Ukubhalelana Neziboshwa
1 Abantu bezizinda ezihlukahlukene zokuphila bayathintwa ngesigijimi soMbuso. Kuyaqhutshekwa kwamukelwa imibiko eqondile ngabantu abavalelwe ejele abaye basabela kahle. Kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli nemihlangano emajele amaningi. Lokhu kuye kwaphumela ekutheni abafundi abasha banikezele ukuphila kwabo kuJehova futhi babhapathizwe.
2 Ezimweni eziningana iziboshwa zinikezwa ubufakazi ngokubhala izincwadi. Mayelana nalokhu, sinomuzwa wokuthi kudingekile ukuba siphinde sixwayise. Kuye kwatholakala ukuthi ezinye iziboshwa ezishisekela ukubhalelana nabanye zinezisusa ezingezinhle. Nakuba bekungaba okufanelekile ukubhalela iziboshwa, kunikezwa ukwaziswa okungokomBhalo nesikhuthazo noma izincwadi zeBhayibheli njengoba kudingeka, imali noma izipho zomuntu siqu akumelwe kuthunyelwe, naphezu kweqiniso lokuthi okunjalo kungase kucelwe ngobhalile.
3 Kutuswa ngokunamandla ukuba kube abazalwane abafanelekayo kuphela ababhalelana neziboshwa zesilisa. Odade abafanelekayo kufanele babhalelane neziboshwa zesifazane. Amalungu ebandla akufanele avakashele amajele ngokunganaki noma abe nobudlelwane obuseduze neziboshwa.
4 Lapho iziboshwa zibonisa isithakazelo, kungcono kakhulu ukudlulisela amagama namakheli abanjalo ebandleni elisendaweni lelojele elikuyo. Abazalwane abafanelekayo lapho bayokwenza isicelo sokuhambela leziboshwa futhi, uma kungenzeka, bahlele ukufunda nalabo abanesithakazelo esiqotho eqinisweni.
5 Uma kuphakama imibuzo ngokubhalela iziboshwa noma ukuhambela amajele, sizani nixoxe nombonisi owengamele kuqala. Angabhalela iNhlangano uma kudingeka okunye ukuqondisa.