Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/90 k. 8
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Izikhonzi Zezindaba Ezinhle
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Ukusiza Abanye Ukuba Bakhulekele UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 6/90 k. 8

IBhokisi Lemibuzo

● Ngaphambi kokuba afanelekele ukubhapathizwa, ummemezeli ongabhapathiziwe kufanele ahlanganyele ngezinga elingakanani enkonzweni yasensimini?

Umuntu ofanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe kakade usesibonisile ngezindlela ezihlukahlukene isifiso sakhe esinamandla sokuba ngomunye woFakazi BakaJehova. (IHu. 110:3) Ukuyifunda ngenkuthalo imiBhalo kuye kwaletha inguquko ekucabangeni kwakhe, esimweni sengqondo, nasendleleni yokuphila. Ngokuvela esifisweni senhliziyo sokujabulisa uJehova nokwenza intando yaKhe, umfundi weBhayibheli ozimisele uhlangana njalo nabantu bakaJehova emihlanganweni yebandla, emihlanganweni yesifunda, nasemihlanganweni emikhulu. (Heb. 10:24, 25) Ngaphandle kokuba khona njalo emihlanganweni enjalo yobuKristu, ngokunokwenzeka uye washukumiseleka futhi enhliziyweni ukuba akhulume obala ngokholo lwakhe ngokuphendula emihlanganweni, futhi ngokunokwenzeka usebhalisile eSikoleni SeNkonzo Esingokwasezulwini.—IHu. 40:9, 10; omZU k. 73.

Lapho umfundi WeBhayibheli amukela iqiniso futhi ebonisa ukuthi ukwazisa ngobuqotho ukubaluleka kwesigijimi soMbuso, angaba nelungelo lokuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu. Lona wumsebenzi oyinhloko woFakazi Bakajehova. (Math. 24:14; 28:19, 20; omZU k. Iil) Ngokuqondene nalokhu, kokubili ummemezeli oqhuba isifundo nabadala banomthwalo wemfanelo omkhulu wokuqiniseka ukuthi konke ukuphila komfundi kuyavumelana nezimiso zobuKristu. Kufanele abe nesifiso sangempela sokuba uFakazi Kajehova futhi alazise ilungelo lokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi.—Gal. 6:6; wZU88 11/15 kk. 16, 17; omZU kk. 98-9, 174.

Asikho isidingo sokuba ngemva kokuba umfundi WeBhayibheli ekufanelekele ukuhlanganyela nathi enkonzweni kuthathe isikhathi eside ukuba akwazi ukubhapathizwa emanzini. Ngalesikhathi inkambo yakhe yokuphila isihambisana ngokuphelele kakade nezimiso zobuKristu, kodwa untula okuhlangenwe nakho enkonzweni yasobala. Kufanele anikwe isikhathi esanele sokubonisa ukuthi uzimisele ngokuqinile ukuba nengxenye yasikhathi sonke neyentshiseko enkonzweni yasensimini.—IHu. 40:8; Roma 10:9, 10, 14, 15.

Ngesikhathi lomuntu elungela ukubhapathizwa, ngokunokwenzeka uyobe esehlanganyela njalo izindaba ezinhle nabanye, echitha isikhathi esingaphezu kwehora elilodwa noma amabili enkonzweni yasensimini inyanga ngayinye. (wZU84 12/15 k. 27 isig. 2) Yiqiniso kufanele kuhlolwe izimo zomuntu ngamunye ofuna ukubhapathizwa, kucatshangelwa isizinda, iminyaka, ukulinganiselwa, njalonjalo. Abadala bayofuna ukuqondiswa isiqondiso abasinikezwe ekhasini 175 lencwadi ethi Ukuhlelelwa: “Isithakazelo sethu sikulabo abanhliziyo zabo ziphendukela kuJehova nabaye bathola umqondo wamaqiniso eBhayibheli ayisisekelo. Ngosizo lwenu lothando, labo ababhapathizwayo bayokhuthazwa futhi basizwe ukuba bangenele inkonzo yobuKristu, bekulungele ngokufanele ukufeza lesosabelo esibalulekile.”—Math. 16:24; Joh. 4:34; 1 Pet. 2:21.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela