Iminyaka Eyikhulu Yokubusa KoMbuso—Ikuthinta Kanjani?
“Mikhulu iyamangalisa imisebenzi yakho, Jehova Nkulunkulu, . . . Nkosi yaphakade.”—ISAM. 15:3.
1, 2. UMbuso kaNkulunkulu uzokwenzani, futhi kungani siqiniseka ukuthi uMbuso uzofika?
ESENTABENI eseduze neKapernawume entwasahlobo ka-31 C.E., uJesu Kristu wafundisa abalandeli bakhe ukuthandaza: “Umbuso wakho mawuze.” (Math. 6:10) Namuhla, abaningi bayangabaza ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoke ufike. Noma kunjalo, siyaqiniseka ukuthi imithandazo yethu eqotho yokucela uMbuso kaNkulunkulu izophendulwa.
2 UJehova uyosebenzisa lo Mbuso ukuze ahlanganise umkhaya wakhe ezulwini nasemhlabeni. Leyo njongo yakhe izogcwaliseka. (Isaya 55:10, 11) Eqinisweni, uJehova usebe iNkosi osukwini lwethu! Izenzakalo ezivusa amadlingozi zale minyaka eyikhulu edlule ziwubufakazi balokhu. UNkulunkulu wenza imisebenzi emikhulu nemangalisayo ezuzisa izigidi zezikhonzi zakhe eziqotho. (Zak. 14:9; IsAm. 15:3) Noma kunjalo ukuba kukaJehova iNkosi akufani nokuza koMbuso kaNkulunkulu uJesu asifundisa ukuba siwuthandazele. Zihluke kanjani lezi zenzakalo, futhi zisithinta kanjani?
INKOSI KAJEHOVA EMISIWE ITHATHA ISINYATHELO
3. (a) UJesu wabekwa nini esihlalweni sobukhosi njengeNkosi, futhi kuphi? (b) Ungabonisa kanjani ukuthi uMbuso wamiswa ngo-1914? (Bheka umbhalo waphansi.)
3 Ngasekupheleni kwekhulu le-19 leminyaka, isiprofetho esineminyaka engu-2 500 esalotshwa uDaniyeli saqala ukukhanya: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe.” (Dan. 2:44) AbaFundi BeBhayibheli bachitha amashumi eminyaka bebonisa ukuthi unyaka ka-1914 wawuyoba unyaka ophawulekayo. Abantu abaningi ngaleso sikhathi babenombono wokuhle. Njengoba umlobi othile asho: “Izwe lango-1914 lalichichima amathemba nezithembiso zokuhle.” Nokho, kwathi lapho kugqashuka iMpi Yezwe I ngasekupheleni kwalowo nyaka, isiprofetho seBhayibheli sagcwaliseka. Izenzakalo ezalandela zendlala, ukuzamazama komhlaba nezifo eziwumshayabhuqe, kanye nokugcwaliseka kwezinye iziprofetho zeBhayibheli kwanikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJesu Kristu wayeqale ukubusa ezulwini njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ngo-1914.a Ngokubeka iNdodana yakhe njengeNkosi enguMesiya, uJehova empeleni wayebé iNkosi ngomqondo omusha!
4. Isiphi isinyathelo iNkosi eyayisanda kumiswa eyasithatha ngokushesha, futhi yabe isinaka obani ngokulandelayo?
4 Umsebenzi wokuqala le Nkosi entsha emiswe uNkulunkulu okwadingeka iwenze kwaba ukulwa noSathane, iSitha esikhulu sikaYise. UJesu nezingelosi zakhe baxosha uDeveli namademoni akhe ezulwini. Lokhu kwaletha injabulo enkulu ezulwini kodwa kwaletha isikhathi sezinhlekelele ezingakaze zibonwe emhlabeni. (Funda isAmbulo 12:7-9, 12.) Le Nkosi yabe isinaka izikhonzi zayo zasemhlabeni ukuze izicwengisise, izifundise futhi izihlelele ukwenza intando kaNkulunkulu. Ake sifunde ngendlela ukusabela kwazo okuhle kule misebenzi emithathu yokubusa koMbuso okusibekela ngayo isibonelo esihle namuhla.
