Ukusiza Abanye Lapho Sisenkonzweni Yasensimini
1 Kusukela ekuqaleni kwalo, ibandla lobuKristu belilokhu liyinhlangano yabavangeli. UJesu ngokwakhe waqeqesha abafundi bakhe emsebenzini wokushumayela futhi “waqala ukubathuma ngababili.” (Marku 6:7; Luka 8:1) Umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngezisebenzi akanye nazo’ ebandleni laseFilipi ‘ezazibambisene naye evangelini.’ (Fil. 4:3, NW) Nakuba kungadingeki njalo ukuba ube nomuntu ohamba naye enkonzweni, abaningi bethu bayakwazisa ukuhamba nabanye. (UmSh. 4:9) Khona-ke, singaba kanjani abakhuthazayo nabawusizo komunye nomunye njengoba sishumayela?
2 Enye yezinjongo zemihlangano yethu yenkonzo yasensimini iwukunikeza usizo kubamemezeli abasanda kuqalisa nabanokuhlangenwe nakho okuncane. (omZU kk. 77, 97) Ngisho namaphayona asanda kumiswa angase afune ukusebenza nabamemezeli abanokuhlangenwe nakho okwengeziwe noma nomdala noma inceku ekhonzayo. Yeka ithuba elihle “lokukhuthazana”!—Roma 1:12, NW.
3 Ngenxa yezizathu zokuphepha, kungase kube ukuhlakanipha ukuba abamemezeli basebenze ndawonye ezindaweni ezithile. Noma ngezinye izikhathi kungase kudingeke ukwenza ushintsho emalungiselelweni abenziwe kusengaphambili okusebenza nothile ukuze kunakekelwe abamemezeli abanokuhlangenwe nakho okuncane abasemhlanganweni wenkonzo. Uma sicelwa ukuba senze kanjalo, ngempela kungaba inkambo yothando ngathi ukwenza noma iluphi ushintsho oludingekayo ukuze ‘sisize ababuthakathaka,’ ngisho nakuba kungenzeka ukuthi sijwayele ukusebenza nothile.—IzE. 20:35.
SEBENZANI NGOKUZWANA
4 Noma nini lapho sihamba nabathile enkonzweni yasensimini, sifuna ukusebenza ngokuzwana njengeqembu. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 3:6, 9.) Ningahlanganyela nobabili ekunikezeni ubufakazi, mhlawumbe nishintshane ekuqaliseni izingxoxo emizini. Imikhuba emihle iyokwenza ukuthi silalele ngesizotha nangokunaka lapho esihamba naye ekhuluma.
5 Nakuba ngezinye izikhathi kungase kube okufanelekile ukuhlanganyela engxoxweni lapho esihamba naye ehola, lokhu kudinga ukwahlulela okuhle. Asifuni ukuphazamisa ukunikezelana ngemibono nomnini-khaya okusetshenziswa ngokuphumelelayo. Yiqiniso, uma ummemezeli onokuhlangenwe nakho okuncane eqala ukuba nobunzima ekusingatheni ukuphikisa, ngokungangabazeki uyolwazisa usizo oluqondiswe kahle.—UmSh. 4:12.
6 Singasisebenzisa ngokunenzuzo isikhathi sisuka kwenye indlu siya kwenye ukuze sixoxe ngezindlela esingathuthukisa ngazo intshumayelo yethu. Mhlawumbe ukusebenzisa esinye sezethulo ezisencwadini Ukubonisana noma ukusikisela okukhishwe kuNkonzo Yethu YoMbuso kungaphumelela ngokwengeziwe. Ukusebenza ndawonye futhi kunikeza ithuba lokwazana kangcono, siqinise izibopho zobuzalwane bethu bobuKristu.
7 Inkonzo yethu ngempela iyigugu elaziswa kakhulu. (2 Kor. 4:1, 7) Njengoba sinethuba lokusebenza nabanye enkonzweni yasensimini, singakha komunye nomunye ukwazisa okujulile ngomsebenzi wethu ongcwele. Ngesikhathi esifanayo, siyothola isikhuthazo futhi sifunde komunye nomunye. Umphumela uyoba injabulo eyandisiwe, ukuphumelela kakhulu ngokwengeziwe ekunikezeni ubufakazi, kanye nomuzwa owanelisayo wokuba nobunye nabazalwane bethu nodade.—IHu. 133:1.