Hamba Ngokholo
1 Izigidi zabantu zigxilisa ukuphila kwazo ezintweni ezibonakalayo, ngobuwula zithembele emandleni akhohlisayo engcebo. (Math. 13:22) Zifunda kanzima lapho ingcebo yazo ilahleka noma yebiwa noma ingazisizi. Sikhuthazwa ukuba siphishekele inkambo ewukuhlakanipha, ukuzabalazela ukuthola amagugu angokomoya. (Math. 6:19, 20) Lokhu kuhlanganisa ‘ukuhamba ngokholo.’—2 Kor. 5:7.
2 Igama elithi “ukholo” lihunyushwe lisuselwa egameni lesiGreki elidlulisela umqondo wokuthembela, ukwethemba, ukuqiniseka ngokuphelele. Ukuhamba ngokholo kusho ukubhekana nezimo ezinzima ngokuthembela kuNkulunkulu, ukuthemba amandla akhe okuqondisa izinyathelo zethu nasekuzimiseleni kwakhe ukunakekela izidingo zethu. UJesu wabeka isibonelo esiphelele; wayegxile kulokho okwakubaluleke ngempela. (Heb. 12:2) Nathi sidinga ukuhlala sigxilise izinhliziyo zethu ezintweni ezingabonwa, ezingokomoya. (2 Kor. 4:18) Kufanele sihlale sicabanga ngokungaqiniseki kokuphila kwethu kwamanje futhi siqaphele ukuthi sincike kuJehova ngokuphelele.
3 Kufanele siqiniseke ngokuphelele ukuthi uJehova uyasihola ngenhlangano yakhe ebonakalayo ngaphansi kokuqondisa ‘kwenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Math. 24:45-47) Sibonisa ukholo lwethu uma ‘silalela abasiholayo’ ebandleni. (Heb. 13:17) Ukubambisana ngokuthobeka nelungiselelo lasezulwini kubonisa ukwethemba kwethu uJehova. (1 Pet. 5:6) Kufanele sishukumiseleke ukuba siwusekele ngenhliziyo ephelele umsebenzi inhlangano ewunikezwe ukuba iwenze. Lokhu kuyosisondeza eduze nabafowethu esibophweni esiqinile sothando nobunye.—1 Kor. 1:10.
4 Indlela Yokuqinisa Ukholo: Akufanele sivumele ukholo lwethu lume ndawonye. Kudingeka silwe kanzima ukuze siluqinise. Ukutadisha njalo, ukuthandaza, nokuba khona emihlanganweni kuyoluqinisa ukholo lwethu, ukuze ngosizo lukaJehova, lumelane nanoma iluphi uvivinyo. (Efe. 6:16) Ingabe usunaso isimiso esimile sokufunda iBhayibheli nsuku zonke nesokulungiselela imihlangano? Ingabe ngokuvamile uyazindla ngalokho okufundayo, futhi ingabe uyaya kuJehova ngomthandazo? Ingabe kuwumkhuba wakho ukuya kuyo yonke imihlangano nokuhlanganyela kuyo uma ithuba livuleka?—Heb. 10:23-25.
5 Ukholo oluqinile lubonakala ngemisebenzi emihle. (Jak. 2:26) Enye yezindlela ezingcono kakhulu zokubonisa ukholo iwukumemezela ithemba lethu kwabanye. Ingabe uyawafuna amathuba okuhlanganyela nabanye izindaba ezinhle? Ingabe izimo zakho zingalungiswa ukuze ukwazi ukwenza okwengeziwe enkonzweni? Ingabe uyakusebenzisa ukusikisela esikunikezwayo kokuthuthukisa izinga nokuphumelela kwenkonzo yethu? Ingabe uyazibekela imigomo yomuntu siqu engokomoya bese uzikhandla ukuba uyifinyelele?
6 UJesu waxwayisa ngokuba matasa ngokweqile ngeminako yokuphila yansuku zonke nokuvumela izithakazelo zezinto ezibonakalayo noma zobugovu zifiphaze umbono wethu ongokomoya. (Luka 21:34-36) Kufanele siqaphelisise indlela esihamba ngayo ukuze sigweme ukufelwa umkhumbi wokholo lwethu. (Efe. 5:15; 1 Thim. 1:19) Sonke sinethemba lokuthi ekugcineni siyokwazi ukusho ukuthi ‘sikulwile ukulwa okuhle, siligijimile ibanga saze sayoqeda, silugcinile ukholo.’—2 Thim. 4:7.