Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
Zisithinta Kanjani Izidalwa Zomoya?
Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.
1. Zingobani izingelosi?
Izingelosi ziyizidalwa zomoya ezihlala ezulwini. Ziwuhlobo lokuphila oluphakeme kunathi. UNkulunkulu weqiniso ongumoya wadala izingelosi ngaphambi kokuba adale umhlaba. (Jobe 38:4, 7; Mathewu 18:10) UJehova uzungezwe izigidigidi zezingelosi eziqotho.—Funda iHubo 103:20, 21; Daniyeli 7:9, 10.
2. Ingabe izingelosi ziyabasiza abantu?
Izingelosi zasiza indoda elungile uLoti. Yayihlala emzini uNkulunkulu ayenqume ukuwubhubhisa ngenxa yobubi babantu bakhona. Izingelosi ezimbili zaxwayisa uLoti nomndeni wakhe ukuba babaleke. Abaningi babecabanga ukuthi lesi sixwayiso siwukuntela nje futhi abasinakanga. Kodwa uLoti namadodakazi akhe basinda ngoba basilalela isixwayiso uNkulunkulu asithumela ngezingelosi.—Funda uGenesise 19:1, 13-17, 26.
IBhayibheli lithi izingelosi zisiza abantu namuhla ngokuqondisa umsebenzi walabo abashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngokwethembeka. (Mathewu 24:14) Izindaba ezinhle zihlanganisa nesixwayiso. Njengoba kwakunjalo ngesixwayiso esanikezwa uLoti, nalesi asikona ukuntela. Silethwa izingelosi sivela kuNkulunkulu.—Funda isAmbulo 1:1; 14:6, 7.
UNkulunkulu angasebenzisa izingelosi ukuze asiqinise lapho sibhekene nezilingo. Wasebenzisa ingelosi ukuba iqinise uJesu.—Funda uLuka 22:41-43.
Ngokushesha uNkulunkulu uzosebenzisa izingelosi nangenye indlela—ukuze aqede abantu ababi ababangela ukuhlupheka. Lokho kuzoletha impumuzo ejabulisayo kubantu.—Funda eyesi-2 Thesalonika 1:6-8.
3. Asithinta kanjani amademoni?
Njengoba kunabantu abaningi emhlabeni abangamlaleli uNkulunkulu, kunezingelosi eziningi ezivela ezulwini ezahlubuka kuNkulunkulu. (2 Petru 2:4) Izingelosi ezingalaleli zibizwa ngokuthi amademoni. Evelele uSathane, uDeveli. USathane namademoni akhe badukisa abantu.—Funda isAmbulo 12:9.
USathane uye wasebenzisa amabhizinisi onakele, ohulumeni babantu nenkolo yamanga ukuze athonye abantu ukuba basuke kuNkulunkulu. Ngakho, uSathane obangela ukungabi nabulungisa, ubudlova nokuhlupheka okukhungethe abantu.—Funda eyoku-1 Johane 5:19.
4. Amademoni abadukisa kanjani abantu?
USathane uye wadukisa abantu abaningi ngokufundisa ukuthi abafileyo baphenduka imimoya ekwazi ukukhuluma nabo. Nokho, iBhayibheli lithi abafile abakwazi kwenza lutho. (UmShumayeli 9:5) Kodwa amademoni avame ukukhohlisa abantu ngokulingisa izwi lomuntu esimthandayo ofile. (Isaya 8:19) Amademoni adukisa abanye ngezangoma, ababikezeli benhlanhla nababhula ngezinkanyezi. IZwi likaNkulunkulu lisixwayisa ukuba sigweme yonke imikhuba enjalo. Ngakho kufanele silahle noma yini esinayo ehlangene namademoni noma imilingo.—Funda uDuteronomi 18:10, 11; izEnzo 19:19.
Uma simthanda uJehova, akudingeki siwesabe amademoni. Uma sitadisha iZwi likaNkulunkulu futhi senze lokho elikushoyo, sisuke simelana noDeveli futhi sisondela kuNkulunkulu. UJehova unamandla kunamademoni. Izingelosi zakhe ezithembekile zingasiqinisa uma sidinga usizo—Funda iHubo 34:7; Jakobe 4:7, 8.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 10 sencwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.