Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 7/1 kk. 12-15
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli Liguqula Ukuphila Kwabantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 7/1 kk. 12-15

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

YINI eyasiza owesifazane wasePhilippines ukuba ayeke ukudakwa futhi athuthukise ukuphila komkhaya wakhe? Yini eyabangela indoda yase-Australia eyayithanda kakhulu i-karate ukuba ibe umshumayeli wezindaba ezinhle? Funda ukulandisa kwabo.

“Angivukanga Sengishintshile.”—UCARMEN ALEGRE

UNYAKA AZALWA NGAWO: 1949

IZWE AZALELWA KULO: IPHILIPPINES

UMLANDO: WAYEYISIDAKWA

UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa eSan Fernando, idolobha elisesifundazweni saseCamarines Sur. Nokho, lapho sengikhulile ngachitha iminyaka eminingi ngihlala e-Antipolo, eSifundazweni saseRizal. I-Antipolo isendaweni enezintaba notshani nezihlahla eziningi, yayiyidolobha elincane elithule ngesikhathi ngithuthela khona. Kwakwethukela ngibona umuntu ehamba uma sekuhwalele. Nokho, manje i-Antipolo isithuthukile, isiyidolobha elikhulu elinabantu abaningi.

Ngemva kwesikhathi esithile ngithuthele e-Antipolo, ngahlangana nendoda okuthiwa uBenjamin futhi ngokuhamba kwesikhathi sashada. Ngathola ukuthi umshado unezinselele ezinzima kunalezo engangizilindele. Ukuze ngibalekele izinkinga zami, ngaqala ukuphuza ngokweqile. Ngokuhamba kwesikhathi ngaba umuntu olukhuni, okwabonakala endleleni engiphatha ngayo umyeni wami nezingane zami. Ngangihluleka ukuzibamba futhi ngingenasineke kubo. Ngangingamhloniphi nakancane umyeni. Ngokusobala, ukuphila komkhaya wami kwakumuncu.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Udadewabo womyeni wami, u-Editha, ongomunye woFakazi BakaJehova, wasikhuthaza ukuba mina noBenjamin sifunde iBhayibheli noFakazi. Savuma, sinethemba lokuthi kuyosisiza ekulungiseni isimo sokuphila komndeni wethu.

Njengoba sasiqhubeka sifunda iBhayibheli, safunda amaqiniso amaningi amahle. Amazwi atholakala kusAmbulo 21:4 ayithinta ngokukhethekile inhliziyo yami. Uma likhuluma ngalabo abayophila emhlabeni oyipharadesi esikhathini esizayo ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, leli vesi lithi uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” Ngangifuna ukuba phakathi kwalabo bantu abayothola lezo zibusiso.

Kwahlaluka ukuthi kwakudingeka ngenze izinguquko ezinkulu endleleni engangicabanga ngayo nasemikhubeni yami. Angivukanga sengishintshile, kodwa ekugcineni ngaphumelela ukuyeka ukuphuza ngokweqile. Ngafunda nokuba nomusa nesineke emndenini wami. Ngaphezu kwalokho, ngafunda ukuhlonipha umyeni wami nokubambisana naye njengoba ehola umndeni wethu.

Lapho mina noBenjamin siqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, kwasihlaba umxhwele esakubona. OFakazi abagembuli, abaphuzi ngokweqile futhi abakhethi bala lamuntu. Banikeza wonke umuntu isithunzi nenhlonipho. Savele sabona ukuthi siyitholile inkolo yeqiniso.—Johane 13:34, 35.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ukuphila komndeni wethu kuye kwaba ngcono kakhulu. Mina noBhenjamin sinomshado ojabulisayo futhi siyakujabulela ukufundisa abanye iBhayibheli. Amadodana ethu amabili kanye nomkawo aseqalile ukufunda iBhayibheli. Sethemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi ayohlanganyela nathi ekukhonzeni uJehova. Ngempela lena indlela engcono kakhulu yokuphila.