INKOSI ENGUMESIYA ICWENGISISA IZIKHONZI ZAYO EZIQOTHO
5. Ikuphi ukuhlanzwa okwenzeka phakathi kuka-1914 nasekuqaleni kuka-1919?
5 Ngemva kokuba iNkosi emisiwe isihlanze amazulu ethonyeni elonakalisayo likaSathane namademoni akhe, uJehova wayala ukuba uJesu ahlole futhi acwengisise isimo esingokomoya sabalandeli bakhe emhlabeni. Umprofethi uMalaki wachaza lokhu njengokuhlanzwa okungokomoya. (Mal. 3:1-3) Umlando ubonisa ukuthi lokhu kwenzeka phakathi kuka-1914 nasekuqaleni kuka-1919.b Ukuze sibe ingxenye yomkhaya kaJehova wendawo yonke, kumelwe sihlanzeke, noma sibe ngcwele. (1 Pet. 1:15, 16) Kumelwe sikugweme ngokuphelele ukungcoliswa inkolo yamanga noma ezombusazwe zaleli zwe.
6. Ukudla okungokomoya kulungiselelwa kanjani, futhi kungani kubalulekile?
6 UJesu wabe esesebenzisa igunya lakhe njengeNkosi ukuba amise “inceku ethembekileyo neqondayo.” Le nceku yayizonikeza bonke abakha ‘umhlambi omncane’ ewunakekelayo ukudla okungokomoya okunomsoco okukhishwa njalo. (Math. 24:45-47; Joh. 10:16) Kusukela ngo-1919, iqembu elincane labazalwane abagcotshiwe liye lawufeza ngobuqotho lo mthwalo omkhulu wokondla “abendlu.” Insada yokudla okungokomoya okunikezwa ngalo mzila kuyasondla ukuze sikwazi ukukhula okholweni. Kuqinisa ukuzimisela kwethu ukuhlale sihlanzekile ngokomoya, ngokokuziphatha, ngokwengqondo nangokomzimba. Lokhu kudla okungokomoya kubuye kusifundise futhi kusihlomisele ukuba sihlanganyele ngokugcwele emsebenzini obaluleke kakhulu owenziwayo emhlabeni namuhla. Ingabe uwasebenzisa ngokugcwele la malungiselelo?
INKOSI IFUNDISA IZIKHONZI ZAYO UKUSHUMAYELA EMHLABENI WONKE
7. Imuphi umsebenzi obalulekile uJesu awuqala lapho esemhlabeni, futhi wawuzoqhubeka kuze kube nini?
7 Lapho uJesu eqala inkonzo yakhe emhlabeni, wamemezela: “Nakweminye imizi kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.” (Luka 4:43) UJesu wenza ukuba ukuphila kwakhe kugxile kulo msebenzi iminyaka emithathu nengxenye. Wayala abafundi bakhe: “Njengoba nihamba, nishumayele, nithi, ‘Umbuso wamazulu ususondele.’” (Math. 10:7) Ngemva kovuko lwakhe, uJesu wabikezela ukuthi abalandeli bakhe babeyosakaza lesi sigijimi “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Wabathembisa ukuthi naye ngokwakhe wayeyohileleka kulo msebenzi obalulekile kuze kube sosukwini lwethu.—Math. 28:19, 20.
