Ungabheki “Izinto Ezingemuva”
“Akukho muntu othi esebeké isandla sakhe egejeni abuye abheke izinto ezingemuva owufanelekela kahle umbuso kaNkulunkulu.”—LUKA 9:62.
UNGAPHENDULA KANJANI?
Kungani kufanele ‘sikhumbule umkaLoti’?
Iziphi izinto ezintathu okufanele sigweme ukuhlale sicabanga ngazo?
Sihambisana kanjani nenhlangano kaJehova?
1. Isiphi isixwayiso uJesu asinikeza, futhi imuphi umbuzo ophakamayo?
“KHUMBULANI umkaLoti.” (Luka 17:32) Leso sixwayiso uJesu Kristu asinikeza eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule sibaluleke kakhulu manje kunanini ngaphambili. Kodwa uJesu wayesho ukuthini ngalesi sixwayiso esingathi sína? Akuzange kudingeke ukuba awachaze la mazwi ezilalelini zakhe ezingamaJuda. Zazikwazi okwenzeka kumkaLoti. Ngesikhathi bebaleka eSodoma nomkhaya wakhe, akazange alalele, wabheka emuva wabe esephenduka insika kasawoti.—Funda uGenesise 19:17, 26.
2. Yini okungenzeka yenza umkaLoti wabheka emuva, futhi isenzo sakhe sokungalaleli samlahlekiselani?
2 Kodwa kungani umkaLoti abheka emuva? Ingabe wayefuna ukubona okwakwenzeka? Ingabe wayenziwa ukuntula ukholo? Noma, wayelangazelela zonke izinto ayezishiye ngemuva eSodoma? (Luka 17:31) Kungakhathaliseki ukuthi sasiyini isizathu sokubheka kwakhe emuva, leso senzo sokungalaleli samlahlekisela ukuphila kwakhe. Cabanga nje! Wafa ngalusuku lunye nezakhamuzi zaseSodoma naseGomora ezikhohlakele. Yingakho uJesu athi: “Khumbulani umkaLoti”!
3. UJesu wakugcizelela kanjani ukuthi akufanele sibheke emuva ngomqondo ongokomfanekiso?
3 Nathi siphila esikhathini lapho kubaluleke khona ukuba singabheki emuva ngomqondo ongokomfanekiso. UJesu wagcizelela leli phuzu lapho ephendula umuntu othile owayecele ukubuyela kubo ayovalelisa ngaphambi kokuba abe umfundi. Wathi: “Akukho muntu othi esebeké isandla sakhe egejeni abuye abheke izinto ezingemuva owufanelekela kahle umbuso kaNkulunkulu.” (Luka 9:62) Ingabe kwakuwukhahlo noma ukungacabangeli ukuphendula kukaJesu ngale ndlela? Cha, ngoba wayazi ukuthi isicelo salo muntu sasimane siyizaba zokubalekela umthwalo wemfanelo. UJesu wachaza ukuhlehlisa kwalo muntu ukuba umfundi njengokubheka “izinto ezingemuva.” Kunendaba yini ukuthi umuntu olimayo ubheka izinto ezingemuva okwesikhashana noma ubeka igeja phansi abese ephenduka? Noma ngabe ikuphi, uyaphazamiseka kulokho okufanele ngabe uyakwenza, futhi lokho kungawona umsebenzi wakhe.
4. Yini okumelwe sigcine amehlo ethu egxile kuyo?
4 Kunokuba siphinde sinake izinto zesikhathi esidlule, kumelwe sigcine amehlo ethu egxile kulokho okusengaphambili. Phawula indlela lokhu okubekwe ngayo ngokucacile encwadini yezAga 4:25: “Ngokuqondene namehlo akho, kufanele abheke phambili, yebo, amehlo akho akhazimulayo kufanele athi njó phambi kwakho.”
5. Isiphi isizathu esinaso sokungabheki izinto ezingemuva?
5 Sinesizathu esizwakalayo sokungabheki izinto ezingemuva. Siyini? Siphila “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thim. 3:1) Manje asibhekene nokuqothulwa kwemizi emibi emibili kuphela, kodwa nokubhujiswa kwaso sonke isimiso sezinto sezwe. Yini eyosisiza ukuba sigweme noma yini ecishe ifane nokwenzeka kumkaLoti? Okokuqala, kudingeka sizazi izinto esizishiye ngemuva esingase silingeke ukuba sizibheke. (2 Kor. 2:11) Ngakho-ke, ake sicabangele ukuthi iziphi lezo zinto futhi sibone indlela esingakugwema ngayo ukugxila kuzo.
