IZindaba Ezingokwasezulwini
EBenin: Ngo-February kwabikwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-2967. Uma kuqhathaniswa nomsebenzi wangonyaka odlule, abamemezeli bande ngamaphesenti angu-13,8, amahora ande ngamaphesenti angu-6,1, ukuhanjiswa komagazini ngamaphesenti angu-40,6, futhi izifundo zeBhayibheli ngamaphesenti angu-25,1.
ENingizimu Afrika: Amanye amaHholo OMbuso amabili akhiwe ngokushesha anikezelwa, elinye ngo-March 20 eZola North (eSoweto), kanti elinye ngo-May 8 eSiyathemba (eBalfour). Kwanikezelwa amaHholo OMbuso amabili akhiwe kabusha, elinye eStrand kanti elinye eRondebosch, ngempelasonto ka-May 8 no-9. IHholo LoMbuso eKroonstad lanikezelwa ngoMgqibelo, ngo-May 8. Siyajabula ukubona lezakhiwo ezinhlanu, ezinhle zikhonza amabandla ayisikhombisa. Sithanda ukuwatusa ngokukhethekile wonke amabandla angu-155 abolekwa izimali zokwakha amaHholo OMbuso ngokuthumela imali yokukhokha ngokwethembeka eNhlanganweni, nawo wonke amabandla anikela eSikhwameni Senhlangano SamaHholo OMbuso.
EZaire: Naphezu kweziphazamiso ezingokomnotho nezingokombangazwe kulelizwe, abazalwane babika inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-71 098 ngo-February. Lokho kwakuwukwanda ngamaphesenti angu-9 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule. Abamemezeli bamabandla banesilinganiso samahora enkonzo yasensimini esingu-16,8. IZaire manje inamaphayona avamile angaphezu kuka-6000.