8. INkosi yazishukumisa kanjani izikhonzi zayo zasemhlabeni?
8 Ngo-1919, ‘izindaba ezinhle zombuso’ zase zihlanganisa nokunye okubalulekile. (Math. 24:14) INkosi yayisibusa ezulwini, futhi yayibuthe iqembu elincane lezikhonzi ezihlanziwe emhlabeni. Lasabela ngomdlandla esiqondisweni sikaJesu esishukumisayo: Shumayelani izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe emhlabeni wonke! (IzE. 10:42) Ngokwesibonelo, abantu abasekela uMbuso abacela ezinkulungwaneni ezingu-20 babuthana emhlanganweni wezizwe eCedar Point, e-Ohio, e-U.S.A., ngo-September 1922. Cabanga indlela abajabula ngayo lapho uMfoweth’ uRutherford enikeza inkulumo enesihloko esithi “UMbuso” futhi ethi: “Bhekani, iNkosi iyabusa! Nina ningamanxusa ayo okuyimemezela. Ngakho-ke memezelani, memezelani, memezelani iNkosi nombuso wayo.” Izihambeli eziyizinkulungwane ezimbili zasabela ngokuhlanganyela ‘oSukwini Lwenkonzo’ olukhethekile, zahamba zingena emizini yabantu ngisho nakweqhele ngamakhilomitha angu-72 ukusuka endaweni yomhlangano. Sishukunyisiwe, esinye isihambeli sathi: “Angisoze ngasikhohlwa isimemo sokumemezela uMbuso nentshiseko yesixuku esasibuthene lapho!” Nezinye izihambeli zazizwa ngendlela efanayo.
9, 10. (a) Imaphi amalungiselelo aye enziwa okuqeqesha abamemezeli boMbuso? (b) Wena uye wazuza kanjani kulokhu kuqeqeshwa?
9 Ngo-1922, kwase kunabamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-17 000 ababeshumayela emazweni angu-58. Nokho, babedinga ukuqeqeshwa. Ekhulwini lokuqala, iNkosi eqokiwe yanika abafundi bayo iziqondiso ezicacile zalokho ababezokushumayela nokuthi kwakumelwe bashumayele kuphi futhi kanjani. (Math. 10:5-7; Luka 9:1-6; 10:1-11) Elandela lesi sibonelo namuhla, uJesu uyaqikelela ukuthi bonke abahlanganyela emsebenzini wokushumayela bathola iziqondiso futhi banamathuluzi abawadingayo ukuze bashumayele ngempumelelo. (2 Thim. 3:17) Usebenzisa ibandla lobuKristu ukuze aqeqeshele izikhonzi zakhe ezisemhlabeni inkonzo. Enye indlela aziqeqesha ngayo iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, esiqhutshwa ebandleni ngalinye kwangaphezu kuka-111 000 emhlabeni wonke. Ngokuyisebenzisa kahle le mfundo, abashumayeli abangaphezu kwezigidi ezingu-7 manje bakuhlomele ukushumayela nokufundisa ngendlela ekhanga ‘abantu bazo zonke izinhlobo.’—Funda eyoku-1 Korinte 9:20-23.
10 Ngaphezu kweSikole Senkonzo Esingokwasezulwni, kunezinye izikole zeBhayibheli eziye zasungulwa ukuze ziqeqeshe abadala bamabandla, amaphayona, abazalwane abangashadile, imibhangqwana engamaKristu, amalungu amaKomiti Amagatsha nomkawo, ababonisi abajikelezayo nomkabo nezithunywa zevangeli.c Abafundi belinye ikilasi leSikole SeBhayibheli SemiBhangqwana EngamaKristu bezwakalisa ukwazisa kwabo ngaleso sikole ngala mazwi: “Ukuqeqeshwa okukhethekile esikutholile kuye kwajulisa uthando lwethu ngoJehova futhi kwasihlomisela kangcono ukusiza abanye.”
11. Abamemezeli boMbuso baye bakwazi kanjani ukukhuthazela naphezu kokuphikiswa?
11 Lo msebenzi omkhulu wokushumayela nokufundisa ngoMbuso wenzeka phambi kwamehlo esitha uSathane. Uzama ukuwumisa lo msebenzi ngokuhlasela isigijimi soMbuso nezithunywa ezisimemezelayo ngendlela eqondile neyomshoshaphansi. Kodwa imizamo yakhe iphelela emoyeni. UJehova uye wabeka iNdodana yakhe “ngaphezulu kakhulu kwabo bonke ohulumeni namagunya namandla nobukhosi.” (Efe. 1:20-22) NjengeNkosi, uJesu usebenzisa igunya lakhe ukuze avikele futhi aqondise abafundi bakhe ukuze aqinisekise ukuthi intando kaYise iyenziwa.d Izindaba ezinhle ziyashunyayelwa futhi izigidi zabanhliziyo ziqotho zifundiswa izindlela zikaJehova. Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukuba nengxenye kulo msebenzi omkhulu!