“Nganginomuzwa Wokuthi Ayikho Into Engangehlula.”—UMICHAEL BLUNSDEN

UNYAKA AZALWA NGAWO: 1967

IZWE AZALELWA KULO: I-AUSTRALIA

UMLANDO: WAYETHANDA I-KARATE

UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela e-Albury, idolobha elihle elichumayo laseNew South Wales. Njengasemadolobheni amaningi, nakhona bukhona ubugebengu. Nokho, ngokuvamile i-Albury yaziwa njengendawo ephephile.

Nakuba abazali bami bahlukana ngineminyaka engu-7 kodwa ngakhula kahle. Benza konke ukuze mina nomfowethu nodadewethu ababili singasweli lutho. Ngathola imfundo enhle, ngifunda ezikoleni eziphambili ezingezona ezikahulumeni. Ubaba wayefuna ukuba ngingene emkhakheni wezamabhizinisi lapho sengiqede isikole. Nokho, mina ngangithanda kakhulu ezemidlalo, futhi ngangihamba phambili emdlalweni wamabhayisikili ne-karate. Ngagcina sengithole umsebenzi endaweni yokulungisa izimoto, owawunginika isikhathi esanele sokugxila kwezemidlalo.

Ngangikulwela ukugcina umzimba wami ubukeka kahle futhi wakhekile. Ngezinye izikhathi nganginomuzwa wokuthi ayikho into engangehlula. Ngenxa yokuthi nganginamandla ngangingasizakala kalula ngabanye abantu. Kodwa umqeqeshi wami we-karate wabona ukuthi akulula ngami ukuzibamba, ngakho wagxilisa kimi ukuzithiba nokuziphatha kahle. Wayehlale egcizelela ukubaluleka kokulalela nokuba qotho.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli, ngafunda ukuthi uJehova uyabuzonda ubudlova. (IHubo 11:5) Ekuqaleni, ngangicabanga ukuthi i-karate ayibona ubudlova kodwa iwumdlalo ophephile. Nganginomuzwa wokuthi imithetho yayo ephakeme ivumelana nalokho okufundiswa iBhayibheli. Abashadikazi abangoFakazi ababefunda nami iBhayibheli babenesineke. Abakaze bangitshele ukuthi kufanele ngiyeke i-karate; bamane baqhubeka nje nokungifundisa iqiniso leBhayibheli.

Njengoba ulwazi lwami ngeBhayibheli lukhula nobuhlobo bami noJehova buqina, ngaqala ukubona izinto ngelinye iso. Ngahlabeka umxhwele lapho ngifunda ngesibonelo esabekwa iNdodana kaJehova, uJesu. Nakuba uJesu ayenamandla amakhulu, akakaze abe nobudlova. Amazwi akhe alotshwe kuMathewu 26:52 angithinta ngokujulile: “Bonke abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.”

Njengoba ngiqhubeka ngifunda okwengeziwe ngoJehova, lwajula nakakhulu uthando lwami nenhlonipho enginayo ngaye. Ukucabanga ukuthi uMdali wethu ohlakaniphe kangaka nonamandla amakhulu unendaba nami, kwangithinta ngokujulile. Kwangithinta ukufunda ukuthi ngisho ngimdumaza uJehova noma lapho ngibona sengathi kunzima kakhulu ukumkhonza noma sekuthi angiphonse ithawula, akasoze angidela uma nje ngiqhubeka ngizama. Ngathola induduzo enkulu esithembisweni sakhe: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’” (Isaya 41:13) Lapho ngiqaphela ukuthi ngiye ngaboniswa lolo thando, ngazimisela nakakhulu.

