Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/96 k. 2
  • Imihlangano Yenkonzo Ka-July

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yenkonzo Ka-July
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-July 1
  • Isonto Eliqala Ngo-July 8
  • Isonto Eliqala Ngo-July 15
  • Isonto Eliqala Ngo-July 22
  • Isonto Eliqala Ngo-July 29
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 7/96 k. 2

Imihlangano Yenkonzo Ka-July

Isonto Eliqala Ngo-July 1

INgoma 90

12 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Khumbuza abamemezeli ukuba bawubike ngokushesha umbiko wabo wenkonzo yasensimini ka-June. Unobhala nabaqhubi bezifundo zencwadi kufanele bahlole ukuthi isifakiwe yini yonke imibiko yezinyanga ezedlule ebingakalethwa.

15 imiz: “Ukufeza Isifungo Sethu Imihla Ngemihla.” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nokukhulumela okukuyi-Insight, Umqulu 2, ikhasi 1162, izigaba 6-7, ubonise ukuthi kungani isifungo siyisibopho esingathi sína.

18 imiz: “Lingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye Ngobuqotho.” (Izigaba 1-3) Sebenzisa isigaba sokuqala ukuze uthuthukise isihloko. Thola ukuthi iziphi izincwajana ezingangomagazini ezisesitokweni sebandla ezingase zamukeleke kahle ensimini yenu. Yibe usubukeza izigaba 2-3 kuphela, bese kuba nemiboniso ebonisa indlela ukuhambela kokuqala nempindelo okungase kwenziwe ngayo ngencwajana engangomagazini ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Bonisa indlela abamemezeli abangazakhela ngayo intshumayelo yabo yokuhambisa enye incwajana engase ifaneleke ensimini yebandla.

INgoma 112 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-July 8

INgoma 43

10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.

15 imiz: “Lingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye Ngobuqotho.” (Izigaba 4-5) Xoxani ngezigaba 4-5 kuphela nangamanye amaphuzu avelele encwajana engangomagazini ethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Makube sekuba nemiboniso yezintshumayelo ezisikiselwe zokuhambela kokuqala nokwenza impindelo.

20 imiz: “Kudingeka Abazalwane Abengeziwe Enkonzweni Yamaphayona.” Imibuzo nezimpendulo. Uma isikhathi sivuma, bukeza izindlela ezisikiselwe okunganakekelwa ngazo izidingo zezimali, njengoba kwaxoxwa ngakho kuyi-Nqabayokulinda ka-September 15, 1993, amakhasi 28-31.

INgoma 16 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-July 15

INgoma 162

10 imiz: Izaziso zebandla. Umbonisi wenkonzo kufanele azise ibandla ngamalungiselelo okugcina ensimini engabelwe—izinsuku, indawo ezosetshenzwa, indawo yokulala, amalungiselelo ezinto zokuhamba, kanye nezincwadi ezizohanjiswa.

20 imiz: “Wake Wakuzama Yini Ukufakaza Kusihlwa?” Inkulumo ehlanganyelwa nezilaleli bese kuba nezingxoxo. Phawula lokho okuye kwaqapheleka endaweni lapho kusetshenzwa insimu ntambama. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okubonisa imiphumela emihle yokufakaza kusihlwa. Chaza isimiso sebandla sesonto ngalinye semihlangano yenkonzo.

15 imiz: “Lingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye Ngobuqotho.” (Izigaba 6-8) Sebenzisa isigaba sokugcina sesihloko ukuze ubakhuthaze bonke ukuba benze izimpindelo ngokushesha kulabo ababahambisela izincwajana ezingangomagazini. Usebenzisa izigaba 6-7, makube nemiboniso ebonisa indlela yokuhambisa incwajana engangomagazini ethi Injongo Yokuphila ekuhambeleni kokuqala nendlela yokuqala isifundo esahlukweni sokuqala sencwadi ethi Ulwazi lapho kwenziwa impindelo. Khumbuza abamemezeli ukuthi bangazenzela izintshumayelo zabo zokuhambisa ezinye izincwajana ezingangomagazini, belandela isibonelo sezintshumayelo ezisikiselwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.