INKOSI IHLELA IZIKHONZI ZAYO UKUZE ZENZE UMSEBENZI OMKHULU NGOKWENGEZIWE
12. Chaza ezinye zezinguquko zokucwengisiswa eziye zenziwa endleleni inhlangano ehlelwe ngayo kusukela kwamiswa uMbuso.
12 Kusukela kwamiswa uMbuso ngo-1914, iNkosi iye yacwengisisa indlela izinceku zikaNkulunkulu ezihlelwe ngayo ukuba zenze intando kaYise. (Funda u-Isaya 60:17.) Ngo-1919, kwamiswa umqondisi wenkonzo ebandleni ngalinye ukuze ahole emsebenzini wokushumayela. Ngo-1927, kwahlelwa ukuba kwenziwe umsebenzi wokushumayela endlini ngendlu njalo ngeSonto. Abantu abasekela uMbuso bavuselelwa ukuba benze umsebenzi omkhulu ngokwengeziwe ngo-1931 lapho bamukela igama elingokomBhalo elithi oFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10-12) Ngo-1938, ukukhethwa ngokwentando yeningi kwamadoda anemithwalo yemfanelo emabandleni kwathathelwa indawo ukumiswa kwawo ngendlela engokwasezulwini. Ngo-1972, umsebenzi wokwengamela ibandla wabelwa indikimba yabadala esikhundleni sombonisi oyedwa webandla. Wonke amadoda afanelekayo akhuthazwa ukuba azikhandle ukuze ahlanganyele ‘ekwaluseni umhlambi kaNkulunkulu awuphathisiwe.’ (1 Pet. 5:2) Ngo-1976, iNdikimba Ebusayo yahlelwa yaba amakomiti ayisithupha ukuze iqondise umsebenzi woMbuso emhlabeni wonke. Ngakho-ke, iNkosi emiswe uJehova iye yaqhubeka ihlela izikhonzi zayo zoMbuso ngendlela engokwasezulwini, noma yokubusa kukaNkulunkulu.
13. Lokho okuye kwafezwa uMbuso phakathi neminyaka eyikhulu yokubusa kwawo kuye kwakuthinta kanjani?
13 Cabanga ngalokho iNkosi enguMesiya eye yakufeza phakathi neminyaka yokuqala eyikhulu yokubusa kwayo. Iye yahlanza isizwe segama likaJehova. Iye yaqondisa ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso emazweni angu-239 futhi yafundisa izigidi zabantu ngezindlela zikaJehova. Iye yahlanganisa izikhonzi eziqotho ezingaphezu kwezigidi ezingu-7, ngasinye sizinikela ngokuzithandela ukwenza intando kaYise. (IHu. 110:3) Ngempela, imisebenzi uJehova ayenzayo ngoMbuso kaMesiya mikhulu futhi iyamangalisa. Sisalindelwe izenzakalo ezivusa amadlingozi ngaphezu kwalezi!
IZIBUSISO ZESIKHATHI ESIZAYO ZOMBUSO KAMESIYA
14. (a) Yini esisuke siyicela kuNkulunkulu lapho sithandaza: “Umbuso wakho mawuze”? (b) Sithini isihloko sethu sonyaka ka-2014, futhi kungani sifaneleka?