IZINSUKU EZIMNANDI ZAKUDALA
6. Kungani singenakuyethemba njalo inkumbulo yethu?
6 Enye ingozi ephawulekayo iwukuba nombono osontekile ngezinsuku ezimnandi zakudala. Inkumbulo yethu asinakuyethemba njalo. Singahlosile, singase sinciphise izinkinga esasinazo futhi ngesikhathi esifanayo senze ihaba ngezinto esasizijabulela, senze kubonakale sengathi izinto zazingcono kakhulu kunalokho empeleni ezaziyikho. Le nkumbulo esontekile ingasenza silangazelele izinsuku ezimnandi zakudala. Kodwa iBhayibheli liyasixwayisa: “Ungasho ukuthi, ‘Kungani izinsuku zakudala zazingcono kunalezi?’ ngoba akukhona ukuhlakanipha ukubuza lokho.” (UmSh. 7:10, New English Translation) Kungani lokhu kucabanga kuyingozi kangaka?
7-9. (a) Yini eyenzeka kuma-Israyeli eGibhithe? (b) Ama-Israyeli ayenaziphi izizathu zokujabula? (c) Ama-Israyeli aqala ukukhononda nokububula ngani?
7 Cabanga ngalokho okwenzeka kuma-Israyeli osukwini lukaMose. Nakuba ekuqaleni ayebhekwa njengezimenywa ezweni laseGibhithe, ngemva kokufa kukaJosefa, abaseGibhithe ‘babeka phezu kwama-Israyeli izinduna zomsebenzi ophoqelelwe ngenjongo yokuwacindezela ekuthwaleni kwawo imithwalo esindayo.’ (Eks. 1:11) Ekugcineni, abantu bakaNkulunkulu babhekana nohlobo oluthile lokuqothulwa njengoba uFaro azama ukuwanciphisa. (Eks. 1:15, 16, 22) Yingakho uJehova athi kuMose: “Ngokuqinisekile ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yalabo ababacindezela ngomsebenzi; ngoba ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo.”—Eks. 3:7.
8 Ungacabanga yini ngenjabulo ama-Israyeli aba nayo lapho ephuma ezweni lobugqila njengabantu abakhululekile? Ayebone amandla kaJehova amangalisayo lapho eletha iZinhlupho Eziyishumi kuFaro oqhoshayo nakubantu bakhe. (Funda u-Eksodusi 6:1, 6, 7.) AbaseGibhithe abagcinanga ngokuvumela ama-Israyeli ukuba akhululeke kodwa eqinisweni baze bawancenga ukuba ahambe, bewanika igolide nesiliva eliningi kangangokuthi kwakungathiwa abantu bakaNkulunkulu “babaphundla abaseGibhithe.” (Eks. 12:33-36) Ama-Israyeli ajabula ngokwengeziwe lapho ebona uFaro namabutho akhe bebhujiswa oLwandle Olubomvu. (Eks. 14:30, 31) Yeka ukuthi kwakufanele kuluqinise kanjani ukholo ukubona lezo zenzakalo ezimangalisayo!
9 Nokho, akukholeki ukuthi ngesikhashana nje bekhululwe ngokuyisimangaliso, bona laba bantu baqala ukukhononda nokububula. Bekhonondelani? Ukudla! Baqala ukunganeliseki ngalokho uJehova ayebanikeza kona futhi bakhononda: “Yeka ukuthi sizikhumbula kanjani izinhlanzi esasizidla eGibhithe mahhala, amakhukhamba namakhabe namalikhi no-anyanisi nesweli! Kodwa manje umphefumulo wethu womile. Amehlo ethu awaboni lutho ngaphandle kwaleli mana.” (Num. 11:5, 6) Yebo, umbono wabo wawususontekile—kangangokuthi baze bafuna ukubuyela ezweni ababeyizigqila kulo! (Num. 14:2-4) Ama-Israyeli abheka izinto ezingemuva futhi alahlekelwa umusa kaJehova.—Num. 11:10.
10. Isiphi isifundo esisithola esibonelweni sama-Israyeli?
10 Sifundani kulokhu namuhla? Lapho sibhekene nobunzima nezinkinga, masingagxili kulokho okungase kubonakale kuyizinto ezinhle zesikhathi esidlule—mhlawumbe singakalazi nakulazi iqiniso. Nakuba kungekubi ukuzindla ngezifundo esizifunde ezintweni ezasehlela esikhathini esidlule noma ukubuyisa izinkumbulo ezijabulisayo, kudingeka sibe nombono olinganiselayo nofanele ngesikhathi esidlule. Ngaphandle kwalokho, singase sikhulise ukunganeliseki kwethu ngezimo zamanje bese silingeka ukuba sibuyele endleleni yethu yokuphila yangaphambili.—Funda eyesi-2 Petru 2:20-22.