INgoma 64 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-July 22

INgoma 108

10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza kafushane omagazini bamuva, uveze amaphuzu athakazelisayo angase asetshenziswe lapho sibahambisa ezindlini.

15 imiz: Phishekela Umgomo Wenkonzo Yesikhathi Esigcwele. Ingxoxo phakathi komdala nowevé eshumini nambili oyedwa noma ababili, esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-December 15, 1988, amakhasi 25-7. Intsha izama ukunquma ukuthi imiphi imigomo engayiphishekela ngemva kokuqeda imfundo ephakeme. Ibonisa isithakazelo ezinzuzweni zezinto ezibonakalayo ezinikezwa imisebenzi yalelizwe. Umdala uveza izizathu ezinhle zokuthi kungani kungaba ngcono kakhulu ukuba ilwele ukungenela inkonzo yamaphayona. Laba abevé eshumini nambili bayavuma kodwa bayangabaza ukuthi bangakwazi ukuphayona futhi bazinakekele ngokwezinto ezibonakalayo. Umdala uhlanganyela nabo okuhlangenwe nakho okusesihlokweni se-Nqabayokulinda, esibonisa ukuthi inkonzo yamaphayona iwumgomo ongengaphezu kwamandla, ofinyelelekayo obalethela injabulo abantu abaningi. Ingxoxo iphetha ngokuthi bazwakalise ukuwazisa amazwi omdala kanye nokuzimisela kwabo ukuwucabangela ngokungathi sína umgomo wokuba nengxenye egcwele enkonzweni yoMbuso.

20 imiz: “Indlela Yokwenza Abafundi Ngencwadi Ethi Ulwazi.” Inkulumo ehlanganisa izigaba 12-16 zesenezelo sika-June 1996. Hlanganisa nemiboniso emibili kuqhutshwa kuyo isifundo seBhayibheli. Owokuqala ubonisa indlela yokuqeqesha umfundi ukuba alungiselele isifundo ngokudwebela amagama nemisho eyisihluthulelo ephendula ngokuqondile imibuzo esencwadini. Owesibili ubonisa lokho ongase ukusho ukuze ukhuthaze umuntu ofunda naye iBhayibheli ukuba abekhona eMhlanganweni Weningi naseSifundweni Se-Nqabayokulinda.

INgoma 116 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-July 29

INgoma 212

10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza esithi “Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda.” Nikeza isikhumbuzo ngamalungiselelo okusebenza insimu engabelwe. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini yango-July. Bakhumbuze bonke ngemfudumalo ukuba bahlanganyele ngokugcwele enkonzweni yasensimini phakathi nenyanga yokugcina yonyaka wenkonzo.

20 imiz: Yini Edingekayo Ukuze Uthole Isifundo SeBhayibheli? Umdala uqondisa ingxoxo ephakathi kwabantu ababili noma abathathu abaye bathola impumelelo emsebenzini wezifundo zeBhayibheli, bebukeza izindlela zokuphumelela ngokwengeziwe ekuqaleni izifundo: (1) Thandazela usizo lukaJehova. (2) Hlanganyela njalo ezicini ezihlukahlukene zenkonzo ukuze uthole abantu abathakazelayo. (3) Babhale phansi bonke abanesithakazelo, bese ushesha uphindela. (4) Njalo sikisela isifundo kunoma ubani obonisa isithakazelo. (Bheka isihlokwana esithi “Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli,” esisekhasini 20 le-Nqabayokulinda ka-February 15, 1996.) (5) Hlakulela ukulethemba ikhono lakho lokufundisa ngokusebenzisa izindlela ezine ezisikiselwe ezichazwe kuyi-Nqabayokulinda ka-March 15, 1985, amakhasi 27-31 [w84 8/1 kk. 13-17].

15 imiz: Izidingo Zebandla. Noma umdala anikeze inkulumo ngesithi “Induduzo Nesikhuthazo—Amagugu Anezinhlangothi Eziningi,” esikuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 1996, amakhasi 21-3.

INgoma 165 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela