Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 7/1 k. 18
  • Uma UNkulunkulu Ethethelela, Ingabe Uyakhohlwa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uma UNkulunkulu Ethethelela, Ingabe Uyakhohlwa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu ‘Ohlale Ekulungele Ukuthethelela’
    Sondela KuJehova
  • UJehova, UNkulunkulu ‘Okulungele Ukuthethelela’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ukuthethelela Futhi Ukhohlwe—Kungenzeka Kanjani?
    I-Phaphama!—1995
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 7/1 k. 18

Sondela KuNkulunkulu

Uma UNkulunkulu Ethethelela, Ingabe Uyakhohlwa?

NGAMAFUPHI nje, yebo. Uma ekhuluma ngalabo abathandayo uJehova uyathembisa: “Ngizosithethelela isiphambeko sabo, nesono sabo ngeke ngisasikhumbula.” (Jeremiya 31:34) Ngakho, uJehova usiqinisekisa ngokuthi uma ethethelela izoni eziphendukayo, akabe esazikhumbula izono zazo. Ingabe lokho kusho ukuthi ngempela uMdali wezulu nomhlaba akabe esazikhumbula izono aye wazithethelela? Amazwi kaHezekeli acacisa indlela uNkulunkulu athethelela futhi akhohlwe ngayo.—Funda uHezekeli 18:19-22.

Esebenzisa umprofethi uHezekeli njengomkhulumeli wakhe, uJehova wamemezela isahlulelo sakhe ngokumelene noJuda ongathembekile neJerusalema. Sonke isizwe sase sikulahlile ukukhulekela uJehova futhi sagcwalisa izwe ngobudlova. UJehova wabikezela ukubhujiswa kweJerusalema libhujiswa abaseBhabhiloni. Kodwa kuso leso sahlulelo uJehova wanikeza nomyalezo wenduduzo. Umuntu ngamunye wayenethuba lokuzikhethela; ngamunye wayezozithwalela owakhe umthwalo ngezenzo zakhe.—Amavesi 19, 20.

Kwakuyokwenzekani ngomuntu oyeka ukwenza okubi bese enza okuhle? UJehova wathi: “Ngokuqondene nomubi, uma kwenzeka ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzile futhi ezigcina zonke izimiso zami, enza ubulungisa nokulunga, nakanjani uyoqhubeka ephila. Ngeke afe.” (Ivesi 21) Yebo, uJehova ‘wayekulungele ukuthethelela’ isoni esiyilahlayo inkambo yaso embi, sibonise ukuphenduka kwangempela.—IHubo 86:5.

Kuthiwani ngezono ezaziyobe zenziwe yileso soni? “Zonke izeqo zakhe azenzile—ngeke zikhunjulwe ngokumelene naye.” (Ivesi 22) Phawula ukuthi izono zophendukayo ‘zazingeke zikhunjulwe ngokumelene naye.’ Kungani lokhu kuphawuleka?

EBhayibhelini, igama lesiHebheru elihunyushwa ngokuthi “khumbula” lingase lisho okungaphezu nje kokukhumbula okwenzeka. Ngokuphathelene naleli gama, enye incwadi ithi: “Eqinisweni, izikhathi eziningi libhekisela esenzweni noma livela lihambisana nesenzo nokuthatha isinyathelo.” Ngakho, “ukukhumbula” kungase kusho “ukuthatha isinyathelo.” Ngakho lapho uJehova ethi izono zesoni esiphendukayo “ngeke zikhunjulwe ngokumelene [naso],” usho ukuthi ngeke kamuva amelane nalowo muntu ngenxa yalezo zono, njengokuba ambeke icala noma amjezise.a

Amazwi kaHezekeli 18:21, 22 abonisa izinga uJehova athethelela ngalo ngendlela ethinta inhliziyo. Lapho uJehova ethethelela izono zethu, akasoze asijezisela zona ngesikhathi esizayo. Kunalokho, uyakhohlwa izono zophendukayo. (Isaya 38:17) Kunjengokungathi wesula umbhalo walezo zono.—IzEnzo 3:19.

Njengabantu abangaphelele sidinga isihe sikaNkulunkulu. Ngaphandle nje kwalokho sona izikhathi eziningi. (Roma 3:23) Kodwa uJehova ufuna sazi ukuthi uma siphenduka ngobuqotho, uzimisele ukusithethelela. Futhi lapho ethethelela, uyakhohlwa—okuwukuthi, ngeke esazibuyisa izono zethu ukuze asibeke icala noma aphinde asijezisele zona. Yeka ukuthi kuyisikhuthazo kanjani lokhu! Ingabe isihe sikaNkulunkulu sikushukumisela ukuba ufune ukusondela kakhudlwana kuye?

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-July:

◼ Hezekeli 6–20

[Umbhalo waphansi]

a Ngokufanayo, “ukukhumbula izono” kungase kusho “ukuzithathela isinyathelo izoni.”—Jeremiya 14:10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela