Lokho Esikufunda KuJesu
Mayelana Nokukhulekela Kweqiniso
Ingabe uNkulunkulu wamukela konke ukukhulekela?
▪ UJesu wayebazwela abantu ababedukiswe yinkolo yamanga. Waxwayisa ‘ngabaprofethi bamanga abeza bembethe isikhumba semvu, kodwa ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.’ (Mathewu 7:15) Uke waphawula yini ukuthi abanye abantu basebenzisa inkolo ukuze benze izinto ezimbi?
Lapho ethandaza kuNkulunkulu, uJesu wathi: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Ngokusobala, uNkulunkulu akakwamukeli ukukhulekela okuphikisana neqiniso leBhayibheli. Ngakho, lapho uJesu ekhuluma ngabazenzisi benkolo abathile, washo la mazwi kaNkulunkulu: ‘Baqhubeka bengikhulekela ngeze, ngoba bafundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.’—Mathewu 15:9.
Ingabe ikhona inkolo yeqiniso?
▪ Lapho uJesu ekhuluma nowesifazane waseSamariya owayedukiswe inkolo yamanga, wathi kuye: ‘Nina nikhulekela eningakwaziyo. Abakhulekeli beqiniso bayokhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso, ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele.’ (Johane 4:22, 23) Kusobala ukuthi ukukhulekela kweqiniso kukhona futhi kungatholakala.
UJesu wathi: “Angenzi lutho ngokwami; kodwa lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.” (Johane 8:28) Ngakho, uJesu wayazi ukuthi indlela yokukhulekela ayeyifundisa kwakuyiyona kuphela eyeqiniso. Yingakho athi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) Njengoba abakhulekeli beqiniso bekhulekela uBaba ngendlela efanayo, kumelwe babe munye enkolweni eyodwa yeqiniso.
Ungababona kanjani abakhulekeli beqiniso?
▪ UmKristu umuntu olingisa uJesu Kristu. Nazi izindlela ezine ezibabonakalisa ngokucacile abalandeli bakhe.
1. UJesu Kristu wathandaza kuJehova: “Ngibazisile igama lakho.” (Johane 17:26) AmaKristu eqiniso enza okufanayo nanamuhla.
2. UJesu washumayela ngoMbuso kaJehova futhi wathuma abafundi bakhe ukuba bashumayele njengaye endlini ngendlu. Wathi: “Kunoma yimuphi umuzi noma umzana eningena kuwo, funani ukuthi ubani ofanelekayo kuwo.” Kamuva, watshela abalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” (Mathewu 10:7, 11; 28:19) Ungawabona kalula amaKristu eqiniso namuhla ngoba asawenza lowo msebenzi.
3. UJesu wenqaba ukuthatha uhlangothi kwezombusazwe. Yingakho athi ngabalandeli bakhe: ‘Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.’ (Johane 17:14) Abakhulekeli beqiniso kufanele baziwe ngokuthi abathathi hlangothi kwezombusazwe.
4. UJesu wayebathanda abantu futhi ezidela ngenxa yabo. Wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) AmaKristu eqiniso ayathandana futhi awahlanganyeli ezimpini.
Kungakuzuzisa kanjani ukukhulekela kweqiniso?
▪ Ukuze ube umkhulekeli weqiniso, into yokuqala okumelwe uyenze ukumazi kahle uJehova. Ukumazi kuyokusiza ukuba uphile ukuphila okungcono kakhulu futhi umthande. UJehova wabathembisa ukuphila okuphakade labo abamthandayo. Yingakho uJesu athi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.”—Johane 17:3.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 15 sale ncwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 16]
“Qaphelani abaprofethi bamanga abeza kini bembethe isikhumba semvu, kodwa ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.”—Mathewu 7:15