Izindaba Ezingokwasezulwini
◆ NgoJanuary 23, 1990, uhulumeni waseBenin wakuqeda ngokomthetho ukuvinjeIwa komsebenzi woFakazi BakaJehova kulelozwe. NgoJanuary 28 abazalwane bajabulela ukukwazi ukuhlangana ndawonye babe nomhlangano okhethekile owaba seCotonou, futhi manje babheke phambili ekukhuphuleni izinga lomsebenzi wabo ongokwasezulwini.
◆ NgoMarch 14, 1990, iGerman Democratic Republic, (iMpumalanga Jalimane) yakhipha incwadi egunyaza inkululeko engokwenkolo yoFakazi Bakajehova kulelozwe futhi iwuqaphela ngokomthetho umsebenzi wabo. Ngosizo lukaJehova, abazalwane bethu bahlanganyela obala ngenjabulo nangentshiseko enkonzweni.