Ukuhambisa Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
1 Enkonzweni yethu yasensimini ngo-December, sizohambisa incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Yini oyoyisho ukuze uqale ingxoxo yeBhayibheli ehambisana nesikhathi, futhi uyoyethula kanjani lencwadi enhle?
2 Ngemva kokubingelela umninikhaya, ungase usho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Namuhla sibuza omakhelwane bethu ukuthi yini abayicabangayo lapho befunda ngokuphila okuphakade eBhayibhelini labo. [Lindela impendulo.] Kuthakazelisa ngokukhethekile ngoba iBhayibheli lisebenzisa amazwi athi ‘ukuphila okumi phakade’ izikhathi ezingaba ngu-40. Yini engase ishiwo yilokho kuphila kithi? Phawula lokho isAmbulo 21:4 esikushoyo. [Funda.] Uqaphelile ukuthi yini ethenjiswayo? [Lindela impendulo.] Singakuzuza kanjani ukuphila okuphakade?” Funda uJohane 17:3, bese uqokomisa isidingo sokufaka ulwazi ngoNkulunkulu nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Vula incwadi ethi Umuntu Omkhulu, ubonise umninikhaya imifanekiso ethile. Yibe usuvula isingeniso, usebenzisa izihlokwana ukuze ukhulise isithakazelo. Hambisa incwadi ngo-R10,50.
3 Ngemva kokubingelela okufanelekile, ungase uthi:
◼ “Sibuza abantu ukuthi bangavuma yini ukuthi uJesu Kristu wayengumuntu omkhulu kunabo bonke abake baphila. [Mnikeze isikhathi sokuphendula.] Yiqiniso, abantu abaningi baye bathonya izindaba zesintu, futhi abanye baye baba nengxenye entuthukweni yohlanga lwesintu, kodwa phawula lokho okwenza uJesu Kristu ahluke kubo bonke abanye. [Funda uJohane 17:3.] Akekho umuntu onamandla okunikeza isintu ukuphila okuphakade. [Vula isahluko 111 sencwadi ethi Umuntu Omkhulu.] Lapho uJesu elapha emhlabeni, wachaza izenzakalo ezaziyokwenzeka ngaphambi kwesiphelo sezwe.” Ngemva kokuxoxa kafushane ngezici ezithile zesibonakaliso sokuba khona kukaKristu, mbonise ezinye izici ezivelele zalencwadi.
4 Ngemva kokubingelela kwasendaweni, enye indlela kungaba yilena:
◼ “Ngo-December abantu bacabanga futhi bakhulume kakhulu ngoJesu. Singasilingisa ngayiphi indlela isibonelo esabekwa uJesu, umuntu omkhulu kunabo bonke emhlabeni? [Lindela impendulo, bese udonsela ukunakekela kweyoku-1 Petru 2:21.] Wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathande omakhelwane babo, bazigcine behlanzekile ngokokuziphatha, futhi bathandazele ukuza koMbuso kaNkulunkulu. Insindiso yethu ixhomeke ekuqapheleni nasekulaleleni uJesu njengoMsindisi wethu. [Funda uJohane 14:6.] UJesu wayengeyena nje umuntu ovamile. Lencwadi imchaza njengomuntu omkhulu kunabo bonke abake baphila. Isahluko 59 siyakuqinisekisa lokhu, simchaza ‘njengoKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.’ Njengoba sincike kuye ukuze sizuze insindiso, awucabangi yini ukuthi sinesidingo sokufunda okuningi ngangokunokwenzeka ngomsebenzi wakhe nangalokho akufundisa? Lencwadi iye yalungiselelwa leyo njongo ngokukhethekile, futhi ngingakujabulela ukukunikeza lencwadi ngomnikelo ka-R10,50.”
5 Lapho uxoxa nomuntu osemusha ungase uthande ukuzama lendlela:
◼ “Intsha eningi ifuna abantu abayisibonelo engabalingisa, kodwa kunzima ukuthola abayizibonelo ezinhle. UJesu Kristu sonke wasibekela isibonelo esiphelele. [Funda eyoku-1 Petru 2:21.] Konke ukuphila kwakhe kwakugxile ekukhulekeleni uYise wasezulwini. Ucabanga ukuthi bekuyoba njani ukube abantu abengeziwe bebezama ukumlingisa?” Lindela impendulo. Bhekisela esigabeni sesithathu esisekhasini elilandela elokugcina kulencwadi, esichaza izimfanelo zakhe ezikhethekile. Chaza indlela incwadi ethi Umuntu Omkhulu engasisiza ngayo sonke ukuba sibe amaKristu angcono.
6 Uma silungiselele kahle, singase sikwazi ukusebenzisa lencwadi ‘sivulele abanye imiBhalo’ ngendlela ezobalethela injabulo enkulu!—Luka 24:32.