Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 7/1 k. 11
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ulwandle Olumangalisayo—Kodwa Olufile!
    I-Phaphama!—2008
  • Yini Ongayenza Ngokulungisa Indlu?
    I-Phaphama!—1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 7/1 k. 11

Ingabe Bewazi?

Kungani abantu ngezikhathi zeBhayibheli babesebenzisa ibitume njengodaka?

▪ Uma likhuluma ngabakhi bombhoshongo waseBhabhele, iBhayibheli lithi “isitini saba itshe labo, kodwa ibitume laba udaka lwabo.”—Genesise 11:3.

Ibitume iyazenzakalela ngokwemvelo. Ivela kuwoyela, futhi itholakala ezindaweni eziningi eMesophothamiya, lapho iphethuka khona emhlabathini bese iyajiya. Ukuba kwayo ingcina ephumelelayo kwaphawuleka ngezikhathi zeBhayibheli. Enye incwadi uma ikhuluma ngebitume ithi ‘yayisebenza ezakhiweni ezakhiwe ngezitini ezifolonyiwe.’

Isihloko esikumagazini i-Archaeology sichaza ukuhambela kwamuva nje emanxiweni ombhoshongo emzini wasendulo i-Uri, laseMesophothamiya. Umbhali walo magazini uthi: “Udaka lwebitume—okungolunye kwelokuqala olwasetshenziswa luphuma kodedangendlale bezindawo zikawoyela eningizimu ye-Iraq—lusabonakala phakathi kwezitini ezishisiwe. Namuhla lolu ketshezi olujiyile olumnyama luyimbangela yokungazinzi nobudlova kulesi sifunda, nakuba kwake kwaba nesikhathi lapho lo mphakathi wawubumbene ngenxa yalo. Ukusebenzisa ibitume njengodaka nasekwenzeni imigwaqo kuye kwasiza ekwakhiweni kwezitini zaseSumer ezivimbela amanzi, kwaqinisekisa ukuthi izakhiwo zihlala izinkulungwane zeminyaka zingabhidliki.”

Hlobo luni ‘lwephepha’ olwalukhona ngezikhathi zeBhayibheli?

▪ Lo mbuzo uphakanyiswa ukufunda ukulandisa kombhali weBhayibheli uJohane: “Nakuba nginezinto eziningi zokunilobela zona, angifisi ukwenza kanjalo ngephepha nangoyinki.”—2 Johane 12.

Igama lesiGreki elithi kharʹtes, lapha elihunyushwe ngokuthi “iphepha,” “libhekisela ephepheni elenziwe ngesitshalo sebungu,” esimila emanzini. Enye incwadi ichaza inqubo yokwenza amaphepha okubhala ngeziqu zalesi sihlahla ngale ndlela: “Iziqu, ngezinye izikhathi ezingamamitha amathathu ubude, zazihlutshwa bese zisikwa zibe imicu emincane eyayibe isihlanganiswa, ibekwe iphanjaniswe; ngemva kwalokho, le micu yayibe isigxotshwa ngesando sokhuni ekugcineni ikhuhlwe ize ibe bushelelezi.”

Abavubukuli baye bathola imiqulu eminingi yakudala yebungu eGibhithe nasezindaweni ezizungeze uLwandle Olufile. Eminye imiBhalo yebungu etholakala kule ndawo ibonisa ukuthi eyangezikhathi zikaJesu noma ngisho nangaphambi kwalokho. Kungenzeka ukuthi yileli phepha okwalotshwa kulo izincwadi zeBhayibheli, ezinjengalezo ezabhalwa abaphostoli.

[Imithombo Yesithombe ekhasini 11]

Spectrumphotofile/ photographersdirect.com

© FLPA/David Hosking/age fotostock

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela