IZindaba Ezingokwasezulwini
EHong Kong: Ngo-October kwafinyelelwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-2704. Kuhle ukubona ukuthi baye baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-4043.
EMadagascar: EMihlanganweni Yesigodi ‘Yabaphathi Bokukhanya’ emihlanu kwaba nabangu-10 694, futhi kwabhapathizwa abangu-241. Inani lababekhona lalingaphezu kokuphindwa kabili kwenani eliphakeme labamemezeli abangu-4542.
ENingizimu Afrika: IBandla lase-Ottery eKapa kanye neBandla laseCezu eTranskei aqalise u-1993 ngenjabulo enkulu lapho amaHholo awo oMbuso enikezelwa phakathi nempelasonto yesibili ka-January.
IMihlangano Yesigodi ‘Yabaphathi Bokukhanya’ engu-20 eyaqhutshwa eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane yaba yimpumelelo enkulu, yaba nenani elihlangene lababekhona labangu-126 703, kwabhapathizwa abangu-2477. Sifisa ukubonga bonke abaye banikela ngokuzithandela ngezinkonzo zabo ukuze bakhonze izidingo zezihambeli.
ESt. Helena: Abazalwane baye basebenza kanzima eHholo LoMbuso elisha leBandla laseJamestown. Yayinkulu injabulo yabo lapho lelihholo linikezelwa ngo-January phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda ovela eNingizimu Afrika.