Bonga UJehova “Usuku Lonke”
1 IHubo 145:2 linesithembiso esenziwa iNkosi uDavide kuJehova: “[Usuku lonke, NW] ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.” Nathi sinesizathu sokubonga nokudumisa uBaba wethu wasezulwini! Kodwa singasilingisa kanjani isibonelo sikaDavide ekudumiseni ubukhosi bukaJehova “usuku lonke”?
2 Ngokugcwalisa Izinhliziyo Zethu Ngokwazisa UJehova: Ukutadisha njalo iZwi likaNkulunkulu kujulisa ukubonga kwethu uJehova ngalokho aye wasenzela khona, akwenzayo, nasazokwenza. Njengoba sikhula ekwaziseni izenzo zakhe ezimangalisayo, siyozithola sichichima ngenxa yobuhle bakhe. (IHu. 145:7) Siyodumisa uJehova ngentshiseko ngazo zonke izikhathi ezifanelekayo.
3 Ngokudumisa UJehova Engxoxweni Yansuku Zonke: Lapho sixoxa nomakhelwane, esifunda nabo, esisebenza nabo, nabanye esihlangana nabo nsuku zonke, singase sithole amathuba okuhlanganyela nabo ithemba lethu. Umakhelwane angase aveze ukukhathazeka kwakhe ngobugebengu obusemphakathini; ofunda naye kungenzeka ukhathazeke ngokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa noma ukuziphatha okubi; osebenza naye angase asho iphuzu elithile elimayelana nezombangazwe. Singase simbonise izimiso nezithembiso eziseZwini likaNkulunkulu ezibonisa inkambo efanele yokuthathwa manje kanye nekhambi lokugcina lalezi zinkinga. Amazwi anjalo ashiwo ‘ngesikhathi sawo’ angaba isibusiso!—IzAga 15:23.
4 Ngokukhuluma NgoJehova Isikhathi Esigcwele: Umuntu onokwazisa okujulile ngoJehova ufuna ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabantu abaningi ngangokunokwenzeka. (IHu. 40:8-10) Kulendaba kufanele sizibuze, ‘Ingabe ngenza konke izimo zami ezingivumela ukuba ngikwenze?’ Abaningi baye bathola ukuthi ngokulungisa nje okungatheni, baye bakwazi ukuba amaphayona avamile. Uma izimo zamanje zingakuvumeli lokho, singabhalisa yini njengamaphayona asizayo? Njengoba inkathi ezayo yeSikhumbuzo iyisikhathi somsebenzi owandisiwe, inyanga ka-March neka-April zizoba isikhathi esihle sokwandisa inkonzo yethu ngobuphayona obusizayo.
5 Ngokusiza Abasha Ukuba Bahlanganyele Nathi Ekubongeni UJehova: Umkhosi weSikhumbuzo sokufa kukaJesu njalo usikhumbuza izizathu zokubonga uJehova nokudumisa igama laKhe. Lesi isikhathi esihle ngokukhethekile sokukhuthaza abantu esifunda nabo iBhayibheli ukuba bahlanganyele nathi ekukhulumeni obala ngobukhosi bukaJehova. Bakhuthaze ukuba bakucabangele ngomthandazo lokho okushiwo ezigabeni 7-9 emakhasini 173-5 encwadini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Uma befaneleka, abanaso isizathu sokungakwenzi ngoba nje bengenakho okuhlangenwe nakho. Abamemezeli abanekhono bakhona ukuze bababonise ukuthi umsebenzi wokushumayela ngoMbuso wenziwa kanjani. Uma abasanda kuhlanganyela bengaqunga isibindi sokukhuluma izindaba ezinhle, bangaqiniseka ukuthi uJehova uyobasiza.—IzE. 4:31; 1 Thes. 2:2.
6 Sizilethela thina nabanye izinzuzo zaphakade uma sifuna ukudumisa uJehova usuku lonke.