Ngangazi ukuthi ukuyeka i-karate kuzoba into enzima kakhulu kunazo zonke kwengake ngazenza. Kodwa futhi ngangazi ukuthi kuzojabulisa uJehova, futhi ngangiqiniseka ukuthi ukumkhonza kuwufanele wonke umzamo. Ngicabanga ukuthi into yokugcina eyangenza nganquma ukuyiyeka kwaba ukufunda amazwi kaJesu kuMathewu 6:24: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili.” Ngabona ukuthi ngeke kwenzeke ukuba ngikhonze uJehova ngokugcwele ngibuye ngiqhubeke ne-karate, ngoba i-karate iyona ezoza kuqala. Kwase kuyisikhathi sokuba ngikhethe inkosi eyodwa.

Kwakungelula ukuyeka i-karate. Ngazithola sengididekile. Ngangijabula kakhulu ngokwazi ukuthi ngijabulisa uJehova, kodwa futhi ngizizwa sengathi angithembekile kumqeqeshi wami we-karate. Abantu abadlala i-karate bavame ukubheka ukungathembeki kothile njengesono esingenakuthethelelwa. Abanye bancamela ukuzibulala kunokubhekana nalelo hlazo.

Angazanga nokuthi ngizomchazela ngithi kungani ngiyeka i-karate umqeqeshi wami. Ngavele nje ngashiya konke, ngayeka ukuxhumana naye nalabo engangidlala nabo i-karate. Ngangazi ukuthi ngenze kahle ngokuyiyeka. Nokho, ngazizwa nginecala ngokungabachazeli izinkolelo zami ezintsha. Ngazizwa sengathi ngidumaze uJehova ngingakaqali nakuqala ukumkhonza. Konke lokho kwangiphatha kabi kakhulu. Kunezikhathi eziningi lapho ngangizama ukuthandaza kuJehova kodwa ngigcine sengikhala ngenxa yobuhlungu.

Kumelwe ukuba uJehova wabona okuhle kimi ngoba washukumisa abazalwane nodade ebandleni ukuba bangisize. Uthando, induduzo nobungane babo kwakumangalisa kakhulu. Ngabuye ngathola induduzo endabeni yeBhayibheli kaDavide noBhati-sheba. Nakuba uDavide enza izono ezinkulu, uJehova wamthethelela ngemva kokuba ephenduke ngobuqotho. Ukucabanga ngaleyo ndaba kwangisiza ngabheka amaphutha ami ngendlela efanele.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ngaphambi kokuba ngifunde iBhayibheli, ngangingenandaba namuntu—ngizikhathalela mina nje. Kodwa ngosizo lukaJehova nomkami omuhle esengishade naye iminyaka eyisikhombisa, senginozwela ngokwengeziwe. Siye sabusiswa ngelungelo lokufundisa abantu abaningana iBhayibheli, kuhlanganise nabanye ababebhekene nezimo ezidabukisayo. Ukubona uthando lukaJehova luthinta ukuphila kwabanye kuye kwangilethela injabulo enkulu edlula eyokuba umpetha we-karate.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]

“Ukucabanga ukuthi uMdali wethu ohlakaniphe kangaka nonamandla amakhulu unendaba nami, kwangithinta ngokujulile”

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 15]

“Siyabonga Ngalezi Zihloko Ezinhle Kangaka!”

Ingabe ukujabulele ukufunda izinto ezenzeka kwabanye abantu esihlokweni esandulele? Zimane nje ziyizindaba ezimbili kwezingaphezu kuka-50, eziye zanyatheliswa kumagazini wethu INqabayokulinda kusukela ngo-August 2008. Uchungechunge lwezihloko ezithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” luthandwa kakhulu abafundi balo magazini. Kungani abaningi zibathakazelisa?

Abantu okukhulunywa ngabo kulezi zihloko bakhule ngezindlela ezihlukahlukene. Ngaphambi kokuba bafunde ngoNkulunkulu, abanye babecebile kodwa bengayitholi injongo yangempela yokuphila. Abanye babebhekene nezinselele ezinkulu, njengokuba yisififane noma bedla izidakamizwa noma bedakwa. Abambalwa bakhula bemazi uJehova kodwa bayeka ukumkhulekela okwesikhathi esithile. Zonke lezi zibonelo zibonisa ukuthi umuntu angakwazi ukwenza ushintsho ukuze ajabulise uNkulunkulu. Futhi ukwenza kanjalo kuhlale kuletha izibusiso. Lezi zindaba zibathinte kanjani abafundi bethu?

