kwabonakala sengathi akukho engangingakusho noma ngikwenze ukuze ashintshe umqondo.
Ngazama ukuthola usizo lukachwepheshe, othile owayenolwazi olungcono lweBhayibheli kunami, engangicabanga ukuthi wayengakuveza kalula ukungqubuzana kwezimfundiso zoFakazi BakaJehova neBhayibheli. Ukuveza nje imfundiso yabo eyodwa eyiphutha kwakuyoxazulula zonke izinto. Yilokho kuphela engangikudinga ukuze ngifinyelele ingqondo yomkami ekhaliphile. Ngathintana nompristi ongumJesuit wesonto mina noPatricia esasisonta kulo ngaphambili. Umhlangano wethu waphetha ngengxoxo okukhulunywe ngayo ekuqaleni kwalesi sihloko. Lapho umpristi enqaba ukukhuluma nomkami, ngangazi ukuthi nakuba kwakuzongithatha isikhathi esithe xaxa, ngangizowathola amaphutha futhi ngiwabonise uPatricia.
Ukufuna Kwami Amaphutha
Njengoba ngangifunda iBhayibheli noFakazi, okwangihlaba umxhwele kakhulu kwakuyisiprofetho seBhayibheli. Ngafunda encwadini yomprofethi u-Isaya imininingwane ephathelene nokuwa kweBhabhiloni eyayibhalwe eminyakeni engaba ngu-200 ngaphambi kwaleso senzakalo, eyayigagula uKoresi njengomnqobi futhi eyayichaza isu lokuphambukisa uMfula i-Ewufrathe ukuze anqobe iBhabhiloni. (Isaya 44:27–45:4) Eminyakeni ethile ngaphambi kwalokho, ngangifunde ngokuwa kweBhabhiloni ekilasini elikhuluma ngamasu okuphaka impi. Ngafunda nokuthi eminyakeni engaphezu kwengu-200 ngaphambili, umprofethi uDaniyeli wayebikezele imininingwane ephathelene nenkosi enamandla yaseGrisi, embuso wayo wawuzohlukaniswa ube imibuso emine emincane engenamandla ngemva kokufa kwayo. (Daniyeli 8:21, 22) Ngalikhumbula lelo qiniso ngo-Alexander Omkhulu ngoba ngangilifunde ezifundweni zomlando wasendulo. Ngokwenza ucwaningo ezincwadini zezikhombo, ngathola ukuthi empeleni lezi zincwadi zeBhayibheli zazibhalwe ngaphambi kwezenzakalo ezazizibikezela.
Njengoba ngiqhubeka ngifunda noFakazi, ngaqiniseka ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, okuyinto imfundiso yenkolo yamaKatolika yeminyaka eminingi eyayihlulekile ukuyenza. Ngangizokwenzani ngalolu lwazi? Nganquma ukunikezela ukuphila kwami kuJehova futhi ngibe uFakazi. (Isaya 43:10) Ngabhapathizwa ngo-1991, ngemva kweminyaka emibili ngixoxe nompristi. Indodana yethu yabhapathizwa ngonyaka olandelayo.
Njengoba sase sinombono omusha ngezinto, sashintsha imigomo yomkhaya. Phakathi kwezinto zokuqala engazenza ngemva kokubhapathizwa kwaba ukwenza uhlelo lweminyaka emihlanu lokuba umkami ayeke ukufundisa eyunivesithi lapho eseneminyaka engu-50 ubudala. Wayefuna ukuba iphayona, ngaleso sikhathi okwakuhilela ukusebenza amahora angu-1 000 ngonyaka, noma angaba ngu-83 ngenyanga, esiza abanye ukuba bafunde amaqiniso eBhayibheli. Ngo-1994, wayesenciphise umsebenzi wakhe ngokwanele, wakwazi ukubhalisa njengephayona. Imigomo yami yokuqala yayihlanganisa ukuthuthukisa inkonzo yami, ngisize lapho ngangingakwazi khona ebandleni, nokuvolontiya ekwenzeni umsebenzi wezimali ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso endaweni yangakithi.
Ngesinye isikhathi, ngathola ithuba lokuxoxa ngeBhayibheli emsebenzini. Umhlaziyi wezimali omusha eLAO wayenguFakazi owayesepholile. Ukungabaza kwakhe iBhayibheli kwakwenze ukholo lwakhe lwaba buthakathaka. Ngakujabulela ukumsiza ngokomoya. Waphindela ekhaya futhi waqala ukuphayona.
