IZaziso
● Isipho sencwadi senyanga kaMarch: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R6,00. NgoApril noMay: Isikhokhelo sonyaka seNqabayokulinda ngomnikelo ka-R10,00. Isikhokhelo sePhaphama! naso singahanjiswa. Izikhokhelo zezinyanga eziyisithupha nezonyaka owodwa kweziphuma njalo ngenyanga ziwu-R5,00. NgoJune: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R2,00.
● Umbonisi owengamele noma omunye owabelwe nguye kumelwe ahlanganise izimali zebandla ngoMarch 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho.
● Ekulungiseleleni umkhosi weSikhumbuzo, bonke bayofuna ukulandela uhlelo lokufundwa kweBhayibheli olulungiselelwe ekhalendeni ka-1989, kusukela ngoLwesihlanu, ngoMarch 17.
● Iminikelo amabandla ayithumela eNhlanganweni ukuze kuthuthukiswe izithakazelo zoMbuso kanye neminikelo ehlelelwe ezinye izinjongo iNhlangano iyaye iyibonge ezincwadini eziya emabandleni nyanga zonke. Lezincwadi ezibonga umnikelo zihlanganisa namazwi amafuphi okwazisa. Umbonisi owengamele kumelwe aziqaphele lezincwadi zokubonga futhi azise ibandla inyanga ngayinye lapho kunikezwa imibiko yezimali. INhlangano ifuna ukuba abazalwane bazi ukuthi iminikelo yabo ifinyelele eNhlanganweni nokuthi iNhlangano iyayazisa.
● Lapho kucatshangelwa amaphuzu asencwajaneni Isikole NoFakazi BakaJehova, abaqhubi bezifundo zebandla zencwadi kufanele balungiselele kusengaphambili imibuzo yabo siqu yesifundo sebandla sencwadi.
● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
New World Translation of the Holy Scriptures (iDeluxe engena ephaketheni; DLbi25), itholakala ngombala omnyama noma obubende —ngesiFulentshi
Hubani Izindumiso ZikaJehova (Enkulu)—ngesiTswana
Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula’ —ngesiCheŵa
OFakazi BakaJehova—Ngobunye Benza Intando KaNkulunkulu Emhlabeni Wonke—ngesiPolish
● Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Listening to the Great Teacher (amane nencwadi kuyi-album; ibandla neningi: R27,00; amaphayona: R21,00—ngesiNgisi