14 Nakuba uJehova eye wabeka iNdodana yakhe, uJesu Kristu esihlalweni sobukhosi, njengeNkosi enguMesiya ngo-1914, lokhu kwakungeyona impendulo egcwele yomthandazo wethu othi “umbuso wakho mawuze.” (Math. 6:10) Kwabikezelwa eBhayibhelini ukuthi uJesu ‘wayeyonqoba phakathi kwezitha zakhe.’ (IHu. 110:2) Ohulumeni babantu abalawulwa uSathane basaphikisana noMbuso. Lapho sithandazela ukuba uMbuso uze, sicela kuNkulunkulu ukuba iNkosi enguMesiya nababusi abakanye nayo beze bazoqeda ukubusa kwabantu futhi basuse abantu abaphikisa lo Mbuso emhlabeni. Lesi senzo siyogcwalisa amazwi akuDaniyeli 2:44 athi uMbuso kaNkulunkulu “uyochoboza uqede yonke le mibuso.” Uyoqeda izitha zezombusazwe zalo Mbuso. (IsAm. 6:1, 2; 13:1-18; 19:11-21) Sekuseduze kakhulu ukuba kwenzeke lokhu. Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba isihloko sethu sonyaka ka-2014, unyaka wekhulu kwamiswa uMbuso kaNkulunkulu ezulwini, sithathwe kuMathewu 6:10: “Umbuso wakho mawuze”!
Isihloko sethu sonyaka ka-2014: “Umbuso wakho mawuze.”—Mathewu 6:10
15, 16. (a) Iziphi izenzakalo ezivusa amadlingozi ezizokwenzeka phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane? (b) Yini eyoba isinyathelo sokugcina seNkosi enguMesiya, futhi siyosho ukuthini ngokuphathelene nenjongo kaJehova ngayo yonke indalo yakhe?
15 Ngemva kokuba iNkosi enguMesiya ibhubhise izitha zikaNkulunkulu, iyophonsa uSathane namademoni akhe kwalasha iminyaka eyinkulungwane. (IsAm. 20:1-3) Lapho lelo thonya elibi lingasekho, uMbuso uyoqhubekela phambili usebenzise izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo kaJesu futhi uqede yonke imiphumela yesono sika-Adamu. INkosi iyovusa izigidi ezingenakubalwa zabalele emangcwabeni futhi iyohlela umsebenzi omkhulu wokubafundisa ngoJehova. (IsAm. 20:12, 13) Umhlaba wonke uyoba ipharadesi njengensimu yase-Edene. Bonke abantu abathembekile bayokwenziwa baphelele.
16 Ngasekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, uMbuso kaMesiya uyobe usuyifezile injongo yawo. Khona-ke, uJesu uyodlulisela uMbuso kuYise. (Funda eyoku-1 Korinte 15:24-28.) Ngeke kusadingeka umlamuleli phakathi kukaJehova nabantwana bakhe basemhlabeni. Wonke amadodana kaNkulunkulu ezulwini nabantwana bakhe emhlabeni bayoba munye noYise wabo osezulwini njengengxenye yomkhaya wendawo yonke.
17. Yini ozimisele ukuyenza ngokuphathelene noMbuso?
17 Izenzakalo ezivusa amadlingozi zeminyaka eyikhulu yokubusa koMbuso zisiqinisekisa ukuthi uJehova uyalawula nokuthi injongo yakhe ngomhlaba iyofezeka. Kwangathi singaqhubeka siyizikhonzi zakhe eziqotho futhi simemezela iNkosi noMbuso wayo. Lokhu sikwenza siqiniseka ngokugcwele ukuthi maduze uJehova uzowuphendula umthandazo wethu oqotho: “Umbuso wakho mawuze”!
a Bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? amakhasi 88-92.
c Bheka isihloko esithi “Izikole Ezingokwasezulwini—Ubufakazi Bothando LukaJehova,” kuyi-Nqabayokulinda ka-September 15, 2012, amakhasi 13-17.
d Bheka INqabayokulinda ka-December 1, 1988, amakhasi 19-22, ukuze uthole izibonelo zamacala esawanqoba ezinkantolo emazweni ahlukahlukene.