Basebenzise Kahle Omagazini
1 Lapho uvakashela indawo okuthengiswa kuyo izincwadi, ubona izinhlobonhlobo eziningi kakhulu zomagazini abaqokomisa yonke into kusukela emahlayeni kuya ebuchwephesheni obungokwesayensi. Awusoze wabafunda bonke. Nakuba abanye omagazini benokwaziswa okuwusizo, abaningi banezindinganiso ezingabazisayo. Abaningi bonakele futhi kumelwe bagwenywe.
2 Yeka ukuthi lokhu kungokuphambene kanjani lapho kuqhathaniswa neNqabayokulinda nePhaphama! Labomagazini banikezelwe ekufuneni nasekumemezeleni iqiniso elingasetshenziswa ekusindisweni kwabo bonke abasabela othandweni lukaNkulunkulu.
3 IPhaphama! ingafinyelela zonke izinhlobo zabantu ngokuphumelelayo ngenxa yokuhlanganisa kwayo izici eziningi kanye nokwehlukahluka kwezihloko. Njengoba kuchaziwe ekhasini-4 likamagazini ngamunye, “ingeyokukhanyisela wonke umkhaya.” Iqokomisa izihloko ezikhuluma ngezindaba ezihlukahlukene, ezihlanganisa abantu, inkolo nesayensi. Iphenya futhi ikhombe isizathu sangempela salokho okushiwo izenzakalo ezenzekayo. Okubaluleke kakhulu, ‘yakha ithemba esithembisweni soMdali sezwe elisha elinokuthula nelilondekile.’
4 Umagazini wePhaphama! kaOctober 8 uqokomisa isihloko esithi “Ungakwazi Ukunqoba Imizwelo Ephambene.” Ukuphila kwabantu abaningi kuye kwawohlozwa imizwelo enjalo. Ukwethula lomagazini ngokugxilisa ukunakekela eselulekweni sawo seBhayibheli esiduduzayo kungase kuvuse ukusabela okuhle. Kumagazini kaOctober 22, kufanele sikwazi ukuthola indlebe elalelayo ngokuletha ukunakekela emaphuzwini aduduzayo ochungechungeni oluthi “Izwe Elisha Elanelisa Bonke.”
5 INqabayokulinda iye yazizuzela ukuqashelwa njengomvikeli owaziwa emhlabeni wonke wezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nezibusiso zePharadesi oyoziletha. Umagazini kaOctober 1 uyophendula umbuzo odinga ukucwaninga onesihloko esithi “Ingabe Isintu Siyamdinga Ngempela UMesiya?” Lokhu kuyosinikeza ithuba elihle lokukhuluma ngethemba lethu loMbuso. Ukwaziswa okusesihlokweni esithi “Ukuphila Komkhaya Namuhla—Ukuhlangabezana Nenselele,” okuqokonyiswe kumagazini kaOctober 15, kuyosisiza ukuba siqalise izingxoxo namalungu omkhaya alangazelela ukukhululeka ekucindezeleni okuningi kokuphila.
6 Sifuna abantu abanesithakazelo esiqotho ukuba bamukele labomagazini abawusizo njalo. Lapho uxoxa ngezinzuzo eziningi zalabomagazini, zama ukuvusa isithakazelo somnini-khaya kulabomagazini. Yiba nombono oqondile ekuhambiseni isikhokhelo kuwo wonke umuntu. Lapho isikhokhelo singathathwa khona, hambisa omagazini ababili, usho ukuthi uzobuya emasontweni amabili nomagazini bamuva. Ngalendlela ungaqalisa umzila kamagazini. Lapho abantu bengenakukwazi khona ukuthatha isikhokhelo sonyaka, kungani ungahambisi isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha?
7 Njengoba sikholiseka ngokubaluleka komagazini bethu, singabatusa kubo bonke abantu. Sinokuthile okuhle, futhi silingisa uKristu ngokukuhlanganyela nabanye.—IzAga 3:27; Heb. 13:16.