IZINTO ESAZIDELA
11. Abanye bakubheka kanjani ukuzidela abakwenza esikhathini esidlule?
11 Kuyadabukisa ukuthi abanye babheka emuva ekuzideleni abakwenza esikhathini esidlule njengamathuba abawayeka. Mhlawumbe wawuvulekelwe amathuba emfundo ephakeme, okuvelela, noma okuthola ukulondeka ngokwezimali, kodwa wanquma ukungawasebenzisi. Abafowethu nodadewethu abaningi bashiye izikhundla eziphambili emikhakheni yezebhizinisi, yezokuzijabulisa, yemfundo noma yezemidlalo. Manje sekudlule isikhathi, futhi ukuphela akukafiki. Ingabe uhlale ucabanga ngokuthi ngabe usukuphi ukube awukwenzanga lokho kuzidela?
12. UPawulu wazizwa kanjani ngezinto ayezishiye ngemuva?
12 Umphostoli uPawulu wadela okuningi ukuze abe umlandeli kaKristu. (Fil. 3:4-6) Wazizwa kanjani ngezinto ayezishiye ngemuva? Uyasitshela: “Noma yiziphi izinto ezaziyinzuzo kimi, lezi ngizishaye indiva ngenxa kaKristu.” Kungani? Uyaqhubeka: “Ngempela zonke izinto ngizishaya indiva ngenxa yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu iNkosi yami. Ngenxa yakhe ngiye ngamukela ukulahlekelwa yizo zonke izinto futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi, ukuze ngizuze uKristu.”a (Fil. 3:7, 8) Njengoba nje umuntu olahla udoti, noma imfucumfucu engayikhaleli kamuva, uPawulu akazange azisole nganoma imaphi amathuba asezweni ayewashiye ngemuva. Wayesewabheka njengento engenamsebenzi.
13, 14. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu?
13 Yini eyosisiza uma sizithola sesiqala ukuhlawumbisela ngalokho esikubheka njengamathuba esawayeka? Lingisa isibonelo sikaPawulu. Kanjani? Cabanga ngezinzuzo zalokho onakho manje. Uye wazuza ubuhlobo obuyigugu noJehova futhi wazakhela umlando wokwethembeka kuye. (Heb. 6:10) Zikhona yini izinzuzo zezinto ezibonakalayo leli zwe elingazinikeza ezingasondela ezibusisweni ezingokomoya esizijabulela manje nesizozijabulela esikhathini esizayo?—Funda uMarku 10:28-30.
14 Ngokulandelayo, uPawulu ukhuluma ngokuthile okuyosisiza ukuba siqhubeke sithembekile. Uthi: “Ngikhohlwa izinto ezingemuva futhi ngilulekela phambili ezintweni ezingaphambili.” (Fil. 3:13) Phawula ukuthi uPawulu uqokomisa izinyathelo ezimbili ezidingekayo. Esokuqala, kumelwe sikhohlwe izinto esizishiye ngemuva, singachithi isikhathi sethu esiyigugu namandla ethu sikhathazeke kakhulu ngazo. Esesibili, njengomgijimi olulekela entanjeni, kudingeka silulekele phambili, silokhu sigxile kokungaphambili.
15. Yini esiyizuzayo ngokuzindla ngezibonelo zezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile?
15 Lapho sizindla ngezibonelo zezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile—kungaba ezesikhathi esidlule noma esamanje—singathola isikhuthazo esengeziwe sokuqhubekela phambili kunokubheka izinto ezingemuva. Ngokwesibonelo, ukube u-Abrahama noSara baqhubeka bekhumbula i-Uri, “babeyoba nalo ithuba lokubuyela.” (Heb. 11:13-15) Kodwa abazange babuyele lapho. Lapho uMose ehamba eGibhithe okokuqala, washiya okuningi kakhulu kunalokho okwashiywa yinoma imuphi umIsrayeli kamuva. Noma kunjalo, akukho lapho sitshelwa khona ukuthi wazilangazelela lezo zinto. Kunalokho, ukulandisa kweBhayibheli kusitshela ukuthi “wabheka isihlamba sikaKristu njengengcebo enkulu kunemicebo yaseGibhithe; ngoba wagxilisa amehlo ekukhokhweni komvuzo.”—Heb. 11:26.
IZINTO EZIMBI EZASEHLELA
16. Izinto ezasehlela esikhathini esidlule zingase zisithinte kanjani?
16 Nokho, akuzona zonke izinto ezasehlela esikhathini esidlule ezingabonakala zizinhle. Mhlawumbe sigajwe imicabango yezono noma amaphutha esikhathi esidlule. (IHu. 51:3) Kungenzeka ukuthi sisakuzwa ukuntinyela kweseluleko esinamandla esasithola. (Heb. 12:11) Izenzo zokungabi nabulungisa—ezingokoqobo noma esizicabangelayo—zingase zingaphumi engqondweni yethu. (IHu. 55:2) Yini esingayenza ukuze siqiniseke ukuthi asizivumeli lezo zinto ezasehlela ukuba zisenze sibheke ezintweni ezingemuva? Cabangela izibonelo ezintathu.