Ngo-1995, ngangisengqungqutheleni ekhethekile nasekomitini yesigele yezemfundo eyayihlaziya ucwaningo lukahulumeni. Usihlalo wekomiti wabuza ummeleli kahulumeni ukuthi kwakwenzekeni ngohlelo lokwakhiwa kwesikhungo sesayensi. Siphendula, lesi sikhulu sikahulumeni sathi lowo msebenzi wawudluliselwe esifundazweni saseTexas kodwa wangaqedwa ngenxa yezizathu ezintathu. Esokuqala, izindleko zalo msebenzi zenyuka zisuka kuma-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha zaya kwezingu-9 ngaphambi kokuba uqalwe. Esesibili, uhulumeni wayefuna ukuba imali isetshenziswe kweminye imisebenzi, ikakhulukazi empini yase-Iraq ngo-1991. Esesithathu, bathola ukuthi babengathola izimpendulo zemibuzo ephathelene nokuphila koFakazi BakaJehova ngamasenti angu-25! Kubonakala sengathi engangikushilo kwakuzwakale kuyo yonke indawo.
Njengoba wonke umuntu ayehleka, amanye amalungu ekomiti angibuka. Ngasukuma ukuze ngitshele bonke abakhona ngombiko wamuva, ngathi, “Manje lezi zimpendulo seningazithola mahhala ngokumane nje nifunde lezi zincwadi.”
Ukuphila Okwanelisayo Nokunenjongo
Ngemva kokuba umkami esethathe umhlalaphansi, senza uhlelo lweminyaka emihlanu oluqondene nami. Ngabuza ngokuhlakanipha kwezinye izinhlangano mayelana namatoho ngoba manje ngase ngifuna ukuchitha isikhathi esengeziwe ngifundisa abanye amaqiniso eBhayibheli. Kungazelelwe, iLAO yanginika ithuba lokuba ngisebenze isikhathi esincishisiwe. Ngakho, ngo-1998, ngaba iphayona.
Ngolunye usuku ekuseni njengoba mina nomkami sasilungela ukuya enkonzweni, ngathola ucingo oluvela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lase-United States eBrooklyn, eNew York. Owayeshaye ucingo wangibuza ukuthi nginaso yini isithakazelo sokwenza umsebenzi othile eBrooklyn. Ngavumela phezulu. Lokho kwaholela ekusebenzeni kwethu endlunkulu izinyanga ezingu-18. Ngagcina ngithathe umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi esifundazweni saseCalifornia ukuze ngikwazi ukuqeda lo msebenzi. Ngemva kwalokho, savolontiyela ukuyosiza ekwakhiweni kweHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova eFairfield, eCalifornia. Sathengisa umuzi wethu eSacramento sathuthela efulethini elincane ePalo Alto. Ukuthatha kwami umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi kwasilethela nezinye izibusiso. Kusukela ngaleso sikhathi siye sasebenza emahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova eNigeria, eNingizimu Afrika, eCanada, eBrithani naseJalimane.
NjengoFakazi abasisiza, mina nomkami manje sijabulela ukusiza abanye bafunde amaqiniso eBhayibheli. Nginomuzwa oqotho wokuthi imfundo evela kuJehova yanelisa kunayo yonke imfundo ephakeme engayithola. Ayifani nanoma iyiphi imfundo emhlabeni ngobubanzi nangokujula. UJehova uqeqeshe oFakazi bakhe ukuba bafundise iqiniso leBhayibheli ngendlela ethinta kokubili ingqondo nenhliziyo. Yilokho okungishukumisela ukuba ngiqhubeke ngifunda. Mina nomkami siyabonga ngokuphila esikujabulelayo manje nangelungelo lokusebenzisa imfundo yethu ekukhonzeni uMbusi wendawo yonke, uJehova uNkulunkulu.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]
Njengoba ngangifunda iBhayibheli noFakazi, okwangihlaba umxhwele kakhulu kwakuyisiprofetho seBhayibheli
[Isithombe ekhasini 27]
NginoPatricia ngosuku lwethu lomshado
[Isithombe ekhasini 29]
Siyakujabulela ukusiza abanye bafunde amaqiniso eBhayibheli