IBhokisi Lemibuzo
◼Izingane ezisencane zabazali abangamaKristu kumelwe zihlanganyele ngezinga elingakanani enkonzweni yasensimini ngaphambi kokuba ziqashelwe njengabamemezeli abangabhapathiziwe?
Abazali abangamaKristu bafuna ukuba izingane zabo zithuthukele ekubeni izinceku zikaJehova ezivuthiwe, ezizinikele. (1 Sam. 2:18, 26; Luka 2:40) Ngisho nalapho zisencane kakhulu, izingane emakhaya amaKristu kumelwe zikwazi ukukhuluma ngokucacile lapho zilwela ukholo lwazo olusekelwe eBhayibhelini. Ukukhula kwezingane ngokomoya kuyathuthuka njengoba zihambisana nabazali bazo enkonzweni yasensimini kusukela ebuntwaneni. Kodwa kubalulekile ngabasebasha ukuba bashukunyiswe ngokusuka enhliziyweni uma bezoyijabulela inkonzo yasensimini, befisela ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe, futhi baqhubeke behlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Kudingeka ukuba abazali banikeze ukuqeqesha ngokunakekela. (1 Thim. 4:6; 2 Thim. 2:15) Ngezinye izikhathi abanye abamemezeli abafanelekayo bangase basize uma abazali bevuma.—Bheka ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 99-100.
Njengoba abantwana abaziphatha kahle behamba nabazali babo abangamaKristu emsebenzini wendlu ngendlu, bafunda indlela yokuhlanganyela enkonzweni. Kodwa abanakuqashelwa njengabamemezeli abangabhapathiziwe kuze kube yilapho sebethuthukise isilinganiso esithile sekhono labo siqu. Abazali abangamaKristu banganquma ukuthi ingane yabo ingahlanganyela ngokwezinga elingakanani ekunikezeni ubufakazi njengoba besebenza ndawonye. Izingane ezingakaqashelwa njengabamemezeli abangabhapathiziwe akumelwe zizenzele izimpindelo ngokwazo noma zihambe nezinye izingane enkonzweni yasensimini. Abazali bangase bazilungiselele izingane zabo inkonzo yasensimini futhi bazivumele ukuba zihlanganyele ngezindlela ezihlukahlukene, njengokufunda umbhalo, ukuhambisa ipheshana noma umagazini, noma ukubonisa umnini-khaya umfanekiso kwenye yezincwadi. Njengoba ingane ikhula, ingase ikwazi ukuhlanganyela ngokwezinga elikhudlwana engxoxweni.
Ngokuqeqeshwa okufanele, abasebasha bafunda ukwazisa ukungathi sína kwenkonzo njengoba besabela esiqondisweni sabazali babo futhi beziphatha ngendlela ehlelekile. Abazali akumelwe bashiye izingane zabo ezingakaqashelwa njengabamemezeli abangabhapathiziwe emhlanganweni wenkonzo yasensimini, balindele abanye ukuba bazinakekele. Abazali abakhathalelayo bayawuqaphela umthwalo wabo wemfanelo womuntu siqu wokuqondisa umsebenzi wezingane zabo. Kuyiqiniso, abanye abamemezeli abanomthwalo wemfanelo bangase bazimisele ukusiza ekuqeqesheni izingane ezisencane ebandleni ezibonisa isithakazelo sangempela sokukhonza uJehova enkonzweni.