Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/92 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 6/92 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi ngoJune: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R4,00. NgoJuly: Noma iyiphi yezincwajana ezingangomagazini ezilandelayo: Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, noma ethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi ngomnikelo wamasenti angu-80 iyinye. NgoAugust: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R8,00. NgoSeptember: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R8,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,00.

◼ Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngoJune 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yenzani isaziso ebandleni lapho lokhu sekwenziwe.

◼ Kubabonisi abengamele: Sinimema ukuba nithumele eNhlanganweni noma ikuphi okuhlangenwe nakho okuvelele ibandla lenu eliye laba nakho phakathi nonyaka, kuhlanganise nokuhlangenwe nakho okuphathelene nenkonzo yamaphayona asizayo kanye nosuku olukhethekile lukamagazini, uApril 11, 1992. Sifuna ukukhetha okungcono kakhulu ensimini yethu okuzofakwa embikweni waminyaka yonke. Sizani nikuthole kungakedluli uJuly 1, 1992.

◼ Ushintsho lwekheli lokuthumela leNhlangano: Esikhathini esizayo ikheli eliqondile lokuthumela leNhlangano liyothi: Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740. Nizophawula ukuthi kwenezelwe u“X” ngaphambi kwenombolo yePrivate Bag. Sizani nilukhumbule njalo lolushintsho noma nini lapho nithumela izincwadi eNhlanganweni.

◼ Sizani niphawule: Ngezinye izikhathi abamemezeli bahlangana nabantu bolunye ulimi emgwaqweni abangase bathathe omagazini noma babonise isithakazelo eqinisweni. Uma kungenzeka, sinikhuthaza ukuba nina siqu nisilandelele isithakazelo esinjalo ukuze nithole ukuthi lowomuntu unesithakazelo esiqotho yini noma cha. Kamuva ningadlulisela ukwaziswa ebandleni eliseduzane. Uma kudingekile ukuthumela ukwaziswa okunjalo eNhlanganweni, sizani nisinikeze imininingwane egcwele ngokuphathelene negama lalowomuntu, ikheli, incwadi ayithathile, kanye nokuthi useqhubeke kangakanani. Lokhu kufanele kunikezwe umbonisi wenkonzo naye ozohlola imininingwane ngaphambi kokukudlulisela eNhlanganweni.

◼ Sithole imvume evela eNdikimbeni Ebusayo yokuba simise amaphayona akhethekile esikhashana angu-50 eNingizimu Afrika, ayisithupha eBotswana, ayisithupha eLesotho, ayisithupha eSwazini, nayishumi eMozambique eseningizimu. Phakathi nomkhankaso wensimu engabelwe wezinyanga ezintathu (uAugust-October) lamaphayona azothunyelwa ezindaweni ezingafinyelelwa njalo ngezindaba ezinhle.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

NgesiNgisi: Sing Praises to Jehovah—Large Print (Amazwi kuphela. Lena incwadi engangomagazini enamakhasi angu-320 enamazwi kuphela; awekho amanothi omculo, iyefana neWatchtower ebhalwe ngamagama amakhulu. Ibandla neningi: R11,00; amaphayona: R8,50). NgesiPutukezi: Insight on the Scriptures, Umqulu 2 (ibandla neningi: R15,00; amaphayona: R12,00); imiqulu yeWatchtower ka-1970 no-1971 (ibandla, iningi namaphayona: R17,00).

◼ Amakhasethi Evideo Atholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:

NgesiNgisi: Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name.

◼ INhlangano izophinda inyathelise imiqulu yeWatchtower ngesiNgisi yeminyaka esukela ku-1980 kuya ku-1985. Amabandla manje asengayi-oda imiqulu ka-1980. Sizani ningawathumeli ama-oda emiqulu yeminyaka ka-1981 kuya ku-1985 kuze kube yilapho sekwazisiwe ngeNkonzo Yethu YoMbuso ukuthi ikhona.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela