Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
Ingabe UNkulunkulu Uthanda Uhlanga Oluthile Ngaphezu Kwezinye?
▪ Cha. IBhayibheli lisho ngokucacile: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
Umbono kaNkulunkulu kule ndaba uphakeme kakhulu kowabantu abangaphelele. Abantu abaningi bakholelwa ukuthi uhlanga olulodwa (imvamisa olwabo) luphakeme kunezinye. Ubandlululo olunjalo lubonisa indlela yokucabanga kaCharles Darwin, owabhala: “Esikhathini esizayo, . . . izinhlanga eziphucuzekile ziyocishe ziziqede nya izinhlanga zamaqaba.” Ngokudabukisayo, abaningi baye bahlukunyezwa ngempela abantu bezinye izinhlanga abacabanga ukuthi baphakeme.
Ingabe imizwa yokuzizwa ungcono kunabantu bezinye izinhlanga iyafaneleka? Ngokwesibonelo, isayensi ikufakazele yini ukuthi ukwakheka komzimba womuntu kubonisa ukuthi ezinye izinhlanga ziphakeme futhi ezinye ziphansi? Cha, kunalokho isazi sezakhi zofuzo esinguprofesa e-Oxford, uBryan Skyes, sithi: “Uma kubhekwa izakhi zofuzo, asikho isizathu sokuhlukanisa izinhlanga ngokofuzo. . . . Ngihlale ngibuzwa ukuthi ikhona yini i-DNA yamaGreki noma isakhi sofuzo samaNtaliyane, kodwa eqinisweni, asikho. . . . Sonke sihlobene eduze.”
La maqiniso avumelana nalokho esikufunda emiBhalweni. IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu wadala indoda eyodwa nowesifazane oyedwa, futhi bonke abantu bavela kubo. (Genesise 3:20; IzEnzo 17:26) Ngakho-ke, emehlweni kaNkulunkulu, kunohlanga olulodwa kuphela—uhlanga lwesintu.
KuJehova, ibala lomuntu nokubukeka kwakhe akusho lutho. Kunalokho, wazisa into ebaluleke kakhulu—inhliziyo yethu, noma umuntu esinguye ngaphakathi. Uthi: “Abantu bahlulela abanye ngokubukeka kwabo, kodwa mina ngahlulela abantu ngalokho okusezinhliziyweni zabo.” (1 Samuweli 16:7, Contemporary English Version) Ukukhumbula leli qiniso kungaba isikhuthazo esikhulu kithi. Kanjani?
Kungakhathaliseki ukuthi singabaluphi uhlanga, abaningi bethu abajabuli ngendlela ababukeka ngayo, nokho kuncane esingakwenza ukuze sikushintshe lokho. Kepha singakuthuthukisa lokho okubaluleke kakhulu—imicabango nezinhliziyo zethu. (Kolose 3:9-11) Uma sizihlola ngokwethembeka, singase siphawule ukuthi sithambekele ekuzizweni siphakeme, noma mhlawumbe ekuzizweni siphansi, kunezinye izinhlanga. Njengoba kule mibono ungekho ovumelana nendlela kaNkulunkulu yokucabanga, kufanele sisebenze kanzima ukuze sikhiphe imizwa enjalo ezinhliziyweni zethu.—IHubo 139:23, 24.
Njengoba silwela ukuzibheka thina nabanye ngendlela uJehova asibheka ngayo, singaqiniseka ukuthi uzosisiza. IZwi lakhe liyasikhumbuza: “Ngokuqondene noJehova, amehlo akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) Lokhu kuyiqiniso kungakhathaliseki ukuthi singabaluphi uhlanga.