17. (a) Kungani uPawulu azichaza ‘njengomuntu omncane kunomncane kunabo bonke abangcwele’? (b) Yini eyasiza uPawulu ukuba angagajwa imicabango engakhi?
17 Amaphutha esikhathi esidlule. Umphostoli uPawulu wazichaza ‘njengomuntu omncane kunomncane kunabo bonke abangcwele.’ (Efe. 3:8) Kungani ayezizwa kanjalo? Uthi: “Ngenxa yokuthi ngashushisa ibandla likaNkulunkulu.” (1 Kor. 15:9) Ucabanga ukuthi kumelwe ukuba wayezizwa kanjani lapho ehlangana nabanye babantu abashushisa ngaphambili? Nokho, kunokuba avumele le micabango engakhi imgabhe, wagxila emseni ongafanelwe ayewubonisiwe. (1 Thim. 1:12-16) Ukwazisa aba nakho ngenxa yawo kwamshukumisela ukuba aqhubekele phambili nenkonzo yakhe. Izinto uPawulu ayezimisele ukuzikhohlwa zazihlanganisa nenkambo yakhe yokona yangaphambili. Uma nathi sigxila esiheni uJehova asibonise sona, siyogwema ukukhathazeka ngokungadingekile ngezinto zesikhathi esidlule esingenakuzishintsha ezingasithena amandla. Amandla ethu singawasebenzisa emsebenzini esiwunikiwe.
18. (a) Yini engase yenzeke uma sicasuka lapho sikhumbula iseluleko esasithola? (b) Singawalalela kanjani amazwi kaSolomoni ngokuphathelene nokwamukela iseluleko?
18 Iseluleko esibuhlungu. Kuthiwani uma sifikelwa umuzwa wokucasuka lapho sikhumbula iseluleko esasithola? Lokhu ngeke kugcine ngokuba buhlungu kodwa futhi kungaba okulimazayo—kusenze ‘siphele amandla.’ (Heb. 12:5) Kungakhathaliseki ukuthi ‘siyasilulaza’ iseluleko ngokusenqaba noma ‘siphela amandla’ ngokusamukela bese siyaduba, umphumela uyefana—asisivumeli ngempela iseluleko ukuba sisizuzise futhi sisicwenge. Yeka ukuthi kungcono kanjani ukulalela amazwi kaSolomoni: “Bamba isiyalo; ungasidedeli. Silonde, ngoba singukuphila kwakho.” (IzAga 4:13) Njengomshayeli olalela izimpawu zomgwaqo, masamukele isiyalo, sisisebenzise futhi siqhubekele phambili.—IzAga 4:26, 27; funda amaHebheru 12:12, 13.
19. Singalulingisa kanjani ukholo lukaHabakuki nolukaJeremiya?
19 Izenzo zokungabi nabulungisa—ezingokoqobo nezicatshangelwayo. Ngezinye izikhathi singase sizizwe njengomprofethi uHabakuki, owakhala kuJehova ecela ubulungisa, engaqondi ukuthi kungani ayevumele izinto ezithile ezingenabulungisa ukuba zenzeke. (Hab. 1:2, 3) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba silingise ukholo lwalowo mprofethi, owathi: “Nokho, mina, ngiyokwethaba ngoJehova ngokwakhe; ngiyojabula ngoNkulunkulu wensindiso yami.” (Hab. 3:18) NjengoJeremiya wasendulo, uma silondoloza ‘isimo sengqondo sokulinda’ sinokholo oluqinile kuJehova, uNkulunkulu wobulungisa, singaqiniseka ukuthi zonke izinto ziyolungiswa ngesikhathi esifanele.—IsiL. 3:19-24.
20. Singabonisa kanjani ukuthi ‘siyamkhumbula umkaLoti’?
20 Siphila ezikhathini ezithakazelisayo. Kwenzeka izenzakalo ezimangalisayo kwamanje futhi ziseziningi ezisengaphambili. Kwangathi ngamunye wethu angahambisana nenhlangano kaJehova. Masilalele iseluleko esingokomBhalo sokubheka phambili hhayi ezintweni ezingemuva. Ngokwenza kanjalo siyobonisa ukuthi ‘siyamkhumbula umkaLoti’!
[Umbhalo waphansi]
a Igama elihunyushwe ngokuthi “izibi” olimini lokuqala lalibuye lisho into “ephonselwa izinja,” “ubulongwe,” “indle.” Esinye isazi seBhayibheli sithi ukusebenzisa kukaPawulu leli gama kubonisa “ukufulathela komuntu ngokuphelele into engenanzuzo yalutho neyenyanyekayo angasenamsebenzi nayo.”