Omunye umfundi uchaza indlela isihloko sika-February 1, 2009, esibasize ngayo abanye besifazane abasejele.

◼ “Abantu abaningi abasejele bazizwa ngendlela efanayo nalaba okukhulunywa ngabo kulesi sihloko. Izithombe zabo ‘zakudala’ ‘nezamanje’ kanye nomlando wokuphila komuntu ngamunye kwabathinta ngokukhethekile. Iziboshwa eziningi zakhula ngendlela efanayo. Ngemva kokufunda lezi zindaba, iziboshwa ezimbili ziqale ukufunda iBhayibheli.”—C. W.

Izindaba ezikulolu chungechunge ziye zabathinta ngokukhethekile abanye abafundi. Ngokwesibonelo, isihloko esikumagazini ka-April 1, 2011, sinendaba kaGuadalupe Villarreal, owayeka ukuba ungqingili ukuze akhonze uJehova. Phawula ukuthi zithini izincwadi ezimbili kweziningi ezivela kubafundi balo magazini ngendaba yakhe.

◼ “Isibonelo sikaGuadalupe sangithinta ekujuleni kwenhliziyo. Kuyamangalisa ukubona ukuthi uthando ngoJehova neZwi lakhe kungamshintsha kanjani umuntu!”—L. F.

◼ “Esikhathini esidlule, ngangizama ukushumayela kubo bonke, kuhlanganise nongqingili. Nokho, muva nje ngiphawule ukuthi ngiyabashalazelela noma ngibagweme. Lesi sihloko sifike ngesikhathi. Singisize ukuba ngibabheke ngendlela uJehova ababheka ngayo—njengabantu abangase babe abakhulekeli bakhe.”—M. K.

Enye indaba eyathinta abafundi abaningi ekaVictoria Tong, ekumagazini ka-August 1, 2011. UVictoria uchaza indlela ebuhlungu akhula ngayo. Uyavuma ukuthi kwakunzima ngaye ukuzizwa ethandwa uJehova, ngisho nangemva kokumkhonza iminyaka. Futhi ulandisa ukuthi yini eyamsiza wamukela uthando lukaJehova kancane kancane. Phawula ukuthi bathini abanye abafundi ngendaba yakhe.

◼ “Indaba kaVictoria yangithinta inhliziyo ngempela. Ngiye ngabhekana nobunzima obukhulu ekuphileni kwami. Ngihlale ngilwa nemicabango engakhi—ngisho noma sengineminyaka ngiwuFakazi obhapathiziwe. Kodwa indaba kaVictoria ingenza ngifune ukuzikhandla kakhulu ukuze ngibone lokho uJehova akubona kimi.”—M. M.

◼ “Lapho ngisemncane, nganginenkinga yokubuka izithombe zobulili ezingcolile. Muva nje uphinde wanginqoba lo mkhuba. Ngiye kubadala abangamaKristu ngayofuna usizo futhi ngiyathuthuka ekunqobeni inkinga yami. Abadala baye bangiqinisekisa ngothando nesihe sikaNkulunkulu. Yiqiniso, ngezinye izikhathi ngizizwa ngingento yalutho, njengokungathi akunakwenzeka ukuba uJehova angithande. Ukufunda indaba kaVictoria kungisize kakhulu. Manje ngiyabona ukuthi uma ngicabanga ukuthi uNkulunkulu ngeke angithethelele, eqinisweni ngisuke ngithi umnikelo weNdodana yakhe awanele ukuba uthethelele izono zami. Lesi sihloko ngisisikile ukuze ngikwazi ukusifunda futhi ngizindle ngaso noma nini lapho ngifikelwa imizwa yokungabi nto yalutho. Siyabonga ngalezi zihloko ezinhle kangaka!”—L. K.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela