Izici Ezikhethekile Zomhlangano Ziyahlanganisa
1 “Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.” (IHu. 133:1) Ngemva kokujabulela umhlangano wesigodi “Wokulunga Kwaphezulu” kanye nezici zawo ezikhethekile ezinhlobonhlobo, lamazwi aye aba nokusho okwengeziwe ngobuzalwane bomhlaba wonke babantu bakaJehova.
2 Kwashukunyiswa ukulinda ngokulangazela lapho kumenyezelwa esenezelweni seNkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1988 ukuthi kuyonikezwa ukwaziswa okukhethekile kubantu bakaJehova. Khona-ke lapho izikhulumi zinikeza ukwaziswa okushukumisayo, sajabula ngokuthi sakwazi ukuba khona futhi sihlanganyele. Futhi yeka injabulo okwaba yiyo ukuhlanganyela nabazalwane abaningi kangaka ekumemezeni ngo“Elethu!” eZwini Lesinqumo elinamandla!
3 Okukhethekile futhi, kwaba ukukhishwa kwencwadi eyimiqulu emibili enesihloko esithi Insight on the Scriptures. Yeka ukuthi iyizincwadi ezinemifanekiso emihle kanjani! Yeka indlela ezizosihlanganisa ngayo ekucwaningeni izindaba zeBhayibheli ukuze sikwazi ukukhuluma ngokuvumelana ngalokho okushiwo imiBhalo ngempela!—1 Kor. 1:10.
4 Yeka ukuthi kwaba yinto enhle ebingalindelekile kanjani leyo esayithola ngoMgqibelo ntambama lapho kufika isimemezelo sokukhululwa kwencwadi entsha enesihloko esithi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! Lencwadi enamakhasi angama-320 ngokuqinisekile izosisiza ukuba sihlanganise imicabango yethu ngalokho okushiwo amazwi amaningi angokomfanekiso atholakala encwadini yokugcina yeBhayibheli.
5 Ngokuqinisekile uJehova uye wasibusisa ngokwengeziwe kunesasikulindele. Manje kungukuzimisela kwethu ukuba siveze ubufakazi ngokuphathelene nokulunga kwaphezulu ukuze abanye abanezinhliziyo ezilungile basabele.