IZaziso
◼ Izincwadi ezizosetshenziswa phakathi no-September: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R9,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,50. Ngo-October: Isikhokhelo se-Phaphama! noma se-Nqabayokulinda ngomnikelo ka-R19,00 komagazini abaphuma kabili ngenyanga. Izikhokhelo zonyaka zomagazini abaphuma kanye ngenyanga kanye nezezinyanga eziyisithupha zomagazini abaphuma kabili ngenyanga zingu-R9,50. Ngo-November: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,00. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R9,00.
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-September 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yenza isaziso ebandleni lapho lokhu sekwenziwe.
◼ Isaziso esiya konobhala bamabandla. Lapho nibhalela iNhlangano ngokuqondene nama-akhawunti, ama-oda kamagazini, ama-oda ezincwadi, imibiko yenkonzo yasensimini, imibuzo ngokuqondene nezikhokhelo, ngaso sonke isikhathi bhalani inombolo yebandla lenu. Futhi, sizani niqiniseke ukuthi inombolo ibhalwe esikhaleni esilungiselelwe yona emafomini. Uma ningenawo amafomu eNhlangano, sicela niwa-ode.
◼ Kusukela ngo-November 8, 1993, kuze kuyoba ngu-May 2, 1994, incwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise izofundwa eSifundweni Sencwadi Sebandla.
◼ NgoMgqibelo, October 9, 1993, ikhaya laseBethel nefektri kuzobe kuvaliwe ukuze kuhlanzwe, ngakho ngeke abe khona amalungiselelo okuzobona indawo.
◼ Abamemezeli abahlela ukuthatha ubuphayona obusizayo ngo-October kufanele bafake izicelo zabo kusenesikhathi. Lokhu kuyokwenza abadala bakwazi ukwenza amalungiselelo adingekayo ezincwadi ◼nensimu.Abadala bakhunjuzwa ukuba balandele iziyalezo ezinikezwe emakhasini 21-3 e-Nqabayokulinda ka-April 15, 1991, ngokuqondene nanoma yibaphi abantu abasusiwe noma abazihlukanisile okungenzeka bathanda ukubuyiselwa.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda Ikhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1994 nama-oda abo ezincwadi ka-September. Amakhalenda ayotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiShayina, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu.