IZindaba Ezingokwasezulwini
EBahamas: Abamemezeli abangu-1294 bakujabulela ukuba nabantu abangu-3149 ababekhona eMihlanganweni yabo ‘Yokufundisa Kwaphezulu’ nokubona abangu-38 bebhapathizwa.
EBrazil: Ngo-July inani eliphakeme labamemezeli elingelesine onyakeni wenkonzo ka-1993 lafinyelelwa ngokuba nabangu-348 634 ababikayo.
EGabon: Njengoba ngo-July kwabika abamemezeli abangu-1332, bafinyelela inani labo eliphakeme elingelesihlanu onyakeni wenkonzo ka-1993. Labamemezeli abashisekayo abenza isilinganiso samahora angu-17,8, benza izimpindelo ezingu-22 658, futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-4280.
ENingizimu Afrika: Kwanikezelwa amaHholo OMbuso amathathu amasha eMeloding (Virginia), eVosloorus, naseMpumalanga Welkom. Ihholo laseVosloorus, eMpumalanga Randi, lakhiwa ngempelasonto ka-July 27 no-28. Yeka umehluko ukubona amakhulu ezisebenzi zokuzithandela ezinokuthula ezivela kuzo zonke izinhlanga zisebenza ndawonye, kuyilapho udlame olwesabisayo nokudubulana kuqhubeka ezindaweni ezingomakhelwane eKatlehong naseThokoza!