Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
ISONTO ELIQALA NGOMARCH 6
INgoma 209
7 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezifanelekayo ezivela kuyiNkonzo Yethu YoMbuso. Khuthaza bonke ukuba bathole izincwadi ezanele ukuze bahlanganyele ngokugcwele enkonzweni yasensimini ngaloMgqibelo neSonto.
20 imiz: “Zimemezele Ngokuphuthumayo Izahlulelo ZikaJehova.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo ngesihloko. Yazisa ibandla ngesikhathi nendawo yanoma imiphi eminye imihlangano yenkonzo phakathi nomkhankaso kaMarch. Ummemezeli onokuhlangenwe nakho akenze umboniso osekelwe ekwazisweni okusesigabeni 5. Khulumela imiBhalo ecashuniwe uma isikhathi sivuma. Qokomisa ukuqonda okusha ‘ngesixuku esikhulu’ njengoba kuhlanganisiwe esibonakalisweni ‘sezigidi zamahhashi’ achazwe kusAmbulo 9:16-19. (IsAm. 7:9) Shukumisa ukulangazelela ukuhlanganyela ekuhanjisweni kabanzi kwencwadi Umvuthwandaba WesAmbulo wezikhathi zethu.
18 imiz: “Ukugujwa KweSikhumbuzo Sika-1989.” Inkulumo ngombonisi owengamele nokuhlanganyela okuthile kwezilaleli. Cela ibandla ukuba lilandise indlela elihlela ukumema ngayo abasha eSikhumbuzweni nokubasiza ukuba babe khona. Khumbuza ibandla ukuthi amaphepha ezimemo zeSikhumbuzo ayatholakala.
INgoma 3 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOMARCH 13
INgoma 43
12 imiz: Izaziso zebandla neZindaba EzingokwaseZulwini. Hlanganisa nombiko wezimali, ngokufudumele ubonisa ukwazisa ngeminikelo eyamukelwe yiNhlangano. Khumbuza bonke ukuthi iSikhumbuzo siyoba ngoLwesithathu kusihlwa, ngoMarch 22. Yisho isikhathi sokugujwa komkhosi bese usho amalungiselelo ebandla. Kumelwe kwenziwe umzamo okhethekile ngempela-sonto ukuze kumenywe abantu abathakazelayo. Yenza umboniso omfushane obonisa indlela yokuya kokhumbuza umuntu owayemenywe eSikhumbuzweni esidlule. Bonke kumelwe baphathe INqabayokulinda kaNovember 15, 1988, ngesonto elizayo.
20 imiz: “Ingabe Ungaba Yiphayona Elisizayo NgoApril?” Sihlanganiswa ngemibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nokukhulumela okuwisizo okuvela kulabo ebandleni abaye baba amaphayona asizayo ngaphambili kuyilapho benakekela izibopho zomkhaya noma besebenza umsebenzi wokuziphilisa wesikhathi esigcwele.
13 imiz: Khuluma nabanye abahlela ukuba amaphayona asizayo ngoApril. Basihlele kanjani isikhathi sabo? Babuze ukuthi kungani loApril ungaba yinyanga enhle yokuphayona? Khuthaza bonke abangamaphayona ukuba babhalise ngokushesha. Ukubhalisela lenkonzo kusemanje kuyokunikeza isikhathi esengeziwe sokuvumelanisa uhlelo lwakho lwesikhathi nolwabanye. Abamemezeli abanezimo ezingabavumeli ukuba baphayone bangase bakwazi ukwandisa amahora ngokusebenza namaphayona uma bengase bakwazi.
INgoma 32 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOMARCH 20
INgoma 87
10 imiz: Izaziso zebandla. Khuthaza ukuphindela ngokushesha kulabo ababeseSikhumbuzweni, kungakhathaliseki ukuthi basha noma yilabo abangavamile ukuba semihlanganweni. Chaza lokho ibandla elikwenzayo nalokho okungenziwa abamemezeli ngabanye. Yisho amalungiselelo engeziwe okufakaza ngokwamaqembu ahlelelwe lelisonto.
15 imiz: “Izici Ezikhethekile Zomhlangano Ziyahlanganisa.” Inkulumo. Yenabisa amaphuzu ngokukhulumela kwebandla amaphuzu ayinhloko omhlangano ahlanganiswe esihlokweni.
20 imiz: “Ukusiza Abanye Ukuba Bakhulekele UNkulunkulu.” Umphathi wesifundo seNqabayokulinda ucabangela isihloko seNqabayokulinda kaNovember 15, 1988 ngokuxoxa nezilaleli. Qokomisa umbono olungisiwe ngokuphathelene nabantu abangabhapathiziwe abafuna ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini nabamemezeli abangabhapathiziwe ababa necala lokona okungathi sína.
INgoma 63 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOMARCH 27
INgoma 156
10 imiz: Izaziso zebandla kanye nesithi “Izindaba Ezibalulekile Eziphathelene Namafa.” Iphayona noma ummemezeli onekhono kumelwe enze umboniso esebenzisa iSihloko Sengxoxo, esihlobanisa nesipho sesikhokhelo. Khuthaza bonke ukuba bahlele ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini ngalempela-sonto, besekela umsebenzi kamagazini ngoMgqibelo kanye nokufakaza kwasendlini ngendlu ngeSonto lokuqala lenyanga.
20 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokusebenzisa INqabayokulinda.” Imibuzo nezimpendulo. Ngokuqondene nesigaba 3, ummemezeli wenza umboniso wendlela yokunikeza intshumayelo kamagazini yemizuzwana eyi-30 kuya kweyi-60 enkonzweni yendlu ngendlu. Gcizelela isidingo sokuhambisa omagazini kuphela. Ngokwesigaba 4, ummemezeli akenze umboniso esebenzisa INqabayokulinda ka-April 15, emsebenzini wasemgwaqweni. Ekuxoxeni ngezigaba 5 no-6, gcizelela ukuthi ukuhanjiswa kukamagazini akumelwe kube ngaphezu kwemizuzwana eyi-60; lapho kuhanjiswa isikhokhelo, kumelwe kusetshenziswe iSihloko Sengxoxo.
15 imiz: “Zikhandleni” (Luka 13:34; 1 Thim. 4:10) Inkulumo ngombonisi wenkonzo, esekelwe ekwazisweni okusesihlokweni esithi “Ungaphumuzi Isandla Sakho” esavela kuNkonzo Yethu YoMbuso kaJanuary 1988 nasencwadini kaMarch 1, 1989 ephathelene nensimu engabelwe. Ukusekelwa komkhankaso wensimu engabelwe ka-1988 kwakukuhle kakhulu, eqinisweni, kwakungcono kakhulu kunesiye saba nakho eminyakeni eminingi edlule. Amabandla angama-284 ahlanganyela emkhankasweni abika okulandelayo: Izincwadi eziyizi-14 532, izincwajana eziyizi-38 159, amahora ayizi-104 504, izikhokhelo eziyi-156, omagazini abayizi-56 687, izimpindelo eziyi-7 258, nezifundo zeBhayibheli ezingama-827. Konke lokhu kwafezwa abamemezeli abayizi-10 144. Amabandla akhuthazwa ukuba athumele amafomu esicelo sokusebenza insimu engabelwe ngokushesha ngangokunokwenzeka.
INgoma 10 nomthandazo wokuphetha.